Ukusebenzisa I-Internet—Qaphela Izingozi!
1 Abantu bakaJehova bayakujabulela ukuba nobudlelwane obakhayo nabanye. Bayakujabulela ukuhlanganyela okuhlangenwe nakho kwasenkonzweni yasensimini futhi bayakwazisa ukuzwa izenzakalo eziphathelene noFakazi BakaJehova nomsebenzi woMbuso embulungeni yonke. Bayathanda ukuzwa noma yini ephawulekayo engase yenzeke kubafowabo, njengezingozi noma izinhlekelele zemvelo, futhi bayafuna ukwazi ukuthi kukhona yini abangakwenza ukuze basize. Isithakazelo esinjalo sibonisa ubunye bobuzalwane, okubonisa ukuthi siyathandana ngempela.—Joh. 13:34, 35.
2 Namuhla, siyashesha ukuzwa ngezenzakalo zomhlaba. Imisakazo namathelevishini kuzisakaza bukhoma zonke izenzakalo kubalaleli embulungeni yonke. Ucingo nalo lwenza sikwazi ukuxhumana ngokushesha nabantu emhlabeni wonke. Into engundabuzekwayo muva nje emhlabeni wonke kwezokuxhumana i-Internet.—Bheka i-Phaphama! ka-July 22, 1997.
3 Ukusungulwa kocingo kwavula indlela yokuba abantu ngabanye baxhumane ngokushesha emhlabeni wonke. Nakuba ucingo luwusizo kakhulu, kudingeka ukuqapha endleleni olusetshenziswa ngayo, ngoba lungaba ithuluzi lobungane noma izenzo ezingezinhle, futhi ukulusebenzisa ngokweqile kungaba izindleko. Ithelevishini nomsakazo kungaba amathuluzi amahle kwezemfundo. Nokho, ngokudabukisayo eziningi zezinhlelo ziyonakalisa ekuziphatheni, futhi ukuzibuka kudla isikhathi. Kuwukuhlakanipha ukuba abakhetha kakhulu ekusebenziseni ithelevishini nomsakazo.
4 I-Internet yenza ukuba umuntu axhumane nezigidi zabantu emhlabeni wonke ngendlela engabizi kakhulu, futhi ikuvulela umnyango wokwaziswa okuningi. (Phaphama!, January 8, 1998) Nokho, ukusebenzisa i-Internet ngokungakhethi kungenza umuntu abe sengozini enkulu ngokomoya nangokuziphatha. Kanjani?
5 Abaningi bayakhathazeka ngokwaziswa okutholakala kalula okubonisa indlela yokwakha izikhali kuhlanganise namabhomu. Izimboni zikhononda ngesikhathi esiningi esichithwa izisebenzi zisebenzisa i-Internet. Izincwadi zethu ziye zakhuluma kakhulu ngezingozi ezingokomoya ezisobala ezikuyi-Internet. Izingosi eziningi ze-Internet zinokwaziswa okunobudlova nokuziphatha okungcolile kobulili okungawafanele neze amaKristu. (IHu. 119:37) Ngaphandle kwalezi zingozi, kunenye ingozi ewumshoshaphansi okudingeka ikakhulukazi oFakazi BakaJehova bayiqaphele. Iyini le ngozi?
6 Ubungamamukela emzini wakho umuntu ongamazi ungakabuzi ukuthi ungubani? Kuthiwani uma ingekho indlela yokwazi ukuthi ungubani? Ubungamshiya umuntu onjalo eyedwa nezingane zakho? Yilokho kanye okungenzeka nge-Internet.
7 Ungathola ukwaziswa okuthunyelwa nge-computer okuvela kubantu ongabazi futhi nawe ukuthumele kubo. Kungokufanayo nalapho nixoxa ngomshini ngamagumbi ezingxoxo e-Internet. Abaxoxayo bangase bathi bangoFakazi BakaJehova, kodwa ngokuvamile ababona. Omunye angase athi usemusha kanti akunjalo. Noma umuntu angase aqambe amanga athi ungowobulili angebona.
8 Ukwaziswa okudluliselwa kuwe kungeza njengokuhlangenwe nakho noma ukukhulumela mayelana nezinkolelo zethu. Lokhu kwaziswa kudluliselwa kwabanye, nabo abakudlulisela kwabanye. Lokho kwaziswa ngokuvamile awunandlela yokukuqinisekisa futhi kungase kungabi iqiniso. Lokho kukhulumela kungenzeka kuyindlela ecashile yokusakaza umqondo wezihlubuki.—2 Thes. 2:1-3.
9 Ucabanga ngalezi zingozi, uma usebenzisa i-Internet, zibuze: ‘Ngiyisebenziselani? Ikhona yini ingozi yokuba ngilimale ngokomoya ngenxa yendlela engiyisebenzisa ngayo? Kungenzeka yini ukuthi ngiba nesandla ekulimaleni kwabanye ngokomoya?’
10 Izingosi ‘ZoFakazi BakaJehova’: Ngokwesibonelo, cabanga ngezingosi ezithile ze-Internet ezihlelwe abathile abathi bangoFakazi BakaJehova. Bakumema ukuba uvule ingosi yabo ufunde okuhlangenwe nakho okuthunyelwe abanye abathi bangoFakazi. Ukhuthazwa ukuba uveze imibono yakho ngezincwadi zeNhlangano. Abanye banikeza ukusikisela ngezintshumayelo ezingase zisetshenziswe enkonzweni yasensimini. Lezi zingosi zivula amagumbi ezingxoxo lapho ningaxhumana khona nabanye bukhoma, kube njengokungathi nixoxa ngocingo. Ngokuvamile zikubhekisela kwezinye izingosi lapho ungaqhuba khona ubudlelwano ngocingo noFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Kodwa ungakwazi yini ngempela ukubona ukuthi laba oxhunyaniswa nabo abahlelwanga izihlubuki?
11 Ubudlelwane obuqhutshwa nge-Internet bungase bungavumelani nalokho okutuswa kweyabase-Efesu 5:15-17. Umphostoli uPawulu wabhala: “Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo, nizithengisisela ithuba, ngoba izinsuku zimbi. Ngenxa yalokhu yekani ukuba abangenangqondo, kodwa qhubekani niqonda ukuthi iyini intando kaJehova.”
12 Ibandla lobuKristu liyindlela engokwasezulwini esondliwa ngayo ngokomoya ‘yisigqila esikholekile nesiqondayo.’ (Math. 24:45-47) Enhlanganweni kaNkulunkulu, sithola isiqondiso nesivikelo esisigcina sihlukile ezweni kanye nesikhuthazo sokuba sihlale simatasa emsebenzini weNkosi. (1 Kor. 15:58) Umhubi wabonisa ukuthi wayethola injabulo nomuzwa wokulondeka kubantu bakaNkulunkulu abahlangene. (IHu. 27:4, 5; 55:14; 122:1) Ibandla futhi liyabasekela ngokomoya futhi libasize labo abahlanganyela nalo. Kulo, ungathola iqembu labangane abanothando nabakhathalelayo—abantu obazi ngokoqobo abakulungele futhi abazimisele ukusiza nokududuza abanye ngezikhathi ezinzima. (2 Kor. 7:5-7) Amalungu ebandla avikelwa yilungiselelo elingokomBhalo lokususa ekuhlanganyeleni labo abona bangaphenduki noma abathuthukisa umqondo wezihlubuki. (1 Kor. 5:9-13; Thithu 3:10, 11) Ingabe singalindela ukuthola la malungiselelo afanayo othando uma siba nobudlelwano nabanye nge-Internet?
13 Kuye kwaba sobala ukuthi akunjalo. Ezinye izingosi ze-Internet zimane nje ziwumlomo wokusakaza inkulumo-ze yezihlubuki. Izingosi ezinjalo zingase zisho okuhlukile, futhi labo abazithuthukisayo bangase banikeze incazelo eningiliziwe eqinisekisayo ukuthi bangoFakazi BakaJehova ngempela. Bangase bacele ngisho nokwaziswa kuwe okuqinisekisayo ukuthi unguye ngempela uFakazi KaJehova.
14 UJehova ufuna ukuba usebenzise ukuqonda. Ngani? Ngoba uyazi ukuthi kuyokulonda ezingozini ezihlukahlukene. IzAga 2:10-19 ziqala ngokuthi: “Ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho, ukwazi kube mnandi emphefumulweni wakho. Amasu ayakukulinda, ukuqonda kukugcine.” Kukugcine kuphi? Ezintweni ‘ezinjengendlela yobubi,’ labo abashiya indlela yobuqotho, nabantu abaziphatha kabi abakhohlisayo endleleni yabo yokuphila.
15 Lapho siseHholo LoMbuso, asingabazi ukuthi sinabafowethu. Siyabazi. Akekho ongabaza ubuqiniso balokhu ngoba uthando lobuzalwane lukwenza kube sobala. Akudingeki siveze ubufakazi obuqinisekisa ukuthi ngempela singoFakazi BakaJehova. Yilapha lapho sithola khona ukukhuthazana uPawulu akhuluma ngakho kumaHeberu 10:24, 25. Izingosi ze-Internet ezikhuthaza ukuqhutshwa kobudlelwane ngocingo asinakuthembela kuzo ukuba zisinikeze lokhu. Ukukhumbula amazwi eHubo 26:4, 5 kungasiqaphelisa izingozi esingahlangabezana nazo kalula lapho sisebenzisa izingosi ze-Internet.
16 Akukho mingcele elawula uhlobo nesilinganiso sokwaziswa okunikezwa abantu abasebenzisa i-Internet. Ngokuvamile, kuyi-Internet izingane nentsha ziyizisulu ezilula zobugebengu nokuxhashazwa. Izingane zithemba konke, zinelukuluku lokufuna ukwazi futhi zilubalubela ukuhlola lo mkhakha omusha wama-computer anokwaziswa okuxhunyanisiwe (cyberspace). Khona-ke, abazali kudingeka bagade izingane zabo futhi bazinikeze isiqondiso esinengqondo esingokomBhalo sendlela yokusebenzisa i-Internet, njengoba nje bengaqondisa ukukhetha kwazo umculo namabhayisikobho.—1 Kor. 15:33.
17 Kuyadabukisa ukuthi abanye ababengabafowethu nodadewethu kuye kwadingeka basuswe ekuhlanganyeleni ngenxa yobudlelwane obaqala ngokuxhumana nabantu bezwe emagumbini ezingxoxo e-Internet kamuva baholela ekuziphatheni okubi. Ngokushaqeka kokungakholwa, abadala baye babhala ukuthi abanye baye babashiya ngokoqobo abayeni babo noma omkabo ukuze baqhube ubuhlobo obaqala nge-Internet. (2 Thim. 3:6) Abanye baye bashiya iqiniso ngenxa yokukholelwa ukwaziswa okunikezwa izihlubuki. (1 Thim. 4:1, 2) Ngenxa yalezi zingozi ezingathi sína, ingabe akubonakali kunengqondo yini ukuba singahileleki ezinhlelweni zezingxoxo ezikuyi-Internet? Ngokuqinisekile, ukusebenzisa ukuhlakanipha, ulwazi, amandla okucabanga kanye nokuqonda okukhulunywa ngakho kuyizAga 2:10-19 kuyosilondoloza kulokhu.
18 Kuyaqapheleka ukuthi kunabathile abaye basungula izingosi ze-Internet ngesisusa esiqotho sokushumayela izindaba ezinhle. Eziningi zalezi zingosi zithuthukiswa abazalwane abangenakho ukuqonda. Ezinye izingosi zingase zixhaswe izihlubuki ezifuna ukuyenga abangaqaphile. (2 Joh. 9-11) INkonzo Yethu YoMbuso ka-November 1997, ikhasi 3, ikhulumela ukuthi sikhona yini isidingo sokuba abafowethu bafake ukwaziswa okunjalo engosini ye-Internet, yathi: “Asikho isidingo sokuba noma ubani alungiselele ukwaziswa kokufakwa kuyi-Internet ngoFakazi BakaJehova, imisebenzi esiyenzayo noma izinkolelo zethu. Ingosi yethu esemthethweni [www.watchtower.org] inikeza ukwaziswa okunembile kunoma ubani okufunayo.”
19 Izincwadi Zokufunda Ezitholakala Kuyi-Internet? Abanye baye baba nomuzwa wokuthi bakhonza abafowabo ngokufaka kuyi-Internet ukwaziswa okucwaningiwe mayelana nemisebenzi ehlukahlukene engokwasezulwini. Ngokwesibonelo, umuntu angase enze ukucwaninga okusekelwe ohlakeni lwenkulumo yeningi abese ekufaka kuyi-Internet, ecabanga ukuthi lokho kwaziswa kuzozuzisa labo abafuna ukulungiselela inkulumo efanayo. Abanye bangase bafake yonke imibhalo yeSifundo Se-Nqabayokulinda ezofundwa noma banikeze ukwaziswa kweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini noma iSifundo Sencwadi Sebandla. Abanye bangase banikeze ukusikisela ngendlela yokunikeza izintshumayelo enkonzweni yasensimini. Ingabe kuwusizo ngempela lokho?
20 Izincwadi ezilungiselelwe inhlangano kaJehova zishukumisa izingqondo zethu ngemiqondo eyakhayo futhi zisiqeqeshele ukuba ‘sihlukanise kokubili okulungile nokungalungile.’ (Heb. 5:14) Singasho yini ukuthi lokhu kuyafezeka uma sicwaningelwa abanye?
21 AbaseBereya kuthiwa ‘babenengqondo enhle kunalabo baseThesalonika.’ Ngani? Ngoba ‘bamukela izwi ngokulangazela okukhulu kakhulu kwengqondo, behlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezizinto.’ (IzE. 17:11) Nakuba uPawulu noSila babashumayeza, iqiniso lalingeke libe elabo uma bengahilelekile bona siqu.
22 Ukusebenzisa ukucwaninga komunye umuntu enkulumweni noma ekulungiseleleni umhlangano akuyifezi injongo yesifundo somuntu siqu. Akusona yini isifiso sakho ukwakha ukholo oluqinile lokuthi ngempela iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu? Unalokhu kuqiniseka komuntu siqu, ungalubonakalisa obala ukholo lwakho—ezinkulumweni zakho, ezimpendulweni emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini. (Roma 10:10) Ukusebenzisa ukucwaninga komunye umuntu akuvumelani nencazelo enikezwa encwadini yezAga 2:4, 5 yokuba wena siqu ‘ufune ukumazi uNkulunkulu njengesiliva, ukuphenye njengamagugu afihliweyo.’
23 Ngokwesibonelo, lapho ufunda imibhalo eBhayibhelini lakho siqu, ungabukeza kafushane umongo wombhalo ngamunye. ‘Ungazilandela ngokunembile zonke izinto,’ njengoba kwenza uLuka lapho eloba iVangeli lakhe. (Luka 1:3) Umzamo owengeziwe uyokusiza futhi ukuba ube nekhono lokuthola imibhalo enkonzweni nalapho unikeza izinkulumo. Abaningi baye bathi oFakazi BakaJehova babahlaba umxhwele ngoba bayakwazi ukusebenzisa amaBhayibheli abo. Lokhu kuyoba njalo nakithi uma sikwenza umkhuba ukuba thina siqu sifunde imibhalo emaBhayibhelini ethu.
24 Ukusebenzisa Isikhathi Sethu Ngokuhlakanipha: Okunye okufanele kucatshangelwe kulokhu isikhathi esichithwayo kulungiswa, kufundwa futhi kuphendulwa ukwaziswa okukuyi-Internet. IHubo 90:12 lisikhuthaza ukuba sithandaze: “Sifundise, Nkosi, ukubala izinsuku zethu, sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.” UPawulu wathi: “Isikhathi esesisele sinciphile.” (1 Kor. 7:29) Waphinde wathi: “Uma nje sinesikhathi esihle sakho, masisebenzeni okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.”—Gal. 6:10.
25 Iseluleko esinjalo siqokomisa isidingo sokuba sihlakaniphe endleleni esisebenzisa ngayo isikhathi sethu. Yeka indlela okuzuzisa ngayo ukuchitha isikhathi ufunda iZwi likaNkulunkulu! (IHu. 1:1, 2) Lobo ubudlelwane obungcono kakhulu esingaba nabo. (2 Thim. 3:16, 17) Bazali, niyazifundisa yini izingane zenu ukubaluleka kokusebenzisa isikhathi sazo ngokuhlakanipha ekuphishekeleni uMbuso? (UmSh. 12:1) Isikhathi esichithwa esifundweni seBhayibheli somuntu siqu nesomkhaya, emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini, sizuzisa kakhulu kunesikhathi esichithwa kugqolozelwe i-Internet ngethemba lokuzuza okuthile.
26 Kulokhu, kuyinkambo yokuhlakanipha ukugxilisa ukunaka kwethu ezintweni ezingokomoya nakulezo zinto ezibalulekile ekuphileni kwethu njengamaKristu. Lokhu kudinga ukuba senze ukukhetha okucatshangelwe kahle ngokuqondene nokwaziswa esingachitha ngakho isikhathi sethu nokucabanga. UKristu wakufingqa ngale ndlela lokho okubalulekile ekuphileni kwethu njengamaKristu: “Khona-ke, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, futhi zonke lezi ezinye izinto ziyonezelwa kini.” (Math. 6:33) Ingabe awubi nenjabulo yangempela lapho ukuphila kwakho kugcwaliswe ukuphishekela uMbuso kunokugcwaliswa eminye imisebenzi?
27 I-E-Mail Ye-Internet: Nakuba kukuhle ukuhlanganyela okuhlangenwe nakho kwakho noma amaphuzu athile nabomkhaya noma abangane abahlala kude, ingabe ngempela kuwuthando ukukudlulisela kwabanye okungenzeka abawazi umkhaya wakini noma abangane? Noma ingabe kufanele kufakwe engosini ye-Internet ukuze kufundwe yinoma ubani? Ingabe kufanele kwenziwe amakhophi alezi zindaba zomuntu siqu futhi athunyelwe nje kunoma ubani okungenzeka uyamazi noma awumazi? Kungokufanayo nalapho uthola ukwaziswa okuvela kwabanye ngokusobala obekungahlosiwe ukuba kufike kuwe, ingabe kuwuthando ukuba nawe ukudlulisele kwabanye?
28 Kuthiwani uma lokho okuhlangenwe nakho okudlulisayo kungelona iqiniso? Lokhu ngeke yini kube ukuhlanganyela ekubhebhethekiseni amanga? (IzAga 12:19; 21:28; 30:8; Kol. 3:9) Ngokuqinisekile, ‘ukuqaphelisisa indlela esihamba ngayo ukuba ingabi njengeyabantu abangahlakaniphile kodwa ibe njengeyabahlakaniphileyo’ kuyosishukumisela ukuba sikucabangele lokhu. (Efe. 5:15) Yeka indlela esijabula ngayo ngokuthi INcwadi Yonyaka, INqabayokulinda ne-Phaphama! kugcwele okuhlangenwe nakho okuqinisekisiwe okusikhuthazayo futhi kusishukumisele ukuba siqhubeke sihamba ‘endleleni’!—Isaya 30:20, 21.
29 Kukhona nenye ingozi. Umphostoli uPawulu wathi ngabanye: “Bafunda nokungenzi lutho, bezulazula emizini; yebo, bengebona abangenzi lutho nje kuphela, kodwa futhi beyizinhlebi nabazigaxa ezindabeni zabanye abantu, bekhuluma ngezinto okungafanele bakhulume ngazo.” (1 Thim. 5:13) Lokhu akuvumelani nokuchitha isikhathi nomzamo kuthunyelwa ukwaziswa okuwuwangala kubafowethu.
30 Cabanga nje nangesikhathi okusithathayo ukufunda njalo ukwaziswa okuningi kwe-E-mail. Ngokuthakazelisayo incwadi i-Data Smog yathi: “Njengoba umuntu esebenzisa isikhathi esengeziwe ekuyi-Internet, i-e-mail iyashintsha ngokushesha ekubeni into eqabulayo ibe umthwalo odla isikhathi, njengoba inentilibathwa yemibiko okufanele uyifunde futhi uyiphendule nsuku zonke evela kubantu obaziyo, abangane, abomndeni, . . . nezimemezelo zezinto ezidayiswayo ongazange uzicele.” Ngaphezu kwalokho, ithi: “Abantu abaningi abanelukuluku lokufuna ukwazi konke okukuyi-Internet baye baba nomkhuba omubi wokudlulisela kwabanye konke ukwaziswa okubajabulisayo abakutholayo—amahlaya, izinkolelo zasemadolobheni, izincwadi ezidluliselwa kwabanye nge-computer nokunye—kunoma ubani abanekheli lakhe le-Internet.”
31 Lokhu kuye kwabonakala kuyi-E-mail ethunyelwa kubafowethu abaningi—izinto ezinjengamahlaya noma izindaba ezihlekisayo ngenkonzo; izinkondlo okuthiwa zisekelwe ezinkolelweni zethu; imifanekiso eyasetshenziswa ezinkulumweni ezihlukahlukene ezazwiwa emihlanganweni emincane nemikhulu, noma eHholo LoMbuso; okuhlangenwe nakho kwasenkonzweni yasensimini; nokunye—izinto ezibonakala zingezimbi ngempela. Abaningi sebezijwayeze ukumane badlulisele kwabanye ama-E-mail anjalo bengayihlolanga imithombo yayo, okwenza kube nzima ukwazi ukuthi ubani ngempela umsunguli wawo, okufanele kwenze umuntu azibuze ukuthi kuyiqiniso ngempela yini lokho kwaziswa.—IzAga 22:20, 21.
32 Imibiko enjalo ngokuvamile ewuwangala nje ayiwona amazwi aphilayo uPawulu ayekhuluma ngawo lapho ebhalela uThimothewu, ethi: “Qhubeka ubambe isibonelo samazwi amahle owawezwa kimi ngokholo nothando olumayelana noKristu Jesu.” (2 Thim. 1:13) “Ulimi oluhlanzekile” lweqiniso elingokomBhalo ‘lunesibonelo samazwi amahle’ asekelwe ngokuyinhloko esihlokweni seBhayibheli sokulwelwa kobukhosi bukaJehova ngoMbuso. (Zef. 3:9) Kufanele senze wonke umzamo wokunikela sonke isikhathi namandla esinawo ukuba sisekele lokhu kulwelwa kobukhosi bukaJehova.
33 Njengoba sesingene shí ezinsukwini zokugcina zalesi simiso sezinto, lesi akusona isikhathi sokunganaki. IBhayibheli liyasixwayisa: “Hlalani nisangulukile, lindani. Isitha senu, uDeveli, sihambahamba njengengonyama ebhongayo, efuna ukushwabadela othile.” (1 Pet. 5:8) Liyaqhubeka lithi: “Gqokani sonke isambatho sokuzivikela esivela kuNkulunkulu ukuze nikwazi ukuma niqinile ekumelaneni namaqhinga kaDeveli.”—Efe. 6:11.
34 Uma isetshenziswa kabi, i-Internet ingaba indlela uSathane anqoba ngayo labo abayengwa amandla akhe. Nakuba ingase ibe nenzuzo ethile, kunengozi uma ingase ingasetshenziswa ngokuqapha. Ikakhulukazi abazali, kudingeka bazihluphe ngokusebenzisa kwezingane zabo i-Internet.
35 Ukuba nombono olinganiselwe nge-Internet kuyisivikelo. Siyasazisa isikhumbuzo sikaPawulu esifike ngesikhathi: “Labo . . . abasebenzisa izwe babe njengalabo abangalisebenzisi ngokugcwele; ngoba isimo salelizwe siyashintsha.” (1 Kor. 7:29-31) Ukukhumbula lokhu kuyosivikela thina nemikhaya yethu ukuba singaphazanyiswa yikho konke okunikezwa yizwe, kuhlanganise nalokho okutholakala kuyi-Internet.
36 Kubaluleke kakhulu ukuba sihlale sisondelene nabafowethu ebandleni futhi sisisebenzise ngokuhlakanipha isikhathi esisele, ngaleyo ndlela sizenze sitholakale ukuba sithuthukise izithakazelo zoMbuso. Njengoba lesi simiso sisondela ekupheleni kwaso, ‘singabe sisaqhubeka sihamba njengoba nje izizwe zihamba ekungabini nambuyiselo kwezingqondo zazo,’ kodwa ‘masiqhubeke siqonda ukuthi iyini intando kaJehova.’—Efe. 4:17; 5:17.