Ukuhambisa Incwadi Ethi Funda KuMfundisi Omkhulu
◼ “Ucabanga ukuthi umhlaba ubuyoba indawo engcono ukube abantu bebephila ngokwalesi sisho? [Funda uMathewu 7:12a bese ulindela impendulo.] Le ncwadi inezifundo eziningi ezivela kumfundisi omkhulu owake waphila.” Qokomisa izithombe namazwi azichazayo esahlukweni 17.
◼ “Abazali abaningi namuhla bazama ukugxilisa imikhuba emihle ezinganeni zabo. Ucabanga ukuthi lokho kubalulekile? [Lindela impendulo bese ufunda izAga 22:6.] Phawula ukuthi abazali bakhuthazwa ukuba baqale ukuqeqesha izingane zabo zisencane. Le ncwadi iklanyelwe ukubasiza ukuba benze lokho.” Qokomisa izithombe namazwi azichazayo esahlukweni 15, 18, noma esahlukweni 32.
◼ “Abazali bavamile ukumangazwa imibuzo ebuzwa izingane zabo. Eminye yaleyo mibuzo kungaba nzima ukuyiphendula, akunjalo? [Lindela impendulo bese ufunda eyesi-2 Thimothewu 3:14, 15.] UThimothewu wafundiswa ngunina nogogo wakhe esewusana lokho okushiwo imiBhalo. Le ncwadi ingabasiza abazali namuhla ukuba benze okufanayo ezinganeni zabo.” Qokomisa izithombe ezimbalwa namazwi azichazayo ezahlukweni 11 no-12 noma ezahlukweni 34 kuya ku-36.