Siza Abanye ‘Balalele Ngokusuka Enhliziyweni’
1. UJehova ufunani kubakhulekeli bakhe?
1 Ukulalela kubaluleke kakhulu ukuze sikhulekele uJehova ngendlela eyamukelekayo. (Dut. 12:28; 1 Pet. 1:14-16) Maduze, uNkulunkulu uzokwahlulela ‘labo abangamazi nalabo abangazilaleli izindaba ezinhle.’ (2 Thes. 1:8) Singabasiza kanjani abanye ukuba ‘bazilalele ngokusuka enhliziyweni’ izimfundiso eziseZwini likaNkulunkulu?—Roma 6:17.
2. Kungani kubalulekile ukuba sisize abanye bakhe ukholo oluqinile?
2 Ngokubasiza Babe Nokholo Nothando: EmiBhalweni, ukulalela kuhlobene eduze nokholo. Umphostoli uPawulu wakhuluma ‘ngomyalo kaNkulunkulu ophakade wokuba kukhuthazwe ukulalela ngokholo.’ (Roma 16:26) AmaHebheru isahluko 11 akhuluma ngabantu abaningi abayizibonelo zokholo. Kwadingeka ukuba abaningi babo benze izinto ngokuvumelana nentando kaJehova ecacile. (Heb. 11:7, 8, 17) Ngakolunye uhlangothi, ukungalaleli kuhlobene nokuntula ukholo. (Joh. 3:36; Heb. 3:18, 19) Kudingeka sibe nekhono lokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu ukuze sisize abanye babe nokholo oluholela ekulaleleni.—2 Thim. 2:15; Jak. 2:14, 17.
3. (a) Ukulalela kuhlobene kanjani nothando? (b) Singabasiza kanjani abantu esibafundela iBhayibheli ukuba babe nothando ngoJehova?
3 Ukulalela kuhlobene nanokuthanda uNkulunkulu. (Dut. 5:10; 11:1, 22; 30:16) Eyoku-1 Johane 5:3 ithi: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.” Singabasiza kanjani abantu esifunda nabo iBhayibheli ukuba babe nothando ngoJehova? Phakathi nesifundo, funa amathuba okwakha ukwazisa ngezimfanelo zikaJehova. Nawe ngokwakho shono ukuthi umazisa kangakanani uNkulunkulu. Siza umuntu omfundelayo acabangisise ngokuba nobuhlobo bomuntu siqu noJehova. Ngaphezu kwakho konke, ukuthanda uJehova kuyoshukumisa abanye—kushukumise nathi uqobo—ukuba bamlalele ngokusuka enhliziyweni.—Math. 22:37.
4. (a) Kungani isibonelo sethu sibalulekile? (b) Yini okumelwe siyenze ukuze sihlakulele “inhliziyo elalelayo”?
4 Ngesibonelo Sethu: Ukuba kwethu isibonelo yindlela enamandla esingabakhuthaza ngayo abanye ukuba balalele izindaba ezinhle. Nokho, kudingeka siqhubeke senza umzamo wokuhlakulela “inhliziyo elalelayo.” (1 AmaKh. 3:9; IzAga 4:23) Kuhilelani lokhu? Yondla inhliziyo yakho ngokutadisha iBhayibheli njalo nangokuba khona njalo emihlanganweni. (IHu. 1:1, 2; Heb. 10:24, 25) Zihlanganise nalabo abanhliziyo-nye ekukhulekeleni kweqiniso. (IzAga 13:20) Hlanganyela njalo enkonzweni yasensimini, ube nesifiso esiqotho sokusiza abantu abasensimini yenu. Thandaza kuJehova umcele akusize njengoba uzama ukuba nenhliziyo enhle. (IHu. 86:11) Gwema izinto ezingonakalisa inhliziyo yakho, njengokuzijabulisa okunokuziphatha okubi noma okunobudlova. Phishekela izinto ezikusondeza kuNkulunkulu neziqinisa ubuhlobo bakho naye.—Jak. 4:7, 8.
5. Babusiswa kanjani labo abalalelayo?
5 UJehova waqinisekisa abantu bakhe basendulo ngokuthi babeyothola izibusiso uma belalela izwi lakhe. (Dut. 28:1, 2) Ngokufanayo nanamuhla, uJehova ubabusisa ngokucebile “labo abamlalelayo njengombusi.” (IzE. 5:32) Ngakho, ngokufundisa kwethu nangesibonelo sethu, kwangathi singasiza abanye balalele ngokusuka enhliziyweni.