Indlela Ababonisi BeZifundo Zencwadi Zebandla Ababonisa Ngayo Isithakazelo Kumuntu Ngamunye
1 ISifundo Sencwadi Sebandla siklanyelwe ukuba “kunikezwe ukunakekela komuntu siqu ekukhuleni ngokomoya komuntu ngamunye. . . . Lokho kuwukubonakaliswa komusa wothando kaJehova nokunakekela kwakhe abantu bakhe.” (om-ZU k. 75; Isaya 40:11) Umbonisi wesifundo sencwadi unendima esemqoka ekunikezeni umuntu ngamunye ukunakekela okunjalo.
2 Esifundweni Sencwadi: Njengoba amaqembu esifundo sencwadi egcinwa emancane ngenhloso, umbonisi wesifundo sencwadi usethubeni lokuwazi kahle amalungu eqembu lakhe. (IzAga 27:23) Ngokuvamile kunamathuba okujabulela ubudlelwano ngaphambi noma ngemva kwesifundo isonto ngalinye. Phakathi nenyanga, angase akwazi ukuxoxa cishe nomuntu ngamunye oseqenjini. Lokhu kusiza amalungu esifundo sencwadi ukuba azizwe ekhululekile ukuya kuye lapho ebhekene nokuvivinywa noma edinga isikhuthazo.—Isaya 32:2.
3 Umbonisi wesifundo sencwadi uzama ukukhuthaza bonke eqenjini ukuba babe nengxenye esifundweni. Lokhu ukwenza ngokuqhuba isifundo ngendlela enomusa nemnene. (1 Thes. 2:7, 8) Ufuna izindlela zokuhilela bonke engxoxweni, kuhlanganise nezingane. Uma abanye benamahloni okuphendula, angase abasize ngasese ngokuhlela kusengaphambili ukuba bafunde umbhalo noma baphendule esigabeni esithile. Noma angase ababonise indlela yokuphendula ngawabo amazwi.
4 Uma umsizi wombonisi wesifundo sencwadi eyinceku ekhonzayo, umbonisi uhlela ukuba aqhube isifundo kanye njalo ngemva kwezinyanga ezimbili. Lokhu kunikeza umbonisi ithuba lokubona indlela umsizi enza ngayo futhi anikeze ukusikisela okuwusizo. Yeka ilungiselelo elihle lokusiza abazalwane ukuba bathuthukise ikhono labo lokufundisa!—Thithu 1:9.
5 Enkonzweni Yasensimini: Omunye wemithwalo eyinhloko yombonisi wesifundo sencwadi ukuhola ekushumayeleni izindaba ezinhle. (Num. 27:16, 17) Wenza amalungiselelo asebenzayo okufakaza njengeqembu futhi ulwela ukusiza bonke eqenjini ukuba bayijabulele inkonzo yabo. (Efe. 4:11, 12) Ukuze afeze lokhu, uzibekela umgomo wokusebenza enkonzweni nelungu ngalinye eqenjini. Futhi ubambisana nombonisi wenkonzo ukuze kuhlelwe ukuba labo abangathanda ukuthuthukisa isici esithile enkonzweni yabo basizwe ngabamemezeli abanokuhlangenwe nakho okuthé xaxa.
6 Njengomalusi Onothando: Umbonisi wesifundo sencwadi unesithakazelo kulabo abanengxenye encane kuphela emsebenzini wokushumayela ngenxa yezimo zabo. Uyaqinisekisa ukuthi labo abalinganiselwe kakhulu ngenxa yokuguga noma ngoba bevalelekile ezindlini nalabo abalinganiselwe okwesikhashana ngenxa yokugula noma yokulimala okungathí sina bayazi ukuthi kunelungiselelo elibavumela ukuba babike isikhathi senkonzo yasensimini esisukela emizuzwini engu-15 uma bengenakukwazi ukubika ihora eligcwele phakathi nenyanga eyodwa. (IKomiti Yenkonzo Yebandla iyona enqumayo ukuthi obani abalifanelekelayo leli lungiselelo.) Unesithakazelo nakulabo ababelwe eqenjini lakhe abapholile, alwele ukubasiza ukuba baphinde bavuselele inkonzo yabo ebandleni.—Luka 15:4-7.
7 Asive sibonga ngababonisi besifundo sencwadi abasibonisa isithakazelo sothando! Ukusinaka kwabo kusisiza ‘sonke ukuba sifinyelele ebunyeni okholweni, esilinganisweni sobukhulu esingesokugcwala kukaKristu.’—Efe. 4:13.