Injabulo Yenkonzo Yesikhathi Esigcwele
1 Njengomuntu osemusha, akungabazeki ukuthi uye wacabanga ngekusasa lakho. IzAga 21:5 zisitshela ukuthi “imicabango yokhutheleyo isenzuzweni.” Kuyozuzisa wena ukucabanga ngokungathi sína ngemigomo yakho ekuphileni. Njengoba uhlela ikusasa lakho, cabangela ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Ngani?
2 Buza abantu abadala ababa ngamaphayona eminyakeni yobusha babo ukuthi bazizwa kanjani ngayo, futhi njalo nje bayosho into efanayo: “Leyo kwakuyiminyaka ejabulisa kakhulu ekuphileni kwami!” Umzalwane owathola injabulo yenkonzo yesikhathi esigcwele kusukela ebunsizweni bakhe, kamuva ekuphileni kwakhe wathi: “Kuletha ukwaneliseka okujulile ukubheka emuva esikhathini sobusha ukwazi ukusho ukuthi uye wasilalela lesi seluleko esihlakaniphile: ‘Khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho.’” (UmSh. 12:1) Kudinga ukuhlela okuhle manje, kuwe nabazali bakho, ukuze nithole indlela yokuba uthole injabulo yalolu hlobo ebunsizweni noma ebuntombini bakho.
3 Bazali, Khuthazani Inkonzo Yesikhathi Esigcwele: UJehova njengoBaba okhathalelayo, unibonisa ngokuthé ngqo indlela okufanele nihambe ngayo. (Isaya 30:21) Ngokunikeza isiqondiso esinjalo sothando, unibekela isibonelo esihle njengabazali abangamaKristu. Esikhundleni sokushiyela ezinganeni zenu ukuba zizikhethele ukuthi iyiphi indlela engcono ngazo, ziqeqesheni ngokuhlakanipha ngendlela okufanele zihambe ngayo ukuze zithole isibusiso sikaJehova. Khona-ke lapho zikhula, ukuziqeqesha kwenu kuyozisiza ukuba ‘zihlukanise kokubili okulungile nokungalungile.’ (Heb. 5:14) Abantu abadala bazi ngokuhlangenwe nakho kwabo ukuthi abakwazi ukuthembela ekwahluleleni kwabo siqu; kumelwe bancike kuJehova ukuba aqondise izindlela zabo. (IzAga 3:5, 6) Lesi sidingo sikhulu nakakhulu entsheni, enokuhlangenwe nakho okungatheni ekuphileni.
4 Bazali, njengoba izingane zenu zeva eminyakeni eyishumi nambili, ngisho nangaphambi kwalokho, xoxani nazo nihlube udlubu ekhasini ngemigomo yazo yemisebenzi ezifuna ukuyiphishekela. Abeluleki basesikoleni, othisha, nezingane ezifunda nazo ziyozama ukuzithonyela ekuphishekeleni iminako yezwe yezinto ezibonakalayo. Sizani izingane zenu ukuba zikhethe izifundo zasesikoleni ezizoziqeqesha ngendlela ewusizo, zizihlomisele ukunakekela izidingo zazo zezinto ezibonakalayo ngaphandle kokudela izithakazelo zoMbuso. (1 Thim. 6:6-11) Ezimweni eziningi, kungenzeka ukuthi kudingeka nje imfundo yasesikoleni esiphakeme kanye nokufundela umsebenzi noma ukuqeqeshwa ube usebenza ukuze umuntu anakekele ngokwanele izidingo zakhe abe eqala enkonzweni yamaphayona avamile.
5 Khuthaza intsha ukuba iphishekele isipho sokungashadi. Uma kamuva inquma ukushada, iyobe isikulungele kangcono ukuthwala imithwalo esinda kakhudlwana yomshado. (Bheka isigaba 19 esenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 2001 esithi, “Ungazenza Yini Utholakale?”) Gxilisa entsheni, ngisho nalapho izingane zisezincane, isifiso sokuba isebenzise ukuphila kwayo ngendlela ethokozisa uJehova, ezuzisa abanye futhi eyilethela injabulo nayo ngokwayo, ngokukhuluma kahle ngenkonzo yokuphayona, ukukhonza lapho kunendingeko enkulu khona, inkonzo yaseBethel nangomsebenzi wezithunywa zevangeli.
6 Basha, Bekani Inkonzo Yesikhathi Esigcwele Kuqala: Basha, asikho isidingo sokuba nizibuze ukuthi kazi unjani umsebenzi wokuphayona. Ningawuzama ngezikhathi ezithile ngokuba amaphayona asizayo noma nini lapho kunokwenzeka khona phakathi nonyaka wesikole nangesikhathi samaholide. Khona-ke niyokwazi ukuthi empeleni yanelisa kangakanani inkonzo yamaphayona! Ningakwazi yini ukuhlela kusengaphambili ukuba nibe amaphayona asizayo ezinyangeni ezizayo?
7 Uma ungumzalwane osemusha enhlanganweni kaNkulunkulu, cabangela ukuzikhandlela ukufaneleka njengenceku ekhonzayo. (1 Thim. 3:8-10, 12) Ngaphezu kwalokho, nquma ukuthi ungethande yini mhlawumbe ukuthi lapho usufike ebudaleni obudingekayo, ufake isicelo senkonzo yaseBethel noma sokuya eSikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo. Okuhlangenwe nakho kwakho enkonzweni yamaphayona kuyokufundisa izifundo ezibaluleke kakhulu, njengokuphila ngesimiso, indlela yokuthuthukisa ukuhleleka komuntu siqu, indlela yokusebenzelana nabanye, nokuthi ungakuhlakulela kanjani ukuba umuntu onokwethenjelwa. Konke lokhu kuyokulungiselela amalungelo enkonzo athé xaxa kamuva.
8 Isici esiyisihluthulelo sokuphumelela enkonzweni yesikhathi esigcwele ukuba nomoya wokukhuthalela izinto ezingokwasezulwini. Umphostoli uPawulu wakhuthaza isimo sengqondo esinjalo, futhi wabonisa izinzuzo eziyoba umphumela walokho: “Noma ngabe yini eniyenzayo, yisebenzeni ngomphefumulo wonke njengokungathi nenzela uJehova, . . . ngoba niyazi ukuthi umvuzo ofanele . . . niyowuthola kuJehova.” (Kol. 3:23, 24) Kwangathi uJehova anganibusisa ngenjabulo enkulu enkonzweni yesikhathi esigcwele!