Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/03 k. 1
  • ‘Kutholele Indawo’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Kutholele Indawo’
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kusebenzise Ngokunenzuzo Ukungashadi Kwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ukungashadi—Indlela Yokuphila Enomvuzo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Lapho Ukungashadi Kuyisipho
    I-Phaphama!—1995
  • Ukungashadi—Umnyango Oholela Emsebenzini Ongenaziphazamiso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 4/03 k. 1

‘Kutholele Indawo’

1 Ngesinye isikhathi, lapho ekhuluma nabafundi bakhe ngomshado, uJesu wabiza ukungashadi ngokuthi ‘isipho.’ Wabe esethi: “Lowo ongase akwazi ukukutholela indawo makakutholele indawo.” (Math. 19:10-12) Eminyakeni ethile kamuva, umphostoli uPawulu wabhala ngezinzuzo zokungashadi wakhuthaza abanye ukuba balandele isibonelo sakhe sokuhlala engashadile. (1 Kor. 7:7, 38) Abaningi namuhla baye ‘bakutholela indawo’ ukungashadi futhi bajabulela izinzuzo zako. Ziyini ezinye zalezi zinzuzo?

2 Ukukhonza “Ngaphandle Kokuthikamezeka”: UPawulu wayeqonda ukuthi ukungashadi kwakumnika ithuba lokukhonza uJehova “ngaphandle kokuthikamezeka.” Ngokufanayo nanamuhla, umzalwane ongashadile angalwela ukufanelekela ukuya eSikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo, futhi ngokuvamile umuntu ongashadile ukhululekile ukuba angenele inkonzo yamaphayona, afunde olunye ulimi, athuthele lapho kunendingeko enkulu khona, akhonze eBethel, noma afanelekele amanye amalungelo enkonzo akhethekile. Angaba nesikhathi namathuba engeziwe okuba nesifundo somuntu siqu esijulile nawokuzindla nokuxhumana noJehova ngomthandazo osuka enhliziyweni. Ngokuvamile umuntu ongashadile unesikhathi esengeziwe sokuzinikela ekusizeni abanye. Yonke imisebenzi enjalo ‘izuzisa yena’ umuntu.—1 Kor. 7:32-35; IzE. 20:35.

3 Inkonzo enjalo eya kuNkulunkulu engaphazamisekile iletha imivuzo emihle. Ngemva kweminyaka engu-27 eseKenya, omunye udade ongashadile wabhala wathi: “Nganginabangane abaningi nomsebenzi omningi! Sasenza izinto ndawonye [futhi] sivakashelana. . . . Ngenxa yokuba ongashadile leyo nkululeko eyengeziwe yokuya nomaphi noma nini ngangikwazi ukuyisebenzisela ukuhlala ngimatasa enkonzweni, futhi lokhu kungilethele injabulo enkulu.” Wanezela wathi: “Kuyo yonke le minyaka ubuhlobo bami noJehova buye bajula.”

4 Ukukutholela Indawo: UJesu wathi isisusa sokuhlakulela isipho sokungashadi kufanele sibe ‘umbuso wamazulu.’ (Math. 19:12) Njenganoma isiphi isipho, ukungashadi kumelwe kusetshenziswe ngokufanele ukuze kujabulise futhi kuzuzise. Ngokuwasebenzisa kahle amathuba avulwa ukungashadi nangokuthembela kuJehova ukuze bathole ukuhlakanipha namandla, abantu abaningi abangashadile baye bayibona inzuzo yokusitholela indawo lesi sipho.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela