Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda May 15
“Ucabanga ukuthi ungathanda ukuphila endaweni efana nalena echazwe kuleli vesi eliphefumulelwe? [Funda eyesi-2 Petru 3:13, bese ulindela impendulo.] Lo magazini uchaza ukuthi ayini amazulu amasha nomhlaba omusha. Uchaza nendlela ukuphila okuyobe kuhluke ngayo lapho uNkulunkulu esefeze injongo yakhe ngomhlaba.”
Phaphama! May
“Abanye abantu bakholelwa ukuthi ukuze uphumelele ezweni lanamuhla, kufanele ube nolaka. Kodwa ake uzwe okuhlukile okwashiwo uJesu. [Funda uMathewu 5:5, 9.] Uyavumelana yini nalokhu? [Lindela impendulo.] Lo magazini uqokomisa izinto ezintathu ezinhle ezitholakala ngokuba umuntu onokuthula.” Mbonise isihloko esiqala ekhasini 28.
INqabayokulinda June 1
“Kwake kwaba nesikhathi emazweni amaningi lapho abantu abakhulile babephathwa ngenhlonipho, njengoba kusho lo mthetho wasendulo. [Funda uLevitikusi 19:32.] Ucabanga ukuthi isekhona inhlonipho enjena namuhla? [Lindela impendulo.] Lo magazini ukhuluma ngendlela uNkulunkulu abakhathalela ngayo asebekhulile nendlela nathi esingabakhathalela ngayo.”
Phaphama! June
“Inkinga yobuphekula ayiyintsha, kodwa namuhla isisakazeke emhlabeni wonke futhi ithinta cishe wonke umuntu. Ucabanga ukuthi kwenziwa yini lokho? [Lindela impendulo.] Le Phaphama! inamavesi eBhayibheli abonisa isikhathi okuyophela ngaso ubuphekula nendlela uNkulunkulu ayoletha ngayo ukuthula kwangempela emhlabeni.” Funda uMika 4:4.