Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/05 k. 1
  • Qhubeka Ukhuluma Izwi LikaNkulunkulu Ngesibindi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Qhubeka Ukhuluma Izwi LikaNkulunkulu Ngesibindi
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lingisa UJesu Ngokushumayela Ngesibindi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • ‘Khuluma Izwi LikaNkulunkulu Ngesibindi’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Ingabe Ushumayela Ngesibindi?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Memezela Izindaba Ezinhle Ngesibindi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
km 10/05 k. 1

Qhubeka Ukhuluma Izwi LikaNkulunkulu Ngesibindi

1 Njengezikhonzi ezingamaKristu, siyazi ukuthi akubona bonke abantu abayosamukela lapho sishumayela. (Math. 10:14) Kodwa asikuvumeli ukungasamukeli kwabo kusivimbe ekumemezeleni izindaba ezinhle. (IzAga 29:25) Yini esisiza ukuba siqhubeke sikhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi?

2 Umphostoli uPawulu wayeyazisa ‘inzuzo edlula zonke izinto yolwazi ngoKristu Jesu.’ Lokhu kwamshukumisela ukuba akhulume ‘ngokuqiniseka.’ (Fil. 3:8; 1 Thes. 1:5) Nakuba abanye babebheka isigijimi ayesishumayela njengesingenamandla nesiwubuwula, wayazi ukuthi ‘singamandla kaNkulunkulu ensindiso kuwo wonke umuntu onokholo.’ (Roma 1:16) Ngakho-ke, ngisho nalapho ephikiswa, waqhubeka ‘eshumayela ngesibindi ngokugunyazwa uJehova.’—IzE. 14:1-7; 20:18-21, 24.

3 Umthombo Wethu Wamandla: Akuwona amandla kaPawulu amenza wakwazi ukushumayela ngesibindi. Lapho ekhuluma ngaye noSila, uPawulu wabhala: ‘Ngemva kokuba sesihluphekile kuqala futhi seyiswa eFilipi, saqunga isibindi ngoNkulunkulu wethu ukuba sikhulume kini izindaba ezinhle zikaNkulunkulu ngokushikashikeka okukhulu.’ (1 Thes. 2:2; IzE. 16:12, 37) Ngaphezu kwalokho, lapho eboshiwe eRoma, uPawulu wacela abanye ukuba bamthandazele ukuze akwazi ukuqhubeka ememezela izindaba ezinhle ‘ngesibindi njengoba kwakufanele akhulume.’ (Efe. 6:18-20) Ngokuthembela kuJehova kunokuzethemba yena, uPawulu wakwazi ukuqhubeka ekhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.—2 Kor. 4:7; Fil. 4:13.

4 Kunjalo nanamuhla. Umzalwane othile owayekuthola kunzima ukutshela abanye emsebenzini ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova futhi esaba ukushumayela ngokwethukela wathandaza ngalolu daba wabe eseqala ukushumayela. Omunye ayesebenza naye waqale wangamlalela, kodwa lapho ezwa ngethemba lovuko wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Kusukela lapho kuqhubeke, lo mzalwane wabamba wonke amathuba ukuze ashumayele. Emsebenzini wakhe omusha, wasiza abantu abangu-34 baze babhapathizwa enkathini eyiminyaka engu-14. Singaqiniseka ngokuthi nathi uJehova uyosiqinisa ‘ukuba siqhubeke sikhuluma izwi lakhe ngaso sonke isibindi.’—IzE. 4:29.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela