Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/04 k. 12
  • Ongakusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongakusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
km 10/04 k. 12

Ongakusho Ngomagazini

INqabayokulinda Oct. 15

“Abanye abantu bakholelwa ukuthi uma bengaba nemali eningi ukuphila kwabo kungajabulisa kakhudlwana. Ucabanga ukuthi kuyiqiniso lokho? [Lindela impendulo.] Phawula lokho okwabhalwa indoda eyayicebe kakhulu. [Funda umShumayeli 5:10.] Lo magazini ukhuluma ngezinto ezibaluleke ukwedlula ingcebo.”

INqabayokulinda Nov. 1

“Abantu abaningi ababathembi abaholi abangabantu ukuthi bangakwazi ukuxazulula izinkinga zanamuhla. Ucabanga ukuthi ukhona umuntu ongafeza lokho okubikezelwe kula mavesi? [Funda iHubo 72:7, 12, 16 bese ulindela impendulo.] Lo magazini uchaza ukuthi ungubani lo mholi owabikezelwa nokuthi yini ayoyenza.”

Phaphama! Nov. 8

“Abantu abaningi bayakubona ukubaluleka kokuqeqesha izingane kusukela zisencane. Uyasibona wena isidingo salokho namuhla? [Lindela impendulo bese ufunda izAga 22:6.] Le Phaphama! ikhuluma ngezinto abazali abangazenza ukuze basize izingane zabo zikhule zibe abantu abadala abaqotho futhi abaphumelelayo.”

“Awuvumi yini ukuthi izingane zidinga isiqondiso ukuze zimelane nezingcindezi ezibhekene nazo namuhla? [Lindela impendulo bese ufunda eyabase-Efesu 6:4.] Lo magazini uchaza ukuthi siyini ngempela isiyalo. Ukhuluma nangendlela abazali abangaziqondisa futhi baziyale ngayo izingane zabo ngaphandle kokuzidangalisa.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela