Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/00 k. 3
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungabakhohlwa Asebepholile
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • “Buyelani Kimi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • Basize Babuye Ngaphandle Kokulibala!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
km 11/00 k. 3

IBhokisi Lemibuzo

◼ Umuntu osenesikhathi eside epholile angasizwa kanjani ukuba aphinde afaneleke njengommemezeli wezindaba ezinhle?

Uma umuntu osepholile enikeza ubufakazi bokuthi ufisa ukukhonza uJehova ngokusuka enhliziyweni, lokhu kuyasijabulisa. (Luka 15:4-6) Kungenzeka ukuthi lowo muntu wavumela ukuphikiswa noma izingcindezi zokuphila ukuba ziminyanise isifundo sakhe siqu, ukuya emihlanganweni nokuhlanganyela enkonzweni yasensimini. Angalunikezwa kanjani usizo ngendlela engcono kakhulu eyomsiza athuthuke ngokomoya?

Sonke kufanele sithathe isinyathelo sokumqinisekisa ngothando lwethu oluqotho lobuKristu. Abadala kufanele bazihlole ngokushesha izidingo zakhe ezingokomoya. (Jak. 5:14, 15) Uma ukuphola kuthathe isikhathi esifushane, okungase kudingeke nje ukuba ummemezeli onokuhlangenwe nakho amsize aphinde ahlanganyele enkonzweni yasensimini. Nokho, uma osepholile esenesikhathi eside engahlanganyeli nebandla, cishe kuyodingeka usizo olwengeziwe. Ukuze kancane kancane akhe ukholo nokwazisa, kungase kube ukuhlakanipha ukuba aqhutshelwe isifundo seBhayibheli somuntu siqu kusetshenziswa incwadi efanelekayo. Esimweni esinjalo, umbonisi wenkonzo uyohlela ukuba ummemezeli ofanelekayo amqhubele isifundo. (Heb. 5:12-14; bheka iBhokisi Lemibuzo kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-November 1998.) Uma kunothile omaziyo odinga usizo olunjalo, khuluma nombonisi wenkonzo ebandleni lakini.

Ngaphambi kokumema umuntu osenesikhathi eside epholile ukuba aphinde ahlanganyele enkonzweni, kutuswa ukuba abadala ababili baxoxe naye ukuze bathole ukuthi uyafaneleka yini njengommemezeli woMbuso. Bayolandela inqubo efana naleyo esetshenziswa lapho kuxoxwa nabasanda kuhlanganyela abafuna ukufaneleka njengabamemezeli bezindaba ezinhle. (Bheka INqabayokulinda ka-November 15, 1988, ikhasi 17.) Opholile kufanele abe nesifiso esiqotho sokuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye. Futhi kufanele ahlangabezane nezimfuneko eziyisisekelo ezitholakala emakhasini 98-9 encwadi Ukuhlelelwa futhi abe khona njalo emihlanganweni yebandla.

Ukuba nesimiso esihle esingokomoya kuyokwenza lukhulu ekusizeni osebuyile ukuba aqine futhi alondoloze ubudlelwane bakhe obuyigugu noJehova futhi aqhubeke ehamba endleleni eya ekuphileni okuphakade. (Math. 7:14; Heb. 10:23-25) Ukwenza “wonke umzamo wenkuthalo” nokuthuthukisa izimfanelo zobuKristu ezihlala njalo kuyomvimbela angalokothi aphinde abe umfundi ongumKristu ‘ongasebenzi noma ongatheli.’—2 Pet. 1:5-8.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela