Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/02 k. 8
  • Kungani Siqhubeka Sishumayela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Siqhubeka Sishumayela?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Qhubekani Nishumayela UMbuso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • “Hambani Niyokwenza Abantu Bazo Zonke Izizwe Babe Abafundi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • “Kumelwe Ukhulume Leli Zwi Kuzo”
    UNkulunkulu Ukhuluma Nathi NgoJeremiya
  • Isizathu Esenza Sibuyele Njalo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 2/02 k. 8

Kungani Siqhubeka Sishumayela?

1 Ingabe umsebenzi wokushumayela ngoMbuso usuqhutshwe isikhathi eside endaweni yakini? (Math. 24:14) Uma kunjalo, ungase ube nomuzwa wokuthi insimu yebandla isihlanganiswe ngokwanele. Manje lapho ushumayela, mhlawumbe abantu abaningi ohlangana nabo babonakala bengasigqizi qakala isigijimi soMbuso. Noma kunjalo, phawula lokho okuvunywayo ngabafundi bakaJesu beqiniso ekhasini 141 lencwadi Isiprofetho Sika-Isaya II: “Ezindaweni ezithile imiphumela yenkonzo yabo ingase ibonakale iwubala uma iqhathaniswa nobungako bomsebenzi nomzamo owenziwe. Noma kunjalo bayakhuthazela.” Kodwa kungani siqhubeka sishumayela?

2 Khumbula UJeremiya: Ukukhuthazela kwethu ngokwethembeka emsebenzini wokushumayela akufanele kuncike ekutheni abantu bayasilalela yini noma cha. UJeremiya washumayela iminyaka engu-40 ensimini efanayo nakuba babembalwa kakhulu ababemlalela kuyilapho abaningi babemelene nesigijimi sakhe. Kungani uJeremiya aphikelela? Ngoba wayenza umsebenzi ayeyalwe nguNkulunkulu ukuba awenze futhi ulwazi lwakhe ngokuphathelene nalokho okwakuzokwenzeka esikhathini esizayo lwamshukumisela ukuba aqhubeke ekhuluma ngesibindi.—Jer. 1:17; 20:9.

3 Isimo sethu siyafana. UJesu “wasiyala ukuba sishumayele kubantu futhi sinikeze ubufakazi obuphelele bokuthi lona nguYe uNkulunkulu anquma ukuba abe umahluleli wabaphilayo nabafileyo.” (IzE. 10:42) Isigijimi esisiphethe siyindaba yokufa nokuphila kulabo abasizwayo. Abantu bayokwahlulelwa ngokwendlela abasabela ngayo ezindabeni ezinhle. Ngenxa yalokho, umthwalo wethu wemfanelo uwukwenza njengoba nje siyaliwe. Ngisho noma abantu benqaba ukulalela, lokhu kusinika ithuba lokubonisa ukujula kothando lwethu ngabo nokuzinikela kwethu kuJehova ngokuphikelela senza okumelwe sikwenze. Kodwa kunokwengeziwe.

4 Siyazuza: Ukwenza intando kaNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi abantu basabela kanjani ensimini, kusenza sibe nokuthula kwangaphakathi, sibe nokwaneliseka, nenjabulo, okungenakutholakala nganoma iyiphi enye indlela. (IHu. 40:8) Ukuphila kwethu kuba nenjongo yangempela. Lapho sihlanganyela ngokwengeziwe enkonzweni, yilapho izinhliziyo nezingqondo zethu nazo zigxila ngokwengeziwe ethembeni nasenjabulweni yokuphila ezweni elisha likaNkulunkulu. Ukuzindla ngalezi zithembiso ezingokomBhalo kukhulisa ingokomoya lethu futhi kuqinise ubuhlobo bethu noJehova.

5 Ngisho noma singayiboni imiphumela esheshayo emsebenzini wethu wokushumayela, kungenzeka ukuthi imbewu yeqiniso ezohluma ngesikhathi sikaJehova esifanele iye yatshalwa enhliziyweni yomuntu. (Joh. 6:44; 1 Kor. 3:6) Akekho kithi owaziyo ukuthi kusenabaningi kangakanani abasazofunda ngoMbuso ngemizamo yabantu bakaJehova, kungaba sendaweni yakini noma emhlabeni wonke.

6 Kufanele silalele lesi siyalo sikaJesu ukwedlula noma yinini ngaphambili: “Hlalani nibhekile, nihlale niphapheme, ngoba anazi ukuthi sinini isikhathi esimisiwe. Kodwa lokho engikusho kini ngikusho kubo bonke, Hlalani nilindile.” (Marku 13:33, 37) Khona-ke, kwangathi sonke singaqhubeka simemezela izindaba ezinhle zoMbuso, sijabulise inhliziyo kaJehova njengoba sihlanganyela ekungcweliseni igama lakhe elikhulu nelingcwele.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela