“Hlala Uphapheme”
1 Ngemva kokuchaza izenzakalo ezikhungathekisayo ezaziyoba uphawu lwezinsuku zokugcina zalesi simiso sezinto, uJesu wakhuthaza abafundi bakhe ukuba ‘bahlale bephapheme.’ (Marku 13:33) Kungani amaKristu kufanele ahlale ephapheme? Ngenxa yokuthi siphila ezikhathini ezibucayi kakhulu emlandweni wesintu. Ngeke sikuvumele ukozela ngokomoya. Lokho kungasenza sehluleke ukwazisa umsebenzi uJehova asinikeze wona ukuba siwenze kulesi sikhathi sokuphela. Yimuphi lowo msebenzi?
2 UJehova ufuna ukuba abantu bakhe bamemezele izindaba ezinhle zoMbuso wakhe kuwo wonke umhlaba—okuwukuphela kwethemba lesintu. Ukusebenzelana kwethu eduze nenhlangano kaNkulunkulu kusenza sibe ngamaKristu eqiniso aziqaphelayo izikhathi nesidingo sokusiza abanye bezwe ‘amazwi okuphila okumi phakade.’ (Joh. 6:68) Ngokuhlanganyela ngentshiseko kulo msebenzi obaluleke kunayo yonke, sinikeza ubufakazi bokuthi siphapheme ngokomoya.
3 Ukushukumiseleka Ukuba Sishumayele: Njengoba singoFakazi BakaJehova, kufanele sibe nombono omuhle ngenkonzo yethu. Uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane lusishukumisela ukuba sihlanganyele emsebenzini wokushumayela. (1 Kor. 9:16, 17) Uma senza kanjalo, siyozisindisa thina nalabo abasilalelayo. (1 Thim. 4:16) Masizimisele ukuhlanganyela kaningi ngangokunokwenzeka futhi isikhathi eside ngokufanele ekushumayeleni ngohulumeni ongcono kakhulu isintu esiyoke sibe naye—uMbuso kaNkulunkulu!
4 Okugcizelela kithi ukuphuthuma kwenkonzo yethu yiphuzu elithile elibalulekile—ukugqashuka kosizi olukhulu kuyokwenzeka sisematasa nalo msebenzi. Ukungalwazi kwethu usuku nehora kudinga ukuba sihlale siphapheme futhi simi ngomumo ngazo zonke izikhathi, sincike kuJehova ngomthandazo. (Efe. 6:18) Izinga lomsebenzi wokushumayela liyaqhubeka likhula. Kodwa ngolunye usuku oluseduze, umsebenzi wokunikeza ubufakazi omkhulu kunayo yonke emlandweni wesintu uyofinyelela umvuthwandaba.
5 Ngokwethembeka landela umyalo kaJesu ‘wokuhlala uphapheme.’ Lesi sidingo siphuthuma kakhulu manje kunanini ngaphambili. Kwangathi singasabela ngomuzwa wokuphuthuma. Zonke izinsuku, masihlale sisangulukile ngokomoya, siqaphile, futhi sikhuthele enkonzweni kaJehova. Yebo, kwangathi ‘singahlala siphapheme futhi sisangulukile.’—1 Thes. 5:6.