Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/03 k. 1
  • Ukufuna Abafanelekayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufuna Abafanelekayo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Kusihlwa
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Ukufakaza Ngocingo Kungaphumelela
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Ukufakaza Ngocingo Okuphumelelayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Wake Wakuzama Yini Ukufakaza Kusihlwa?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 12/03 k. 1

Ukufuna Abafanelekayo

1 Iziyalezo zikaJesu zokwenza umsebenzi wokushumayela ziyinselele. Wathi: “Kunoma yimuphi umuzi noma umzana eningena kuwo, funani ukuthi ubani ofanelekayo kuwo.” (Math. 10:11) Njengoba namuhla siya siba sincane isikhathi abantu abatholakala ngaso emakhaya, singabafuna kanjani abafanelekayo ngokuphumelelayo?

2 Hlaziya Insimu Yakho: Qala ngokuhlaziya insimu yakho. Isiphi isikhathi okungenzeka kakhulu ukuthi abantu baba khona ngaso emakhaya? Bangatholakalaphi phakathi nosuku? Ingabe lukhona usuku oluthile esontweni noma isikhathi esithile osukwini abangathanda kakhudlwana ngaso ukuvakashelwa? Ukuvumelanisa inkonzo yakho nezimo zabantu ensimini yenu kungakusiza uthole imiphumela emihle.—1 Kor. 9:23, 26.

3 Abamemezeli abaningi baye bakwazi ukubathola abantu ngezikhathi zakusihlwa. Ngaleso sikhathi, abanye abaninikhaya basuke bekhululeke kakhudlwana futhi bethanda ukulalela. Ebusika, ukufakaza ngocingo kusihlwa (lapho kuvumeleke khona) kungase kuphumelele. Ukusebenza ensimini yamabhizinisi nokufakaza ezindaweni zomphakathi nakho kuyizindlela zokufinyelela abantu ngezindaba ezinhle.

4 Ngenye inyanga ekhethekile, elinye ibandla lahlela ukufakaza njalo ntambama ngoMgqibelo nangeSonto nokufakaza njalo kusihlwa ngoLwesithathu nangoLwesihlanu. Lahlela nokufakaza ngocingo nokusebenza ensimini yamabhizinisi. La malungiselelo enza ibandla layishisekela kakhulu inkonzo kangangokuthi lanquma ukuqhubeka nawo.

5 Landelela Ngenkuthalo: Uma ensimini yenu kuyinselele ukuthola abantu emakhaya lapho ubuyela, zama ukuthi njalo lapho ubahambele, ngisho nasekuhambeleni kokuqala, ubeke isikhathi esiqondile ozobuyela ngaso, bese uyaqiniseka ukuthi uyabuyela ngaleso sikhathi. (Math. 5:37) Uma kufaneleka, ungacela izinombolo zocingo zomninikhaya. Lokhu kungakusiza ukuba ukwazi ukubuye uxhumane naye.

6 Nakanjani uJehova uyoyibusisa imizamo yethu eqotho yokufuna abafanelekayo neyokuhlakulela isithakazelo esisitholayo.—IzAga 21:5.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela