Qhubeka Ulandisa Ngemisebenzi KaJehova Emangalisayo
1. Imiphi eminye yemisebenzi kaJehova emangalisayo oyazisa ngokukhethekile?
1 Akekho umuntu ongaqhathaniswa noNkulunkulu wethu omkhulu, uJehova! UDavide wabhala: “Ziningi izinto ozenzile, Jehova Nkulunkulu wami, ngisho nemisebenzi yakho emangalisayo nemicabango yakho kithi; akekho noyedwa ongaqhathaniswa nawe.” (IHu. 40:5) Imisebenzi kaJehova emangalisayo ihlanganisa nokudalwa kwendawo yonke, uMbuso kaMesiya, izenzo zomusa wothando azenza kubantu bakhe nomsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke. (IHu. 17:7, 8; 139:14; Dan. 2:44; Math. 24:14) Uthando ngoJehova nokwazisa ngakho konke asenzele khona kusenza sazise abanye ngaye. (IHu. 145:5-7) Ngo-March, ngo-April nango-May sizoba nethuba lokukwenza ngokugcwele lokhu. Eminyakeni embalwa edlule abaningi baye baba amaphayona asizayo ngo-March nango-April, njengoba izinsuku zisuke zisezinde, ikakhulukazi ngo-March. Kulo nyaka kunezimpelasonto ezinhlanu ngo-May, okuzobasiza labo abenza ingxenye enkulu yenkonzo yasensimini ngezimpelasonto.
2. Thina ngokwethu sizuza kanjani ngokuba amaphayona asizayo?
2 Ukuba Iphayona Elisizayo: Ingabe ungahlela ukuchitha amahora angu-50 enkonzweni enyangeni eyodwa noma ngaphezulu kulezi ezikhethekile? Ngokuqinisekile noma iziphi izinguquko oyozenza esimisweni sakho uyobe ungazenzelanga ize. (Efe. 5:16) Abaningi bathole ukuthi ubuphayona obusizayo bubasiza ukuba bathuthukise izinga lenkonzo yabo. Bakhululeka kakhudlwana kubaninikhaya futhi balisebenzisa kakhudlwana neBhayibheli. Ukuchitha isikhathi esengeziwe ensimini kwenza kube lula ukulandelela noma isiphi isithakazelo abasitholayo, futhi abanye abebengakaze baqhube isifundo seBhayibheli baye basiqala ngesikhathi bengamaphayona asizayo. Ngenxa yokuthi ukuba iphayona elisizayo kuhilela ukuzikhandla ngenxa yabanye, kungumsebenzi ojabulisayo.—IzE. 20:35.
3. Abanye bakwaze kanjani ukuba amaphayona asizayo naphezu kwezimo ezinzima?
3 Ungasheshi uphethe ngokuthi izimo zakho azikuvumeli ukuba ube iphayona elisizayo. Omunye umdala owaba iphayona elisizayo ngonyaka odlule unabantwana ababili futhi uyasebenza. Wakwazi kanjani ukuphayona lo mzalwane omatasa? Njengoba esebenza phakathi nesonto, wahlela ukusebenza isikhathi eside enkonzweni ngezimpelasonto, eqala ngokufakaza emgwaqweni ngo-7:00 ekuseni ngemiGqibelo. Nabanye ebandleni ababesesimweni esifanayo baba amaphayona, basekelana futhi bakhuthazana. Kwelinye ibandla, udade oneminyaka engu-99 wanquma ukuphayona ngo-May ngemva kokuba ecelwe indodakazi yakhe ukuba aphayone kanye nayo. Abanye ebandleni babemsiza lo dade osekhulile bemqhuba ngesihlalo sakhe esinamasondo ukuya endlini ngendlu nasezifundweni zeBhayibheli. Wabuye washumayela ngocingo, emgwaqweni, nangokubhala izincwadi. Uyaqiniseka ukuthi lokhu akakwenzanga ngamandla akhe kodwa ngosizo lukaJehova kuphela.—Isaya 40:29-31.
4. Iziphi izinto esingazicabangela lapho sakha isimiso sokuba amaphayona asizayo?
4 Zama ukwakha isimiso esivumelana kangcono kakhulu nezimo zakho. Isimiso esiyisibonelo esikule Nkonzo Yethu YoMbuso singasiza. Ingabe uyasebenza noma uyafunda? Isimiso esingakufanela kangcono yileso esizokwenza usebenzise ikakhulu izimpelasonto. Uma unezinkinga zempilo futhi amandla akho engakuvumeli ukuba usebenze isikhathi eside enkonzweni, isimiso esingaba ngcono yileso esizodinga ukuba usebenze isikhashana usuku ngalunye. Khuluma nabanye ngesifiso sakho sokuba iphayona elisizayo. Mhlawumbe nabo bangakwenza kube umgomo wabo.
5. Imiphi imigomo intsha engazibekela yona ngo-March, ngo-April nango-May?
5 Izindlela Intsha Engahlanganyela Ngazo: UJehova uyajabula lapho abasebancane bekhuluma ngemisebenzi yakhe emangalisayo. (IHu. 71:17; Math. 21:16) Uma usemncane futhi ubhapathiziwe, mhlawumbe ungaba iphayona elisizayo ngenyanga okuvalwe ngayo izikole. Uma ungenakukwazi ukuba iphayona elisizayo, ungakwazi yini ukuzibekela imigomo eqondile yokwandisa ingxenye yakho nokuthuthukisa izinga lenkonzo yakho ngalezi zinyanga? Uma ubulokhu uya enkonzweni kanye nabazali bakho kodwa ungakabi ummemezeli ongabhapathiziwe, lesi kungaba isikhathi esikahle sokuzama ukufaneleka. Akudingekile ucabange ukuthi kufanele uze ube uchwepheshe ekuphenduleni imibuzo yeBhayibheli noma ukuthi kufanele ube nolwazi olungangolwabantu abadala ababhapathiziwe. Ingabe uyaziqonda izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo? Ingabe uphila ngezimiso zeBhayibheli zokuziphatha? Ingabe uyafuna ukwaziwa njengomunye woFakazi BakaJehova? Uma kunjalo, khuluma ngakho nabazali bakho. Bangahlela ukuya nawe kubadala ukuze babone ukuthi uyafaneleka yini.—Bheka incwadi ethi Ukuhlelelwa, amakhasi 98-9.
6. Singabasiza kanjani abafundelwayo ukuba babe abamemezeli bezindaba ezinhle?
6 Ukusiza Abanye Ukuba Bashumayele: Abantu abafundelwayo abathuthukayo bangase bakufanelekele ukuba abamemezeli kanye nathi ngalezi zinyanga ezizayo ezikhethekile. Uma unomuntu omfundelayo othuthuka kahle, cela usizo kumbonisi wesifundo senu sencwadi noma kumbonisi wenkonzo. Omunye wabo angaba khona lapho nifunda ukuze abone intuthuko yomfundi. Uma umfundi efaneleka futhi efisa ukuba ummemezeli, umbonisi owengamele angahlela ukuba abadala ababili babonane nawe kanye nomfundi. (Bheka INqabayokulinda ka-November 15, 1988, kk. 16-17, izig. 8-10.) Uma umfundi evunyelwa, qala khona manjalo ukumqeqesha enkonzweni.
7. Bangasizwa kanjani abamemezeli abangaphumi njalo kanye nabapholile?
7 Ababonisi bezifundo zencwadi kufanele babheke ngokukhethekile noma ibaphi emaqenjini abo asebepholile noma abangaphumi njalo. Bacele wena ngokwakho ukuba basebenze nawe enkonzweni. Uma sekuyisikhathi eside bepholile, kungcono ukuba abadala ababili bakhulume nabo kuqala ukuze babone ukuthi bayafaneleka yini. (Bheka iBhokisi Lemibuzo le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-November 2000.) Intshiseko yebandla ngalezi zinyanga ezikhethekile ingase ibenze baphinde futhi bahlanganyele njalo enkonzweni.
8, 9. Yini abadala abangayenza ukuze bakhe intshiseko ngezinyanga ezikhethekile?
8 Kulungeleni Manje Ukwenza Okwengeziwe: Badala, qalani manje ukufaka ibandla intshiseko yokuba amaphayona asizayo. Kukhulu eningakufeza ngamazwi enu akhuthazayo nangesibonelo esihle. (1 Pet. 5:3) Iliphi inani eliphakeme kunawo wonke lamaphayona asizayo elafinyelelwa ebandleni ngokwedlule? Lingadlulwa yini kulo nyaka? Ababonisi bezifundo zencwadi kanye nabasizi babo kufanele bafune izindlela zokukhuthaza bonke eqenjini ukuba benze okwengeziwe. Ababonisi benkonzo bangase bahlele imihlangano eyengeziwe yenkonzo yasensimini. Yazisani ibandla kusenesikhathi ukuthi yini ehleliwe. Qinisekani ukuthi bakhona abamemezeli abafanelekayo ababelwe ukuba bahole nokuthi imihlangano yenkonzo iqala futhi iphele ngesikhathi. (Bheka iBhokisi Lemibuzo le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 2001.) Umbonisi wenkonzo kufanele futhi ahlele ukuba kube nensimu eyanele kanye nomagazini nezincwadi ezanele.
