IBhokisi Lemibuzo
◼ Kunini lapho kufaneleka khona ukumisa elinye iqembu leSifundo Sencwadi Sebandla?
Ukumisa iqembu elisha kufanele kucatshangelwe uma kudingeka ukuze kugcinwe inani lababa khona lingabangu-15 noma ngaphansi kwalokho esifundweni sencwadi ngasinye, kuhlanganise nesiseHholo LoMbuso. Kungani kutuswa lokhu?
Lapho amaqembu eSifundo Sencwadi Sebandla egcinwa emancane, umqhubi ukwazi kangcono ukunakekela umuntu ngamunye oba khona. Ngaphezu kwalokho, bonke banamathuba anele okuphendula esimweni esikhuthaza ukulumemezela obala ukholo lwabo. (Heb. 10:23; 13:15) Ukuba namaqembu amancane ezindaweni eziningana kuyo yonke insimu yebandla kukwenza kube lula nakakhulu ukuba khona eSifundweni Sencwadi Sebandla nasemihlanganweni yenkonzo yasensimini. Amabandla aye andisa inani lamaqembu aye athola ukuthi ingqikithi yababa khona esifundweni sencwadi nayo iye yanda.
Kungase kube khona izimo ezikhethekile ezikwenza kutuseke ukumisa elinye iqembu, ngisho noma lizoba lincane. Lokhu kungaba njalo endaweni eqhelile noma lapho amaqembu akhona njengamanje ecinana noma ingekho indawo yokuhlala eyanele. Uma kudingekile, kungase kumiswe iqembu elihlangana emini ukuze kuzuze asebekhulile, abasebenza ebusuku, noma odade abanabayeni abangebona oFakazi.
Iqembu lesifundo sencwadi ngalinye kufanele libe nabamemezeli abambalwa abaqinile ngokomoya futhi abashisekayo nomqhubi wesifundo ofanelekayo kanye nomfundi wezigaba. Abazalwane kufanele balwele ukufaneleka ukuze bafeze lezi zidingo ebandleni.
Abadala bangasekela intuthuko yebandla ngokuqiniseka ukuthi amaqembu esifundo sencwadi sebandla alingene futhi anakekelwa kahle ngokomoya futhi ahlangana ezindaweni ezivumelana nabaningi. Noma nini lapho izimo zivuma khona, kufanele kumiswe amaqembu amasha ukuze bonke bazuze ngokugcwele kuleli lungiselelo eliyingqayizivele elingokomoya. Ungakwazi ukuvula umuzi wakho njengendawo yesifundo sencwadi? Abaningi abaye benza kanjalo baye bajabulela izibusiso ezingokomoya.