Incwadi Ethi Okufundiswa IBhayibheli—Incwadi Eyinhloko Esiqhuba Ngayo Izifundo ZeBhayibheli
1 Yeka ukuthi savukwa amadlingozi kanjani lapho kukhululwa incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? eMihlanganweni Yesigodi ‘Yokulalela UNkulunkulu’! Ababekhona kule mihlangano bajabula lapho bethola izincwadi zabo ngemva kokuphela kwesimiso sangoMgqibelo. Lizosetshenziswa kanjani leli thuluzi elisha lokufundisa? Lihlelelwe ukuba libe incwadi eyinhloko esiqhuba ngayo izifundo zeBhayibheli. Nakuba le ncwadi izoqala ukuhanjiswa ngo-June, abamemezeli bakhuthazwa ukuba bayisebenzise ngokushesha ekuqaleni nasekuqhubeni izifundo zeBhayibheli.
2 Izifundo ZeBhayibheli Esiziqhubayo Njengamanje: Abamemezeli abaqhuba izifundo zeBhayibheli ngencwadi Ulwazi noma ngencwajana ethi Yini UNKulunkulu Ayifunayo? kufanele basebenzise ukuqonda lapho benza isinqumo maqondana nendlela okumelwe bayisebenzise ngayo le ncwadi entsha ezifundweni zabo kanye nesikhathi okumelwe baqale ngaso. Uma isifundo sisanda kuqalwa, mane nje uqale ekuqaleni usebenzisa le ncwadi entsha. Uma seniqhubekile impela nencwadi Ulwazi, ungase uqhubeke nesifundo usebenzisa isahluko esihambisana naleso encwadini ethi Okufundiswa IBhayibheli. Uma ungasekugcineni kwencwadi Ulwazi, ungase unqume ukuyiqeda leyo ncwadi.
3 Akungabazeki ukuthi kunabantu abaningi esibaziyo abangase bazuze ngokufunda le ncwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Kungani ungaceli ngamunye ukuba umqhubele isifundo seBhayibheli esiqhubekayo usebenzisa le ncwadi? Ngokwesibonelo, labo abaye bafunda incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? noma incwadi Ulwazi kodwa abangazange bathuthukele ekuzinikezeleni nasobhapathizweni bangase bafise ukuqala isifundo sabo besebenzisa le ncwadi entsha. Abazali bangase banqume ukusebenzisa le ncwadi entsha njengoba bedlulisela ezinganeni zabo ulwazi olunembile lwentando kaNkulunkulu.—Kol. 1:9, 10.
4 Ukufunda Incwadi Yesibili: Ingabe likhona ilungiselelo lokuba umfundi afunde incwadi yesibili ngemva kokuqeda incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Yebo. Uma kubonakala ukuthi umfundi uyathuthuka, nakuba ethatha isikhathi, futhi ekwazisa lokho akufundayo, kungase kuqhutshekwe nesifundo seBhayibheli kusetshenziswa incwadi ethi Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso. Siyaqiniseka ukuthi incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli iyoba ithuluzi elinamandla esizolisebenzisa njengoba sifeza umsebenzi esiwuphathisiwe wokwenza abafundi.—Math. 28:19, 20.