Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo
Umkhosi weSikhumbuzo kulo nyaka ungoLwesine, ngo-March 28. Nazi izinto okufanele abadala bazinakekele:
◼ Lapho nibeka isikhathi salo mhlangano, qinisekani ukuthi izifanekiselo ngeke zihanjiswe ilanga lingakashoni.
◼ Wonke umuntu, kuhlanganise nesikhulumi, kufanele atshelwe isikhathi esiqondile nendawo yalo mkhosi.
◼ Kufanele kutholakale uhlobo olufanele lwesinkwa newayini futhi kube sekulungile.—Bheka INqabayokulinda ka-February 15, 1985, ikhasi 17.
◼ Amapuleti, izingilazi netafula elifanelekayo nendwangu yetafula kufanele kulethwe kusengaphambili ehholo futhi kubekwe ngononina.
◼ IHholo LoMbuso noma enye indawo yalo mhlangano kufanele ihlanzisiswe kusengaphambili.
◼ Kufanele kuqokwe abalindi nabazohambisa izifanekiselo futhi banikezwe iziyalezo kusengaphambili ngemisebenzi yabo, ngenqubo efanele ezolandelwa, nangesidingo sokugqoka nokuzilungisa ngendlela enesithunzi.
◼ Kufanele kwenziwe amalungiselelo okuyisa izifanekiselo kunoma yibaphi abagcotshiwe ababuthaka ngokwenyama okwenza bangakwazi ukuba khona.
◼ Uma umuntu osusiwe ekuhlanganyeleni edla izifanekiselo, akufanele abalwe njengodlayo kodwa angabalwa njengobekhona.—Bheka INqabayokulinda ka-February 1, 1976, ikhasi 55.
◼ Lapho kunamabandla angaphezu kwelilodwa azosebenzisa iHholo LoMbuso elifanayo, kufanele kube nokubambisana okuhle phakathi kwamabandla ukuze kugwenywe ukuminyana okungadingekile kuvulandi noma esangweni noma ezindleleni zezinyawo nasendaweni yokupaka izimoto.