I-video Ezokufundisa Futhi Ikukhuthaze!
Kwakungu-April ngo-1951. Izinkulungwane zoFakazi BakaJehova endaweni eyayiyiSoviet Union—wonke amalungu emikhaya—zaqoqwa zalayishwa ezinqoleni zezitimela, zadingiselwa eSiberia. Kungani uhulumeni waseSoviet wawuzimisele kangaka ukubaqeda? Baphila kanjani futhi bachuma nanokuchuma naphezu koshushiso olunzima olwadonsa amashumi eminyaka? Izimpendulo uzozithola kuyi-video ethi Faithful Under Trials—Jehovah’s Witnesses in the Soviet Union. Yibukele, uvumele umyalezo wayo ofundisayo ukukhuthazele ukugcina ukwethembeka kwakho kuJehova, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani!
Ungayiphendula le mibuzo? (1) OFakazi BakaJehova baqala nini ukuqashelwa ngokusemthethweni eRussia? (2) Ngaphambi nangemva kweMpi Yezwe II, kwenzeka kanjani ukuba kube khona izinkulungwane ezengeziwe zemikhaya yoFakazi eSoviet Union? (3) Izinkolelo zabo zazingqubuzana kanjani nefilosofi kaLenin? (4) Kwakuyini i-Operation North, futhi uStalin wayethemba ukuthi uzofezani ngayo? (5) KoFakazi, kwakusho ukuthini ukudingiswa, futhi kwathiwa mabenzeni ukuze bangadingiswa? (6) Kulolo hambo olude ngesitimela oluya eSiberia, abafowethu nodadewethu bakhuthazana ngayiphi indlela eyamangaza abadingisi babo? (7) Iziphi izinsizi oFakazi abazikhuthazelela eSiberia? (8) Iliphi ilungiselelo elingokomoya abantu bakaJehova ababelazisa kakhulu, futhi kungani? (9) Kungani abafowethu babezimisele ukubeka ukuphila kwabo engozini ukuze bathole izincwadi, futhi baphumelela kanjani naphezu kwemizamo ephikelelayo yeziphathimandla yokubavimbela ukuba bangazitholi? (10) UKhrushchev wakuqhubekisela kanjani phambili ukuhlasela abantu bakaNkulunkulu? (11) Iziphathimandla zazama kanjani ukuqeda ukholo lwezingane zoFakazi? (12) Yini abafowethu abayiqonda ngokucacile mayelana nesizathu sokushushiswa kwabo? (INcwadi Yonyaka Ka-2002, amakhasi 203-4) (13) Isikhuni sabuya kanjani nomkhwezeli ekuhlaseleni kwabashushisi inhlangano kaNkulunkulu ngazo zonke izindlela? (INcwadi Yonyaka Ka-2002, amakhasi 220-1) (14) Iziphi izinto oFakazi eSoviet Union ababegcina ngokuphupha ngazo ezenzeka ngempela kubo? (15) Yini eyasiza abafowethu bakhuthazelela ukuvivinywa kwabo, futhi isigcawu sokugcina se-video sikubonisa kanjani ukuba yiqiniso kukaJeremiya 1:19? (16) Landisa indaba eyodwa yokubonisa ukwethembeka ngaphansi kovivinyo ekukhuthaza ngokukhethekile wena.