“Ukukhanya Kwenu Makukhanye”
1 Izwe elisizungezile lisebumnyameni ngokuziphatha nangokomoya. Ukukhanya kweqiniso kudalula ‘imisebenzi engatheli’ yobumnyama ukuze lezi zithiyo ezibulalayo zigwemeke. Ngenxa yalokho, umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu: “Qhubekani nihamba njengabantwana bokukhanya.”—Efe. 5:8, 11.
2 “Izithelo zokukhanya” zihluke ngokuphelele ebumnyameni bezwe. (Efe. 5:9) Ukuze sithele lezi zithelo kudingeka sibe izibonelo ezivelele zokuphila kobuKristu, uhlobo lwabantu uJesu alwamukelayo. Kufanele futhi sibonise izimfanelo ezinjengokuba nenhliziyo ephelele, ubuqotho nokushisekela iqiniso. Lezi zithelo kudingeka sizibonakalise ekuphileni kwethu kwansuku zonke nasenkonzweni yethu.
3 Khanya Ngawo Wonke Amathuba: UJesu watshela abafundi bakhe: “Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu.” (Math. 5:16) Lapho silingisa uJesu, sibonisa ukukhanya kukaJehova ngokushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu nezinjongo zakhe. Sikhanya njengezinkanyiso lapho sivakashela amakhaya abantu nalapho sisakaza iqiniso emsebenzini, esikoleni, komakhelwane bethu, nanoma ikuphi lapho sithola khona ithuba.—Fil. 2:15.
4 UJesu wathi abanye babeyokuzonda ukukhanya. (Joh. 3:20) Ngakho asidumali lapho iningi lenqaba ukuvumela “ukukhanya kwezindaba ezinhle ezikhazimulayo ezimayelana noKristu” kukhanye kulo. (2 Kor. 4:4) UJehova ufunda izinhliziyo zabantu futhi akabafuni abantu abenza ukungalungi phakathi kwabantu bakhe.
5 Lapho silandela izindlela zikaJehova futhi sijabulela ukukhanya okungokomoya, singakubonisa kwabanye. Lapho bebona ngokuziphatha kwethu ukuthi ‘sinokukhanya kokuphila,’ khona-ke nabo bangase bashukunyiselwe ukuba benze izinguquko ezidingekayo ukuze babe abaphathi bokukhanya.—Joh. 8:12.
6 Ngokuvumela ukukhanya kwethu kukhanye, sidumisa uMdali wethu futhi sisiza abaqotho ukuba bamazi futhi bathole ithemba lokuphila okuphakade. (1 Pet. 2:12) Njengoba siphethe ukukhanya, masikusebenzise ukuze sisize abanye babone indlela yokuphuma ebumnyameni obungokomoya baveze imisebenzi yokukhanya.