Izibusiso Zenkonzo Yokuphayona
1, 2. Yiziphi izibusiso ezihlobene eduze nenkonzo yokuphayona, futhi ngani?
1 “Ngiyazi ukuthi awukho omunye umsebenzi obungangilethela ukwaneliseka okunjengalokho engikuthole ngokutshela abanye iqiniso,” kusho elinye iphayona. Elinye lathi: “Ekupheleni kosuku ngalunye, ngilala kamnandi, futhi inhliziyo yami isuke ichichima injabulo.” Abazalwane nodadewethu abakuyo yonke indawo abaye banambitha izibusiso zenkonzo yokuphayona bazizwa ngendlela efana neyala maphayona.—IzAga 10:22.
2 Ukusiza abanye bathole ulwazi lweZwi likaNkulunkulu olusindisa ukuphila kuletha ukwaneliseka kwangempela. (IzE. 20:35; 1 Thes. 2:19, 20) Iphayona elingumakad’ ebona labhala lathi: “Kuyajabulisa futhi kuqinisa ukholo ukubona indlela iZwi likaNkulunkulu elinamandla ngayo okushukumisa abantu ukuba benze izinguquko ekuphileni kwabo.” Yebo, ngokuzenza atholakalele ukusiza abantu nokuqhuba izifundo zeBhayibheli, amaphayona azibeka ethubeni lokuthola izibusiso ezinjengalezi.
3, 4. Ukuphayona kumfundisa kanjani umuntu ukuthembela kuJehova, futhi lokhu kumsiza kanjani ukuba akhule ngokomoya?
3 Ukuthembela KuJehova: Ukuthembela emoyeni kaNkulunkulu nsuku zonke njengoba efeza inkonzo yawo kusiza amaphayona ukuba ahlakulele “izithelo zomoya” futhi kuyawavikela. (Gal. 5:16, 22, 23) Ngaphezu kwalokho, njengoba esebenzisa iZwi likaNkulunkulu njalo, ngokuvamile amaphayona aba nekhono lokusebenzisa imiBhalo ukuze avikele iqiniso futhi aqinise abanye. (2 Thim. 2:15) Umzalwane osephayone amashumi eminyaka wathi: “Ukuphayona kungisize ukuba ngithole ulwazi olujulile lweBhayibheli, engiye ngalusebenzisa ekusizeni abantu abaningi ukuba bazi uJehova nezinjongo zakhe.” Yeka ukuthi kwanelisa kanjani!
4 Amaphayona avamile kumelwe futhi athembele kuJehova ngezinye izindlela eziningi. Ukholo lwawo luyaqina njengoba ebona indlela ayibusisa ngayo imizamo yawo yokunakekela izidingo zawo ezingokwenyama. Elinye iphayona elineminyaka engu-72 ubudala eseliphayone iminyaka engu-55 lathi: “UJehova akakaze angidumaze.” Ngaphezu kwalokho, ngokugcina ukuphila kwawo kulula, amaphayona ayazivikela ezinkathazweni eziningi zokuphila. Ingabe kuyakukhanga lokhu?—Math. 6:22; Heb. 13:5, 6.
5. Ukuphayona kumsiza kanjani umuntu ukuba asondele kuJehova?
5 Ukusondela KuNkulunkulu: Ubuhlobo bethu noJehova buyinto eyigugu kakhulu esinayo. (IHu. 63:3) Uma sihlanganyela ngokugcwele enkonzweni ngenxa yothando ngoJehova, lobo buhlobo buyakhula. (Jak. 4:8) Umzalwane osephayone iminyaka engaphezu kwengu-18 wathi: “Inkonzo yokuphayona isinika ithuba lokuba ‘sinambithe sibone ukuthi uJehova muhle,’ sakhe ubuhlobo obuqinile noMdali wethu usuku nosuku.”—IHu. 34:8.
6. Yini amaphayona okumelwe abe nayo, futhi obani abanye abazuzayo ngaphandle kwamaphayona ngokwawo?
6 Ngaphezu kokuba nezimo eziwavumelayo, amaphayona kumelwe futhi abe nokholo oluqinile, uthando lwangempela ngoNkulunkulu nangomakhelwane kanye nokuzimisela ukuzidela. (Math. 16:24; 17:20; 22:37-39) Nokho, njengoba kufakazelwa injabulo ebhalwe ebusweni bamaphayona kuyo yonke indawo, izibusiso zenkonzo yokuphayona zinkulu ngokwedlulele. (Mal. 3:10) Lezi zibusiso azitholwa amaphayona nje kuphela, kodwa kuzuza nemindeni yawo nebandla emoyeni omuhle amaphayona awubonisayo.—Flp. 4:23.