Izindaba Ezingokwasezulwini
◼ E-Armenia: Umbiko wango-December ubonisa ukuthi ummemezeli ngamunye kwabangu-4 741 wenza isilinganiso samahora angu-16 enkonzweni. Leli nani elisha eliphakeme labamemezeli liwukwanda okungamaphesenti angu-17 ngaphezu kwesilinganiso sangonyaka odlule.
◼ EChile: Amahora amasha afuneka kumaphayona ájatshulelwa kakhulu, njengoba kuboniswa inani eliphakeme lamaphayona avamile angu-4 351 abika ngo-January. Kwabika namaphayona asizayo angu-5 175, okuyinani elihle kakhulu kulo nyaka wenkonzo.
◼ E-Ukraine: Kubamemezeli abangu-100 129 ababika ngo-January, abangamaphesenti angu-12 babesenkonzweni yesikhathi esigcwele yohlobo oluthile. I-Ukraine yafinyelela amaphayona avamile angu-5 516—okuyinani eliphakeme lama-27 ngokulandelana—kanti abanye abamemezeli abangu-6 468 babika njengamaphayona asizayo.