Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/03 k. 1
  • Ukunconywa Kuyaqabula

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukunconywa Kuyaqabula
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Yeka Ukuthi Lihle Kanjani Nezwi Ngesikhathi Salo Esifanele!”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Hlala Ukukhumbula Ukubaluleka Kokuncoma
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Bonisa Isithakazelo Esiqotho—Ngokuncoma
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Kungani Kufanele Ubancome Abanye?
    I-Phaphama!—2012
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 11/03 k. 1

Ukunconywa Kuyaqabula

1 “Angithi angiganganga nje mina namhlanje?” kubuza intombazanyana ibibitheka ngesikhathi sokulala. Wammangalisa unina lowo mbuzo. Nakuba ayeqaphelile ukuthi intombazanyana yakhe yayizame kanzima kangakanani ukuziphatha kahle ngalolo suku, akazange asho ngisho nezwi elilodwa lokwazisa. Izinyembezi zaleyo ntombazanyana kufanele zisikhumbuze ukuthi sonke—abasha nabadala—siyakudinga ukunconywa. Ingabe siyabenza baqabuleke labo abaseduze kwethu ngokubancoma ngokuhle abakwenzayo?—IzAga 25:11.

2 AmaKristu esikanye nawo asinika izizathu eziningi zokuwancoma. Abadala, izinceku ezikhonzayo namaphayona basebenza kanzima ukuze bafeze izabelo zabo. (1 Thim. 4:10; 5:17) Abazali abesaba uNkulunkulu benza konke okusemandleni abo ukuze bakhulise izingane zabo ngezindlela zikaJehova. (Efe. 6:4) Intsha engamaKristu ilwa kanzima ukuze imelane ‘nomoya wezwe.’ (1 Kor. 2:12; Efe. 2:1-3) Abanye bakhonza uJehova ngokwethembeka naphezu kokuhamba kweminyaka, izinkinga zempilo, noma ezinye izilingo. (2 Kor. 12:7) Bonke laba bayakudinga ukunconywa. Ingabe siyayiqaphela imizamo yabo etusekayo?

3 Ncoma Umuntu Ngokuqondile Futhi Ucacise: Ngempela sonke siyajabula lapho sizwa sinconywa yisikhulumi endaweni yesikhulumi. Nokho, ukunconywa kuqabula nakakhulu lapho kubhekiswe kithi siqu. Ngokwesibonelo, esahlukweni 16 sencwadi yakhe eya kwabaseRoma, uPawulu washo amazwi acacile okutusa uFibhi, uPriska no-Akhwila, uTrifina noTrifosa, uPersisi nabanye. (Rom. 16:1-4, 12) Yeka ukuthi kumelwe ukuthi ayeqabula kanjani amazwi akhe kulabo bantu abathembekile! Ukutusa okunjalo kuqinisekisa abafowethu nodadewethu ukuthi bayadingeka futhi kusenza sisondelane. Ingabe ukhona omncome ngokucacile muva nje?—Efe. 4:29.

4 Makusuke Enhliziyweni: Ukuze kuqabule ngempela, ukuncoma kumelwe kube qotho. Abantu bayabona uma sikhuluma ngokusuka enhliziyweni noma simane nje ‘sithopha ngolimi.’ (IzAga 28:23) Njengoba siziqeqesha ukuba siqaphele izimfanelo ezinhle zabanye, izinhliziyo zethu ziyoshukumiseleka ukuba sincome. Sengathi singangakugodla ukuncoma abanye ngobuqotho, sazi ukuthi alive ‘lilihle izwi ngesikhathi salo esifanele!’—IzAga 15:23.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela