IBhokisi Lemibuzo
◼ Yikuphi okumelwe kuxoxwe ngakho emihlanganweni yenkonzo yasensimini?
Injongo yomhlangano wenkonzo yasensimini iwukusisiza ukuba sigxile emsebenzini ozolandela—inkonzo. Ngakho-ke, umqhubi kufanele alungiselele kahle, alungele ukudlulisela okuthile okukhuthazayo, okuqondile futhi okusebenzisekayo. Uma itekisi losuku likhuluma ngokuqondile ngomsebenzi wokushumayela, lingase lifundwe futhi kuxoxwe ngalo kafushane. Nokho, umhlangano kufanele ugxile ngokuyinhloko emsebenzini ozokwenziwa, kusizwe bonke abazoya emsebenzini wokufakaza ukuba bakulungele kangcono ukufeza inkonzo ngalolo suku.—2 Thim. 4:5.
Kungase kuxoxwe ngamaphuzu afanelekayo kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ukuze bonke basazi isipho esisetshenziswayo nendlela yokusihambisa. NgoSuku Lukamagazini kungaba nomboniso wentshumayelo kwesithi “Lokho Okufanele Ukusho Ngomagazini.” Kweminye imikhankaso, kungase kuqokonyiswe isethulo esisodwa noma ezimbili ezifanelekayo ensimini yebandla kwezisencwadini Ukubonisana. Kungase kuxoxwe noma kwenziwe umboniso ngesici esithile senkonzo, njengokuthi kumelwe lisetshenziswe kanjani iBhayibheli emzini womuntu, indlela yokusingatha abazama ukuvimba ingxoxo, indlela yokusikisela isifundo seBhayibheli, noma indlela yokulandelela isithakazelo.
Imihlangano yenkonzo akufanele yeqe imizuzu engu-10 kuya ku-15, okuhlanganisa ukuhlela iqembu, ukwaba insimu nomthandazo. Lapho sekuhlakazekwa, bonke abakhona kufanele bazi ukuthi bahamba nobani futhi bazosebenza kuphi, bese beya ensimini ngokushesha. Ngenxa yobufushane balo mhlangano, kubalulekile ukuba sonke sifike ngesikhathi. Uma umhlangano wenkonzo ulandela umhlangano webandla, njengeSifundo Se-Nqabayokulinda, kufanele ube mfushane nakakhulu. Akudingekile ukuba kuxoxwe ngetekisi losuku, ngoba kakade senibe nayo ingxoxo enhle engokomBhalo. Nokho, akufanele ungabi bikho umhlangano wenkonzo yasensimini noma uhlanganiswe neSifundo Se-Nqabayokulinda.
Abazalwane ababhapathiziwe abafanelekayo kufanele babelwe kusengaphambili ukuba baqhube umhlangano wenkonzo ngamunye. Uma bengekho abangahola ngosuku oluthile, abadala kufanele banqume ukuthi ibaphi odade ababhapathiziwe abangahola uma kuphakama isidingo. Ehlezi phansi, udade angase aqale ingxoxo yetekisi losuku noma amanye amaphuzu ahlobene nenkonzo, achaze kafushane. Kufanele afake isembozo sekhanda.
Imihlangano yenkonzo yasensimini ingamathuba amahle kakhulu okuba sikhuthazeke futhi sihlonyiselwe ukuhlanganyela enkonzweni. Uma umqhubi elungiselele kahle, bonke bayozuza ngokwengeziwe.