Ingabe Ufuna Ukwenza Okwengeziwe?
1 UJesu wafanisa uMbuso nengcebo yenani elingenakulinganiswa. (Math. 13:44-46) Umsebenzi wokusakaza izindaba zoMbuso nawo uyingcebo engenakulinganiswa. Le nkonzo ifanelwe indawo yokuqala ekuphileni kwethu, ngisho noma ukuhlanganyela ngokugcwele kuyo kuhilela ukuzidela okuthile. (Math. 6:19-21) Ingabe ufuna ukwenza okwengeziwe enkonzweni yoMbuso?
2 Cabangela Lezi Zinto Ezibalulekile: Kunezinto eziningana ezidingekayo ukuze sandise izinga lokuhlanganyela kwethu enkonzweni: (1) ukuzimisela ukubeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni (Math. 6:33); (2) ukuba nokholo nokuthembela kuJehova (2 Kor. 4:1, 7); (3) ukufuna usizo lukaNkulunkulu ngomthandazo oqotho nophikelelayo (Luka 11:8-10); (4) ukulandelela nokwenza ngokuvumelana nemithandazo yethu.—Jak. 2:14, 17.
3 Izindlela Zokwandisa Inkonzo Yethu: Sonke singazibekela umgomo wokuchitha isikhathi esithile njalo enkonzweni inyanga ngayinye. Kodwa usuke wakucabangela yini nawe ukubamba wonke amathuba okufakaza ngokwethukela, ulwela ukwenza izintshumayelo zakho zibe nengqondo, uthuthukise impumelelo yakho ezimpindelweni futhi ulwele ukuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezithuthukayo? Ungakwazi yini ukuba iphayona elisizayo noma elivamile noma ukukhonza lapho kunendingeko enkulu khona? Uma ungumzalwane obhapathiziwe, ungasebenzela yini ekubeni ufaneleke njengenceku ekhonzayo noma umdala? (1 Thim. 3:1, 10) Ungayandisa yini inkonzo yakho ngokwenza isicelo senkonzo yaseBethel, iSikole Sokuqeqeshelwa Inkonzo, noma ukuqeqeshelwa ukuba isithunywa sevangeli eSikoleni SaseGileyadi?—Luka 10:2.
4 Umzalwane owayesebenza isikhathi esigcwele futhi echitha isikhathi esiningi emidlalweni wakhuthazwa ukuba abe iphayona elivamile. Waqala ngokuba iphayona elisizayo wabe eselungisa izimo zakhe ukuze angenele inkonzo yesikhathi esigcwele. Kamuva waya eSikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo, esasiza ekumlungiseleleni isabelo sakhe samanje sokuba umbonisi ojikelezayo. Ujabula kakhulu ngokuthi wasabela esikhuthazweni asithola, futhi uyaqiniseka ukuthi okumjabulisa kakhulu yisinqumo sakhe sokwenza okwengeziwe enkonzweni yoMbuso.
5 UJehova ubusisa labo abazenza batholakale. (Isaya 6:8) Ungavumeli lutho lukuvimbele ekwandiseni inkonzo yakho futhi ngenxa yalokho ujabulele ngisho nokwaneliseka okwengeziwe nokuqabuleka.