Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo
Umkhosi weSikhumbuzo kulo nyaka uzoba ngoLwesine, April 1. Abadala kufanele banakekele lezi zinto ezilandelayo:
◼ Lapho nimisa isikhathi somhlangano, qikelelani ukuthi izifanekiselo ngeke zidluliswe lingakashoni ilanga.
◼ Wonke umuntu, kuhlanganise nesikhulumi, kufanele atshelwe isikhathi esiqondile kanye nendawo yalo mkhosi.
◼ Akubalulekile ukuba kube nosihlalo, ngoba isikhulumi singawenza umsebenzi kasihlalo.
◼ Kufanele kutholwe futhi kulungiswe uhlobo olufanele lwesinkwa newayini.—Bheka INqabayokulinda ka-February 15, 1985, ikhasi 17 [w85 2/15 k. 19].
◼ Amapuleti, izingilazi netafula elifanelekile kanye nendwangu yalo kufanele kulethwe kusengaphambili ehholo bese kubekwa endaweni yako.
◼ IHholo LoMbuso noma enye indawo okuzohlanganwa kuyo kufanele ihlanzisiswe kusengaphambili.
◼ Abalindi nabazodlulisa izifanekiselo kufanele bakhethwe futhi banikwe iziyalezo kusengaphambili ngokuphathelene nemisebenzi yabo nenqubo efanele ezolandelwa.
◼ Kufanele kwenziwe amalungiselelo okuyisa izifanekiselo kunoma yibaphi abagcotshiwe abaxhwalile abangeke bakwazi ukuba khona.
◼ Uma iHholo LoMbuso lizosetshenziswa amabandla angaphezu kwelilodwa, kufanele kube khona ukubambisana okuhle ukuze kungabi bikho ukuminyana okungadingekile eminyango, emagcekeni nasendaweni yokupaka izimoto.