Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/00 k. 1
  • Qhubeka Ushumayela!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Qhubeka Ushumayela!
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Qhubekani Nishumayela UMbuso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • “Hambani Niyokwenza Abantu Bazo Zonke Izizwe Babe Abafundi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Kungani Siqhubeka Sishumayela?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Kungani Silokhu Siphindela?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
km 11/00 k. 1

Qhubeka Ushumayela!

1 Kuyintando kaNkulunkulu ukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thim. 2:4) Ngenxa yalokhu, uye wasinikeza isabelo sokushumayela izindaba ezinhle. (Math. 24:14) Uma sibona ukuthi kungani kufanele siqhubeke sishumayela, ngeke sithiywe yizinto ezidumazayo noma ezingase zisiphazamise.

2 Kungani Siphikelela? Kuneziphazamiso eziningi emhlabeni ezibangela abantu ukuba bakukhohlwe noma bakuthathe kalula esibatshela kona. Ngakho kufanele sihlale sibakhumbuza isigijimi sikaNkulunkulu sensindiso. (Math. 24:38, 39) Ngaphezu kwalokho, izimo ekuphileni kwabantu ziyashintshashintsha. Ngisho nezimo zomhlaba zingashintsha ngokuphazima kweso. (1 Kor. 7:31) Kusasa, ngesonto elizayo noma ngenyanga ezayo abantu esishumayela kubo bangase babhekane nezinkinga ezintsha noma ukukhathazeka okubenza bacabange ngokungathi sína ngezindaba ezinhle esibalethela zona. Awubongi yini wena ngokuthi uFakazi owakulethela iqiniso waphikelela?

3 Ukulingisa Umusa KaNkulunkulu: Ngesineke uJehova uye wavumela ukuba kudlule isikhathi eside ngaphambi kokuba alethe isahlulelo kwababi. Esebenzisa thina, uye waqhubeka enxusa abanezinhliziyo ezilungile ukuba baphendukele kuye futhi basindiswe. (2 Pet. 3:9) Besiyoba necala legazi ukube besingasimemezeli isigijimi sikaNkulunkulu somusa kubantu futhi sibaxwayise ngokukhishwa kwesahlulelo sikaNkulunkulu kubo bonke abangaphenduki ezindleleni zabo ezimbi. (Hez. 33:1-11) Nakuba ukushumayela kwethu kungamukelwa kahle ngaso sonke isikhathi, akufanele neze siyekethise ekwenzeni umzamo wokusiza abaqotho ukuba bazise umusa omkhulu kaNkulunkulu.—IzE. 20:26, 27; Roma 12:11.

4 Ukubonisa Uthando Lwethu: NguJehova uNkulunkulu, ngoJesu Kristu, owakhipha umyalo wokuba izindaba ezinhle zishunyayelwe emhlabeni wonke. (Math. 28:19, 20) Ngisho nalapho abantu benqaba ukulalela, sinethuba lokubonisa uthando lwethu nokuzinikela kwethu kuNkulunkulu ngokuphikelela senza okulungile.—1 Joh. 5:3.

5 Kwangathi singazimisela ukuqhubeka sishumayela! Masikwenze ngentshiseko lungakadluli ‘usuku lukaJehova lwensindiso.’—2 Kor. 6:2.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela