U-April—Yisikhathi Sokushisekela Imisebenzi Emihle!
1 Njengoba isiphepho sisondela endaweni ehlala abantu, isidingo sokubaxwayisa ngengozi ezayo siya siphuthuma. Lapho isiphepho sesisondele kakhulu, kufanele izixwayiso zigcizelelwe ngokwengeziwe. Ngani? Ngoba ukuphila kusengozini! Kungenzeka ukuthi abanye abantu abazange bazizwe izixwayiso zangaphambili. Kungenzeka ukuthi abanye bazizwile kodwa bakudebeselela ukuthatha isinyathelo. Kungokufanayo nangesixwayiso saphezulu esiye sathunywa ukuba sisimemezele ngaphambi kokuba “isivunguvungu” sentukuthelo kaNkulunkulu yokulunga sigadle kuyo yonke iminonjana yaleli zwe elibi. (IzAga 10:25) Ukuphila okumi phakade kwezigidigidi zabantu kusengozini! Kufanele kukhishwe isixwayiso. Kufanele ‘sishisekele imisebenzi emihle.’—Thithu 2:11-14.
2 Sekungamashumi eminyaka abantu bakaJehova beshukunyiselwa ukuba benze inkathi yeSikhumbuzo ibe isikhathi sentshiseko ekhethekile enkonzweni. Ngo-1939, i-Informant, njengoba yayibizwa kanjalo INkonzo Yethu YoMbuso, yanikeza lesi sikhuthazo: “Njengoba sekuzongena intwasahlobo, futhi isimo sezulu sisihle, kufanele silindele ukuba abamemezeli [bebandla] basebenze amahora engeziwe ensimini, futhi isikhathi esisetshenzwa amaphayona sande ngokuphawulekayo. U-April uyinyanga enamaSonto ayisihlanu. UneMigqibelo eyisihlanu futhi. Yenza yonke iMigqibelo namaSonto ngo-April . . . ibe isikhathi sokufakaza okukhethekile.” Lowo kwakuwumgomo oyinselele owabekelwa abazalwane eminyakeni engu-60 edlule! Kulo nyaka, njengoba nje kwaba njalo ngo-1939, inyanga ka-April inezimpelasonto eziyisihlanu ezigcwele. Yini oyihlelela le nyanga? Yini oyibhale ekhalendeni lakho ngo-April 2000? Hlela ukuba nengxenye enenjongo emisebenzini emihle unabantu bakaJehova phakathi nale nyanga ekhethekile yomsebenzi ongokomoya owandisiwe.
3 Esinethemba Lokukufeza: Usuku olubaluleke kakhulu lonyaka ka-2000 lukule nyanga. U-April 19, isikhumbuzo sokufa kukaJesu. Masenze umzamo okhethekile wokumema abantu abaningi ngangokunokwenzeka ukuba beze eSikhumbuzweni. Njengoba kwasikiselwa ngenyanga edlule, yenza uhlu lwabo bonke abantu abangase beze eSikhumbuzweni futhi uqiniseke ukuthi abekho obakhohlwayo. Labo abamenywayo kufanele bahlanganise noma ibaphi abamemezeli abapholile, abafundelwa iBhayibheli, izimpindelo, labo ababefundelwa ngaphambili, esisebenza nabo, esifunda nabo, omakhelwane, izihlobo kanye nabanye esijwayelene nabo. Ingabe banayo into yokuhamba labo abafuna ukuba khona? Uma bengenayo, ungasiza yini ngothando? Ngobusuku beSikhumbuzo, sonke siyoba nelungelo lokwenza labo abakhona bazizwe bamukelekile. Ngemva kweSikhumbuzo, singalandelela ngosizo olungokomoya olwengeziwe kwabanjalo abathakazelayo.
4 ‘Ukushisekela imisebenzi emihle’ phakathi nezinsuku ezingaphambi kweSikhumbuzo nezingemva kwaso kuyindlela enhle yokubonisa uJehova ukuthi sikwazisa ngempela konke aye wasenzela kona. Abaningi bethu bazokwazi ukwandisa imizamo yabo emsebenzini wobuvangeli. Uma uyiphayona elisizayo, uyofuna ukwenza okusemandleni akho ukuba uchithe amahora angu-50 noma ngaphezulu enkonzweni. (Math. 5:37) Namathela eduze esimisweni owasenza lapho kuqala inyanga. (UmSh. 3:1; 1 Kor. 14:40) Kwangathi sonke singenza okusemandleni ukuze sisekele wonke amaphayona, ngokuwakhuthaza nangokusebenza nawo enkonzweni. (Qhathanisa neyesi-2 AmaKhosi 10:15, 16.) Uma sitshala ngentshiseko ngo-April, singalindela injabulo enkulu nezibusiso kuJehova. (Mal. 3:10) Mhlawumbe lokhu kuzosebenza njengesiqalo sobuphayona obusizayo obuqhubekayo noma sobuphayona obuvamile. Kwangathi umfutho ongokomoya esizoba nawo ngo-April singawudlulisela nasezinyangeni ezilandelayo njengoba siqhubeka siba abamemezeli boMbuso abaphuma njalo.
5 Akungabazeki ukuthi izinkulungwane zabantu bakaJehova kule nyanga zizoqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezengeziwe. Ungathanda yini ukusiqala nawe? Sithandazele ngokuqondile isifundo, futhi usebenze ngokuvumelana nemithandazo yakho. Ungaqiniseka ukuthi uJehova uyozizwa izicelo zakho zokuzithoba zokucela usizo lokuthola umuntu onenhliziyo eqotho ongamfundisa.—1 Joh. 3:22.
6 Nansi indlela eye yasetshenziswa ngempumelelo enkulu ensimini ekuqaleni izingxoxo. Uqala ngokubuza ukuthi “Ucabanga ukuthi ubudlova obusezikoleni zomphakathi bubangelwa amademoni yini noma bubangelwa ukuntuleka kwemfundiso yabazali?” Lindela impendulo. Uma umuntu ethi kubangelwa “amademoni,” funda isAmbulo 12:9, 12, uqokomise indima kaDeveli ekubangeleni izinxushunxushu emhlabeni. Khona-ke, vula incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? isifundo 4, ubuze ukuthi wake wazibuza yini ukuthi uDeveli wavelaphi. Yibe usufunda futhi nixoxe ngezigaba ezimbili zokuqala. Uma umuntu ethi “ukuntuleka kwemfundiso yabazali” okubangela ubudlova ezikoleni, funda eyesi-2 Thimothewu 3:1-3 bese usho imikhuba ebangela le nkinga. Yibe usuvula incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? esifundweni 8, funda isigaba 5, bese niqhubeka nengxoxo. Uma ningase nikwazi ukuvumelana ngokuthi uzophinde ubuye, kungenzeka ukuthi usendleleni yokuthola isifundo seBhayibheli nalowo muntu. Ekuhambeleni okulandelayo, mbuze ukuthi ukhona yini amaziyo ongase abe nesithakazelo sokuzwa lokho akufundayo.
7 Enye indlela ‘yokushisekela imisebenzi emihle’ phakathi no-April iwukuhlanganyela ezindleleni ezihlukahlukene zokushumayela. Uke wacabanga yini ngokufakaza emapaki noma ezindaweni zokupaka izimoto? Esitobhini sebhasi noma esiteshini sesitimela? Noma ungathanda ukuzama ukufakaza ngocingo, ukufakaza emgwaqweni, noma ensimini yezamabhizinisi? Kungani ungakwenzi ngokoqobo lokho kule nyanga? UJehova uyokusiza ukuba uqunge isibindi esifanele. (IzE. 4:31; 1 Thes. 2:2b) Mhlawumbe ungenza isivumelwano sokusebenza nephayona noma ummemezeli onokuhlangenwe nakho kulezi zici zenkonzo.
8 Noma ubani onesifiso sokwandisa ingxenye yakhe emsebenzini wokufakaza uyofuna ukuhlanganyela ekufakazeni ngokwethukela. Ngokuvamile okudingekayo nje ukuhilela umuntu engxoxweni yobungane. Mane nje uqale ingxoxo ngento ethinta bonke abantu, mhlawumbe usebenzise indlela eqokonyiswe esigabeni 6. Lwela ukusebenzisa ngisho nesikhashana nje esincane ebesingase silahleke. Asimane nje siwalahle lé amasenti ngenxa nje yokuthi awawona amaRandi. Kungani-ke ungayisebenzisi ngokunenzuzo ngisho nemizuzu emihlanu, eyishumi noma eyishumi nanhlanu ufakaza ngokwethukela?
9 Isikhathi Sokuzindla: Cabanga ngamaphuzu anamandla avezwa edrameni eMhlanganweni Wesigodi “Wezwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho” wangonyaka odlule. Idrama eyayinesihloko esithi Ukwazisa Ifa Lethu Elingokomoya, yasenza sacabangisisa ngomehluko phakathi kukaJakobe no-Esawu. U-Esawu wathi wayenjengoJakobe, enesithakazelo ezintweni ezingokomoya, kodwa imisebenzi ka-Esawu ayizange ikubonise lokho. (Gen. 25:29-34) Yeka isixwayiso esinamandla kithi! NjengoJakobe, masikulungele ukulwa, ngisho nokuzabalaza, ukuze sithole isibusiso sikaJehova. (Gen. 32:24-29) Kungani singasebenzisi u-April nazo zonke izinyanga ezilandelayo ukuba sivuselele intshiseko yethu, singalithathi kalula ifa lethu elingokomoya?
10 “Usuku olukhulu lukaJehova luseduze; luseduze, lushesha kakhulu.” (Zef. 1:14) Izindaba ezinhle zoMbuso kumelwe zimenyezelwe. Ukuphila kusengozini! Kwangathi le nyanga ingaba ngebusiseke ngokukhethekile kubo bonke abantu bakaJehova njengoba ngobunye sibonisa ukuthi ‘sishisekela imisebenzi emihle.’
[Ibhokisi ekhasini 4]
Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo
Umkhosi weSikhumbuzo kulo nyaka ungoLwesithathu, ngo-April 19. Abadala kufanele banakekele izinto ezilandelayo:
◼ Lapho nimisa isikhathi somhlangano, qinisekani ukuba izifanekiselo zingadluliswa lingakashoni ilanga.
◼ Wonke umuntu, kuhlanganise nesikhulumi, kufanele atshelwe isikhathi esiqondile nendawo yalo mkhosi.
◼ Kufanele kutholwe futhi kulungiswe uhlobo olufanele lwesinkwa newayini.—Bheka INqabayokulinda ka-February 15, 1985, ikhasi 17 [w85 2/15 k. 19].
◼ Amapuleti, izingilazi netafula elifanelekile nendwangu yalo kufanele kulethwe kusengaphambili ehholo kubekwe endaweni efanele.
◼ IHholo LoMbuso noma enye indawo okuzohlanganwa kuyo kufanele ihlanzisiswe kusengaphambili.
◼ Abalindi nabazodlulisa izifanekiselo kufanele bakhethwe futhi banikwe iziyalezo kusengaphambili ngokuphathelene nemisebenzi yabo nenqubo efanele ezolandelwa.
◼ Kufanele kwenziwe amalungiselelo okuyisa izifanekiselo kunoma yibaphi abagcotshiwe abaxhwalile abangeke bakwazi ukuba khona.
◼ Uma iHholo LoMbuso lizosetshenziswa amabandla angaphezu kwelilodwa, kufanele kube khona ukubambisana okuhle phakathi kwamabandla ukuze kungabi bikho ukuminyana okungadingekile eminyango, emagcekeni nasendaweni yokupaka izimoto.