9 Ngonyaka odlule abadala kwelinye ibandla baqala ngentshiseko futhi kusenesikhathi ukukhuthaza ubuphayona obusizayo, abaningi babo bafaka izicelo. Bahlela ukuba kube nemihlangano eyengeziwe yenkonzo yasensimini—omunye ngo-5:30 ekuseni wokufakaza emgwaqweni, omunye ngo-3:00 ntambama walabo abaphuma esikoleni, nomunye futhi ngo-6:00 ntambama walabo abaphuma emsebenzini. Ngaphezu kwalokho kwahlelwa eminye imihlangano emithathu yenkonzo yasensimini ngemiGqibelo. Ibandla lasabela ngokuthi kube nabangu-66 ababhalisele ukuba amaphayona asizayo ngo-April!
10. Imikhaya ingakulungiselela kanjani ukwandisa inkonzo yayo?
10 Kunganjani nibeke isikhathi eceleni esifundweni senu somkhaya esilandelayo nibeke imigomo efinyelelekayo yalezi zinyanga ezizayo? Ngokubambisana nangokuhlela, abanye, noma nonke emkhayeni, bangakwazi ukuba amaphayona asizayo. Uma kungenakwenzeka, zibekeleni imigomo yokwandisa inkonzo yenu ngokwandisa isikhathi enivame ukusichitha enkonzweni noma ngokushumayela nangezinye futhi izikhathi. Kuthandazeleni njengomkhaya. Ningaqiniseka ukuthi uJehova uyoyibusisa imizamo yenu.—1 Joh. 3:22.
11. (a) Iziphi izinto ezinhle ezafezwa umhlatshelo kaKristu? (b) Sizogujwa ngasikhathi sini futhi kuphi iSikhumbuzo la ebandleni lakithi?
11 Imisebenzi KaNkulunkulu Emangalisa Kunayo Yonke: Isenzo sikaJehova sothando esikhulu kunazo zonke ukunikela ngeNdodana yakhe ukuba ibe isihlengo sethu. (1 Joh. 4:9, 10) Umhlatshelo wesihlengo uyisizathu esingokomthetho sokuhlenga isintu esonweni nasekufeni. (Roma 3:23, 24) Igazi likaJesu elachitheka laqinisa isivumelwano esisha, lenza ukuba abantu abangaphelele bakwazi ukuba amadodana kaNkulunkulu okutholwa anethemba lokubusa eMbusweni wasezulwini. (Jer. 31:31-34; Marku 14:24) Okubaluleke kunakho konke, ukulalela kukaJesu okuphelele kukho konke ukuphila kwakhe kwangcwelisa igama likaJehova. (Dut. 32:4; IzAga 27:11) NgeSonto, April 4, ngemva kokushona kwelanga, kuyogujwa iSikhumbuzo sokufa kukaKristu emhlabeni wonke.
12. Ukuba khona eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa kungabazuzisa kanjani abathakazelayo?
12 Ukugujwa kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa kudumisa imisebenzi kaJehova emangalisayo. Inkulumo yeSikhumbuzo yakha ukwazisa ngesenzo sikaJehova sokulungiselela umhlatshelo. Abathakazelayo bayokwazi ukubona eminye imisebenzi kaNkulunkulu emangalisayo. Bayokwazi ukubona ubunye nothando uJehova afundise abantu bakhe ukuba balubonise. (Efe. 4:16, 22-24; Jak. 3:17, 18) Ukuba khona kulesi senzakalo esibalulekile kuyoyithonya ngempela ingqondo yomuntu, ngakho sifuna kube khona abaningi ngangokunokwenzeka.—2 Kor. 5:14, 15.
13, 14. Obani okufanele sibameme eSikhumbuzweni, futhi kufanele sibameme kanjani?
13 Ukumema Abanye: Qala khona manje ukwenza uhlu lwalabo ozobamema. Ohlwini lwakho kufanele kube khona izihlobo zakho ezingakholwa, omakhelwane, osebenza nabo noma ofunda nabo, izifundo zakho zeBhayibheli zakudala nezamanje kanye nazo zonke izimpindelo zakho. Ababonisi bezifundo zencwadi kufanele bafake ohlwini lwabo noma ibaphi abamemezeli asebepholile.
