Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/01 k. 7
  • Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izikhumbuzo ZeSikhumbuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • Izikhumbuzo ZeSikhumbuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
km 3/01 k. 7

Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo

Umkhosi weSikhumbuzo kulo nyaka uzoba ngeSonto, ngo-April 8. Abadala kufanele banakekele izinto ezilandelayo:

◼ Lapho nimisa isikhathi somhlangano, qinisekani ukuba izifanekiselo azihanjiswa ilanga lingakashoni.

◼ Wonke umuntu, kuhlanganise nesikhulumi, kufanele atshelwe isikhathi esiqondile kanye nendawo yalo mkhosi.

◼ Kufanele kutholakale futhi kulungiswe uhlobo olufanele lwesinkwa newayini.—Bheka INqabayokulinda ka-February 15, 1985, ikhasi 17.

◼ Amapuleti, izingilazi netafula elifanelekile kanye nendwangu yetafula kufanele kulethwe kusengaphambili ehholo kuhlelwe ngokufanelekile.

◼ IHholo LoMbuso noma enye indawo yomhlangano kufanele ihlanzisiswe kusengaphambili.

◼ Abalindi nabahambisa izifanekiselo kufanele bakhethwe futhi banikwe iziyalezo kusengaphambili ngemisebenzi yabo nenqubo efanele ezolandelwa.

◼ Kufanele kwenziwe amalungiselelo okuyisa izifanekiselo kunoma yibaphi abagcotshiwe abaxhwalile abangeke bakwazi ukuba khona.

◼ Uma umuntu osusiwe ehlanganyela ezifanekiselweni akufanelwe abalwe njengohlanganyelayo, kodwa angabalwa njengobekhona.—Bheka INqabayokulinda ka-February 1, 1976, ikhasi 55.

◼ Uma iHholo LoMbuso lizosetshenziswa amabandla angaphezu kwelilodwa, kufanele kube khona ukubambisana okuhle ukuze kungabi khona ukuminyana okungadingekile eminyango, emagcekeni nasendaweni yokupaka izimoto.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela