Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/98 k. 1
  • Kumelwe Siphindele Ngokuphindaphindiwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kumelwe Siphindele Ngokuphindaphindiwe
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Qhubekani Nishumayela UMbuso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • “Sesiyisebenze Kaningi Insimu Yethu!”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Kungani Silokhu Siphindela?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Ungakhathali Ekwenzeni Okuhle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
km 12/98 k. 1

Kumelwe Siphindele Ngokuphindaphindiwe

1 Ingabe wasabela kahle zisuka nje lapho othile ekhuluma nawe ngezindaba ezinhle? Uma kungenjalo, kumelwe ubonge ngokuthi oFakazi BakaJehova babuya ngokuphindaphindiwe kwaze kwaba yilapho ekugcineni usamukela isifundo seBhayibheli. Kuhle ukukukhumbula lokho lapho usebenza insimu eniyabelwe ngokuphindaphindiwe.

2 Ukuphila kwabantu kuyashintshashintsha njalo. Babhekana nezinkinga noma nezimo ezintsha, bezwa ngezenzakalo ezithusayo ezenzeka emphakathini noma emhlabeni, babhekana nezimo ezinzima zezomnotho, ukugula noma ukufa kothile emkhayeni. Izinto ezinjalo zingababangela ukuba bafune ukwazi imbangela yalezi zinhlupheko. Kufanele siziqaphele izinto ezibakhathazayo abantu bese sibanikeza isigijimi esiduduzayo.

3 Lona Umsebenzi Wokutakula: Cabanga ngabatakuli endaweni enenhlekelele. Nakuba kungenzeka ukuthi abanye bafuna endaweni abathola kuyo abantu abambalwa abasindile, abadebeseli bese beyeka ngenxa nje yokuthi abanye abatakuli bathola abantu abaningi abasindile kwenye indawo. Akukashiwo ukuthi umsebenzi wethu wokutakula usuphelile. Unyaka ngamunye, kutholakala amakhulu ezinkulungwane afuna ukusinda “osizini olukhulu.”—IsAm. 7:9, 14.

4 “Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.” (Roma 10:13-15) Lawa mazwi kufanele agcizelele kithi ngabanye isidingo sokuphikelela ekushumayeleni. Izingane ezazisencane lapho siqala ukuhlanganisa insimu yethu sezikhulile manje futhi sezingazinqumela ngekusasa lazo nangalokho ezihlose ukukwenza ekuphileni. Asikwazi ukubona ukuthi obani abayolalela ekugcineni. (UmSh. 11:6) Abaningi ababengabaphikisi baye balamukela iqiniso. Umsebenzi wethu awukona ukwahlulela abantu, kodwa uwukuqhubeka sibanikeza ithuba lokuzwa nelokutakulwa kuleli lizwe elidala. Njengoba abafundi bakaJesu bokuqala benza, kumelwe ‘siye njalo’ kubantu futhi sizame ukubenza babe nesithakazelo esigijimini soMbuso.—Math. 10:6, 7.

5 Iqiniso lokuthi lisekhona ithuba lokuba sishumayele libonisa isihe sikaJehova. (2 Pet. 3:9) Njengoba sivumela abanye ukuba bezwe isigijimi ngokuphindaphindiwe, siqokomisa uthando lukaNkulunkulu, futhi ngale ndlela siyamdumisa.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela