Inkathi YeSikhumbuzo—Isikhathi Somsebenzi Owengeziwe
1. ‘Imikhosi yezinkathi ezithile’ yayiwathinta kanjani ama-Israyeli esaba uNkulunkulu?
1 Ngezikhathi ezimisiwe onyakeni, ama-Israyeli asendulo ayegubha “imikhosi kaJehova yezinkathi ezithile.” (Lev. 23:2) Ukuzinika isikhathi sokucabanga ngobuhle bukaNkulunkulu wawo kwakuwenza ajabule kakhulu futhi kuwashukumisela ukuba ashisekele ukukhulekela okuhlanzekile.—2 IziKr. 30:21–31:2.
2, 3. Kungani kufaneleka ukuba sandise inkonzo yethu kuNkulunkulu ngenkathi yeSikhumbuzo, futhi sizosigubha nini iSikhumbuzo?
2 Ezikhathini zanamuhla, umsebenzi wethu ojabulisayo esiwunikwe uNkulunkulu uyanda unyaka ngamunye ngenkathi yeSikhumbuzo. Lena inkathi esiye sicabange ngayo ngokujulile ngesipho sikaJehova esiyigugu asinikela ngenxa yethu—iNdodana yakhe ezelwe yodwa. (Joh. 3:16; 1 Pet. 1:18, 19) Njengoba sizindla ngothando olwaboniswa nguNkulunkulu neNdodana yakhe, sizizwa sishukumiseleka ukuba sidumise uJehova futhi sizikhandle ekwenzeni intando yakhe.—2 Kor. 5:14, 15.
3 Kulo nyaka iSidlo SeNkosi Sakusihlwa sizogujwa ngoLwesine, March 24, ngemva kokushona kwelanga. Singayandisa kanjani ingxenye esiyifeza enkonzweni ngenyanga ka-March, April no-May?
4, 5. (a) Yini eye yasiza abanye ukuba bafinyelele abantu abengeziwe ngezindaba ezinhle? (b) Yini oye wayithola iphumelela ensimini yenu yebandla?
4 Ukufinyelela Abantu Abengeziwe: Funa izindlela zokufinyelela abantu abaningi ngangokunokwenzeka lapho usenkonzweni yasensimini. Ingabe ungahlela ukusebenza indlu ngendlu lapho iningi labantu lisekhaya, mhlawumbe ntambama noma kusihlwa? Uma abathile eqenjini lenu lesifundo sencwadi bengathanda ukuya ensimini ngaphambi kwesifundo, umbonisi wesifundo sencwadi angase ahlele umhlangano omfushane wenkonzo ukuze basebenze ensimini eseduze.
5 Enye indlela yokufinyelela abantu abaningi ukushumayela ezindaweni zomphakathi. Udade othile eJapane wayefuna ukuba iphayona elisizayo yize ayesebenza isikhathi esigcwele ukuze aziphilise. Umdala wasikisela ukuthi usuku ngalunye ngaphambi kokuba aye emsebenzini, angase ashumayele emgwaqweni ngasesiteshini sesitimela. Ngemva kokunqoba ukwesaba ayenako futhi kungasamhluphi ukugconwa abanye abantu agibela nabo, waqala umzila kamagazini wabantu abangaba ngu-40, kuhlanganise nayegibela nabo, izisebenzi zasesiteshini nabanikazi bezitolo eziseduze. Wayehambisa omagazini ababalelwa ku-235 ngenyanga. Ngokuxoxa nabantu ngamaphuzu athile emiBhalo imizuzu embalwa usuku ngalunye, wakwazi ukuqala izifundo zeBhayibheli eziyisithupha.
6. Intsha ingayandisa kanjani inkonzo yayo kuNkulunkulu?
6 Amathuba Okushumayela: Abamemezeli abaningi abasafunda esikoleni baba nezikhathi zamaholidi phakathi nonyaka. Lezi kungaba yizikhathi ezikahle zokuba amaphayona asizayo. Ngaphezu kwalokho, intsha engamaKristu ingandisa inkonzo yayo ngokushumayela esikoleni. Kungase kunimangaze ukubona indlela enifunda nabo abafuna ngayo ukwazi ngezinkolelo zenu. Kungani ningasebenzisi izingxoxo zasekilasini noma izindaba ezilotshwayo ukuze nishumayele? Abanye baye bakwenza lokhu ngama-video ethu. Abanye baye baqala izifundo zeBhayibheli nabafunda nabo, babasiza ukuba bathuthuke baze bazinikezela futhi babhapathizwa. Lezi izindlela ezinhle ‘zokudumisa igama likaJehova.’—IHu. 148:12, 13.
7. (a) Omunye umzalwane wawasebenzisa kanjani amathuba okufakaza kwabanye? (b) Ingabe kuye kwenzeka okufanayo nakuwe?
7 Kulokho okwenza nsuku zonke, funa izindlela zokuxoxa nabantu ngoNkulunkulu wethu omuhle nezithembiso zakhe ezinhle. Umzalwane othile ohamba ngesitimela esifanayo nsuku zonke uye afakaze kwagibela nabo lapho kufaneleka. Ngokwesibonelo, lapho elinde isitimela esilandelayo esiteshini, wayefakaza kwenye insizwa imizuzu emihlanu usuku ngalunye. Ngenxa yalokho, le nsizwa nomngane wayo basamukela isifundo seBhayibheli. Lesi sifundo sasiqhutshwa esitimeleni njengoba behamba. Ngemva kwesikhathi esithile, owesifazane othile osekhulile owayelalela lapho bexoxa, weza kulo mzalwane wacela isifundo seBhayibheli. Naye uqhutshelwa isifundo ngezinsuku ahamba ngazo ngesitimela. Ngale ndlela, lo mzalwane uye wafundela abantu abayishumi abahlukene esitimeleni.
8. Iyiphi indlela yokushumayela engasiza labo abafeza okuncane ngenxa yokukhula noma izinkinga zempilo ukuba bandise inkonzo yabo?
8 Kuthiwani uma kukuncane ongakufeza ngenxa yokukhula noma izinkinga zempilo? Kunezinye izindlela ongandisa ngazo indlela odumisa ngayo uJehova. Usuke wakuzama yini ukushumayela ngocingo? Uma ungaqiniseki ukuthi ungakwenza kanjani lokhu, tshela umbonisi wesifundo senu sencwadi. Angase akwazi ukuhlela ukuba usebenze nabamemezeli abayisebenzisayo le ndlela. Uma nisebenza ndawonye, ningafundisana futhi nisizane ukuze nishumayele ngendlela ephumelelayo. Ukusikisela okuhle kwendlela yokufakaza ngocingo kungatholakala kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-February 2001, amakhasi 5-6.
9. Singabasiza kanjani abafundi beBhayibheli ukuba bafanelekele ukushumayela nebandla enkonzweni yasobala?
9 Ukuba khona eSikhumbuzweni kungashukumisa abasanda kuhlanganyela ukuba bafune ukwandisa indlela abadumisa ngayo uJehova. Ungabasiza ukuba banqobe uvalo okungenzeka banalo ngomsebenzi wokushumayela ngokubaxoxela izinto ezakhayo owahlangabezana nazo enkonzweni yasensimini nangokuqhubeka ubaqeqesha ukuba bachaze izimfundiso zeBhayibheli futhi bamelele ukholo lwabo. (1 Pet. 3:15) Uma umfundi ethi ufisa ukuqala ukushumayela izindaba ezinhle, khuluma nombonisi owengamele. Uyohlela ukuba kuhlanganwe nomfundi ukuze kuhlolwe ukuthi uyakufanelekela yini ukushumayela nebandla enkonzweni yasobala. Yeka indlela okumelwe ukuba kuyithokozisa ngayo inhliziyo kaJehova ukubona abasanda kuhlanganyela besekela uhlangothi lwakhe empikiswaneni yendawo yonke!—IzAga 27:11.
10. (a) Isimiso esihlelwe kahle singasisiza kanjani ukuba sibe amaphayona asizayo? (b) Ingabe wakwazi ukuhlela ukuba iphayona elisizayo nyakenye ngenkathi yeSikhumbuzo? Kanjani?
10 Ungakwazi Yini Ukuba Iphayona Elisizayo? Amahora angu-50 afuneka kumaphayona asizayo kufanele abhekwe njengendaba ebalulekile. (Math. 5:37) Lokhu kusho ukuthi kudingeka uhlele ukusebenza amahora angaba ngu-12 enkonzweni yasensimini isonto ngalinye. Likhona yini kumasampula esimiso samaphayona asizayo asekhasini 5 elivumelana nezimo zakho? Uma kungenjalo, ungakwazi yini ukuhlela isimiso esizokuvumela ukuba ube iphayona elisizayo ngo-March, April, noma ngo-May? Cela uJehova ukuba abusise imizamo yakho yokwandisa inkonzo yakho.—IzAga 16:3.
11. Abadala nezinceku ezikhonzayo bangabasekela kanjani abayoba amaphayona asizayo?
11 Abadala nezinceku ezikhonzayo bayoyisekela ngokugcwele imizamo yakho yokwenza le nkathi yeSikhumbuzo ibe ithuba elikhethekile lokudumisa uJehova. Cishe iningi labo liyobe lingamaphayona asizayo. Abadala bayohlela imihlangano eyengeziwe yenkonzo, mhlawumbe ngezikhathi zantambama, kusihlwa phakathi nesonto nangezimpelasonto, uma kudingeka. Ukuze abadala bathole ukuthi ingaqhutshwa nini le mihlangano futhi kuphi nokuthi ubani oyohola, bangaxoxa nalabo asebeqiniseka ukuthi bazophayona noma abakucabangelayo. Abadala bayozikhandla ekwenzeni amalungiselelo ukuze kube khona abanye abamemezeli ongasebenza nabo ngezinsuku nangezikhathi ozihlelele inkonzo. Ngale ndlela, kungahlelwa izinto ngokuqiniseka futhi kungafezwa okuningi okuhle.—IzAga 20:18.
12. Yini esishukumisela ukuba sidumise uJehova zikhathi zonke?
12 Yenza Konke Okusemandleni Akho: Uma izimo zakho zingakuvumeli ukuba ube iphayona elisizayo, khumbula ukuthi uJehova uyayamukela imizamo yethu nokuzidela ‘ngokwalokho esinakho, hhayi ngokwalokho esingenakho.’ (2 Kor. 8:12) Kuningi esingambonga ngako uJehova. UDavide wabhala kufanele: “Ngizomtusa uJehova ngazo zonke izikhathi; ukudunyiswa kwakhe kuzoba semlonyeni wami njalo.” (IHu. 34:1) Kwangathi singazimisela ngendlela efanayo kule nkathi yeSikhumbuzo.
[Ibhokisi ekhasini 3]
Uyoyandisa Kanjani Inkonzo Yakho?
◼ Shumayela lapho abantu besekhaya
◼ Shumayela ezindaweni zomphakathi
◼ Shumayela emsebenzini noma esikoleni
◼ Shumayela ngocingo
◼ Yiba iphayona elisizayo
[Ishadi ekhasini 5]
Amasampula Esimiso Samaphayona Asizayo—Izindlela Zokuhlela Amahora Angu-12 Enkonzweni Yasensimini Isonto Ngalinye
Ekuseni—NgoMsombuluko Kuze Kube UMgqibelo
Ungase usebenze ngeSonto esikhundleni sanoma iluphi usuku.
Usuku Isikhathi Sosuku Amahora
NgoMsombuluko Ekuseni 2
NgoLwesibili Ekuseni 2
NgoLwesithathu Ekuseni 2
NgoLwesine Ekuseni 2
NgoLwesihlanu Ekuseni 2
NgoMgqibelo Ekuseni 2
Ingqikithi Yamahora: 12
Izinsuku Ezimbili Ezigcwele
Ungakhetha noma yiziphi izinsuku ezimbili phakathi nesonto. (Kuye ngokuthi ukhethé ziphi izinsuku, lesi simiso singaba nengqikithi yamahora angu-48 kuphela ngenyanga.)
Usuku Isikhathi Sosuku Amahora
NgoLwesithathu Usuku Olugcwele 6
NgoMgqibelo Usuku Olugcwele 6
Ingqikithi Yamahora: 12
Izinsuku Ezimbili Kusihlwa Kanye Nempelasonto
Ungakhetha noma yiziphi izinsuku ezimbili kusihlwa phakathi nesonto.
Usuku Isikhathi Sosuku Amahora
NgoMsombuluko Kusihlwa 11⁄2
NgoLwesithathu Kusihlwa 11⁄2
NgoMgqibelo Usuku Olugcwele 6
NgeSonto Isigamu Sosuku 3
Ingqikithi Yamahora: 12
Izinsuku Ezintathu Ntambama Kanye NoMgqibelo
Ungase usebenze ngeSonto esikhundleni sanoma iluphi usuku.
Usuku Isikhathi Sosuku Amahora
NgoMsombuluko Ntambama 2
NgoLwesithathu Ntambama 2
NgoLwesihlanu Ntambama 2
NgoMgqibelo Usuku Olugcwele 6
Ingqikithi Yamahora: 12
Isimiso Sami Siqu Senkonzo
Nquma amahora ozowasebenza isikhathi ngasinye.
Usuku Isikhathi Sosuku Amahora
NgoMsombuluko
NgoLwesibili
NgoLwesithathu
NgoLwesine
NgoLwesihlanu
NgoMgqibelo
NgeSonto
Ingqikithi Yamahora: 12