Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda Oct. 15
“Abanye abantu bakholelwa ukuthi uma bengaba nemali eningi ukuphila kwabo kungajabulisa kakhudlwana. Ucabanga ukuthi kuyiqiniso lokho? [Lindela impendulo.] Phawula lokho okwabhalwa indoda eyayicebe kakhulu. [Funda umShumayeli 5:10.] Lo magazini ukhuluma ngezinto ezibaluleke ukwedlula ingcebo.”
INqabayokulinda Nov. 1
“Abantu abaningi ababathembi abaholi abangabantu ukuthi bangakwazi ukuxazulula izinkinga zanamuhla. Ucabanga ukuthi ukhona umuntu ongafeza lokho okubikezelwe kula mavesi? [Funda iHubo 72:7, 12, 16 bese ulindela impendulo.] Lo magazini uchaza ukuthi ungubani lo mholi owabikezelwa nokuthi yini ayoyenza.”
Phaphama! Nov. 8
“Abantu abaningi bayakubona ukubaluleka kokuqeqesha izingane kusukela zisencane. Uyasibona wena isidingo salokho namuhla? [Lindela impendulo bese ufunda izAga 22:6.] Le Phaphama! ikhuluma ngezinto abazali abangazenza ukuze basize izingane zabo zikhule zibe abantu abadala abaqotho futhi abaphumelelayo.”
“Awuvumi yini ukuthi izingane zidinga isiqondiso ukuze zimelane nezingcindezi ezibhekene nazo namuhla? [Lindela impendulo bese ufunda eyabase-Efesu 6:4.] Lo magazini uchaza ukuthi siyini ngempela isiyalo. Ukhuluma nangendlela abazali abangaziqondisa futhi baziyale ngayo izingane zabo ngaphandle kokuzidangalisa.”