14 Sebenzisa izimemo zeSikhumbuzo ezinyathelisiwe ubhale kuzo ngomshini noma ngobunono ngesandla isikhathi nendawo iSikhumbuzo esizoba kuyo. Noma, ungase ukhethe ukusebenzisa isimemo esisekhasini elingemuva le-Nqabayokulinda ka-March 15, 2004, noma i-Phaphama! ka-April 8, 2004. Lapho u-April 4 esondela, yiya kubo labo abasohlwini lwakho noma ubashayele ucingo ubakhumbuze.
15. Singabonisa kanjani ukuthi siyabamukela abasha ngobusuku beSikhumbuzo?
15 ESikhumbuzweni: Zama ukusheshe ufike ngobusuku beSikhumbuzo. Bonisa ukwamukela abasha ngokubabingelela ngothando. (Roma 12:13) Labo obamemile kufanele ubanakekele ngokukhethekile. Benze bazizwe bamukelekile, futhi ubethule kwabanye basebandleni. Mhlawumbe ungabasiza ubatholele indawo eduze kwakho. Futhi uma kukhona abangenalo iBhayibheli noma iculo, bahlelele ukuba babukisane nawe noma nomunye. Ngemva kweSikhumbuzo, yiba seduze ukuze uphendule imibuzo abangase babe nayo. Uma abanye beqala ukuba khona, babuze ukuthi bangathanda yini ukwazi okwengeziwe ngeZwi likaNkulunkulu nangezinjongo zakhe. Cela ukubaqhubela isifundo seBhayibheli.
16. Yini engenziwa ukuze kusizwe abebekhona ukuba bathuthuke ngokomoya?
16 Qhubeka Usiza Labo Abebekhona: Emasontweni angemva kweSikhumbuzo, kungenzeka badinge usizo olwengeziwe labo abebekhona. Lokhu kuhlanganisa nalabo ababebakhona njalo emihlanganweni kodwa manje abangasabi khona njalo. Abadala bazokuphaphamela ukubona ukuthi abanjalo abalitshalwa, bafune ukuthola ukuthi kungani bayeka ukuthuthuka ngokomoya. Gcizelelani kubo ukuthi izikhathi ziyaphuthuma. (1 Pet. 4:7) Basizeni bonke ukuba babone inzuzo yokulalela isiyalo semiBhalo sokuhlangana njalo nabantu bakaNkulunkulu.—Heb. 10:24, 25.
17. Kungani kufanele siqhubeke silandisa ngemisebenzi kaJehova emangalisayo?
17 Imisebenzi kaJehova imangalisa kakhulu ukuba singayiqonda ngokuphelele ngisho noma singaphila phakade. (Jobe 42:2, 3; UmSh. 3:11) Ngakho asisoze saphelelwa izinto esingamdumisa ngenxa yazo. Ngalesi Sikhumbuzo singabonisa ukwazisa kwethu ngemisebenzi kaJehova emangalisayo ngokuba senze umzamo okhethekile wokwandisa inkonzo yethu.
[Ishadi ekhasini 5]
Ungaba Yini Iphayona Elisizayo Usebenzisa Esinye Salezi Zimiso?
Ngo-March Su M* Tu* W* Th F Sa Inyanga
Ingqikithi
Usuku Ngalunye 2 1 1 1 1 1 5 51
Izinsuku Ezimbili 0 5 0 5 0 0 0 50
Izimpelasonto Kuphela 5 0 0 0 0 0 8 52
Izimpelasonto Nezinsuku
Ezimbili 2 0 0 2 0 2 6 50
Ngo-April Su M Tu W Th* F* Sa Inyanga
Ingqikithi
Usuku Ngalunye 2 1 1 1 1 1 5 50
Izinsuku Ezimbili 0 0 0 0 5 5 0 50
Izimpelasonto Kuphela 5 0 0 0 0 0 8 52
Izimpelasonto Nezinsuku
Ezimbili 2 0 0 2 0 2 6 50
Ngo-May Su* M* Tu W Th F Sa* Inyanga
Ingqikithi
Usuku Ngalunye 2 1 1 1 1 1 4 51
Izinsuku Ezimbili 0 5 0 0 0 0 5 50
Izimpelasonto Kuphela 3 0 0 0 0 0 7 50
Izimpelasonto Nezinsuku
Ezimbili 2 0 0 2 0 2 5 51
* Zinhlanu kule nyanga