“Hlala Endabeni!”
1 Wake wezwa umninikhaya ekungen’emlonyeni lapho usethula intshumayelo yakho oyilungiselele kahle, ngamazwi athi: “Ufunani? Hlala endabeni!” Singafundani kulokhu?
2 Abantu abaningi namuhla abanaso isineke. Bafuna ukwazi ukuthi singobani nokuthi sizokwenzani. Lapho bethola ukuthi injongo yokuvakasha kwethu ukuzoxoxa ngeBhayibheli, bangase bangafuni ukulalela. Ukufunda iBhayibheli nezingxoxo ezingokomoya akuzona izinto ezibalulekile ekuphileni kwabantu abaningi. Singabenza kanjani abaninikhaya abanjalo bazinike imizuzu embalwa yokuxoxa nathi ngesihloko seBhayibheli?
3 Okusebenza Kangcono: Into ebalulekile ukubonisa umninikhaya ukuthi iBhayibheli linikeza amakhambi awusizo ezinkingeni ezimkhathazayo futhi sikwenze lokho ngamazwi ambalwa ngangokunokwenzeka. Izintshumayelo eziphumelelayo yilezo eziphakamisa umbuzo oklanyelwe ukwenza umninikhaya acabange, bese kulandela umbhalo ophendula lowo mbuzo. Ungase ukujabulele ukuzama okunye kokusikisela okulandelayo. Kuklanyelwe ukusisiza ukuba “sihlale endabeni” ngokushesha kuyilapho sivusa isithakazelo kumninikhaya.
4 Ensimini enabantu abavame ukuthi abanasithakazelo, phakamisa umbuzo obahilelayo:
◼ “Njengoba sisondela kule nkulungwane yeminyaka ezayo, ingabe uzizwa unethemba noma ungaqiniseki? [Lindela impendulo.] IBhayibheli labikezela iziphithiphithi esizibonayo namuhla kanye nemiphumela yazo.” Funda eyesi-2 Thimothewu 3:1, 2, 5 nezAga 2:21, 22.
◼ “Kuleli zwe abantu bakhathazeke kakhulu ngokunakekelwa kwempilo. Bewazi yini ukuthi uNkulunkulu uthembisa ukuthi uzozixazulula phakade zonke izinkinga zempilo?” Funda isAmbulo 21:3, 4.
◼ “Ucabanga ukuthi umphakathi wethu ubungazuza kanjani ukube wonke umuntu ophila kule ndawo ubesebenzisa izimiso zeBhayibheli?” Funda uMathewu 22:37-39.
5 Njengoba sithunywe ukuba sishumayele izindaba ezinhle zoMbuso, kufanele njalo uma kunokwenzeka, sigcizelele lokho okuzofezwa uMbuso. Ungase uthi:
◼ “Bewazi yini ukuthi incwadi endala kunazo zonke emhlabeni, iBhayibheli, yabikezela ukuthi kuyoba khona uhulumeni owodwa emhlabeni wonke?” Funda uDaniyeli 2:44.
◼ “Ucabanga ukuthi izimo beziyoba njani ukube bekunguJesu Kristu obusa umhlaba?” Funda iHubo 72:7, 8.
6 Ensimini enabantu abathanda inkolo, ungase uzame esinye salezi zethulo:
◼ “Abantu abaningi bayabandlululwa ngenxa yobulili babo, inkolo noma ibala. Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani ngobandlululo olunjalo?” Funda izEnzo 10:34, 35.
◼ “Siyazi ukuthi uJesu Kristu wenza izimangaliso eziningi ngosuku lwakhe. Uma ubungase ukwazi ukumcela ukuba enze isimangaliso nje esisodwa, yisiphi obungathanda ukuba asenze?” Funda iHubo 72:12-14, 16.
7 Uma umninikhaya emadolonzima ukunamukela, ungase uqale ingxoxo ngokuba uthi:
◼ “Abantu abaningi namuhla bakhathele ukuzwa ngezinkinga. Sebefuna ukuzwa ukuthi ayini amakhambi azo. Akungabazeki ukuthi nawe uzizwa ngendlela efanayo. Kodwa singawatholaphi amakhambi angempela ezinkinga zethu?” Lindela impendulo. Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16, 17.
8 Kungani Ungakuzami? Ngokuvamile kudingeka nje umbuzo olula, ocacile ukuze kuvuswe isithakazelo somninikhaya. Owesifazane othile owayephikisa wangenisa odade ababili emzini wakhe ngemva kokuba omunye wabo ebuzile: “Ingabe uyawazi uMbuso owuthandazelayo eMthandazweni WeNkosi?” Lo mbuzo wavusa isithakazelo kulona wesifazane, futhi wamukela isifundo seBhayibheli. Manje uyisikhonzi sikaJehova esizinikezele!
9 Lapho ukhuluma nomninikhaya, yiba qotho kulokho okushoyo. Khuluma ngokusuka enhliziyweni. Abantu bayosabela kahle uma beqiniseka ukuthi sinesithakazelo ngempela kubona.—IzE. 2:46, 47.
10 Umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle uyinselele namuhla. Abanye abaninikhaya ababethembi abantu abangabazi. Abanye bahlala bematasa futhi abanaso isikhathi. Nakuba kunjalo, singaqiniseka ukuthi basebaningi abafanelekayo abangatholakala. (Math. 10:11) Imizamo yethu yokubafuna iyophumelela kakhulu uma izintshumayelo zethu sizigcina zimfushane futhi “sihlale endabeni!”