Incwadi Yegatsha
Bamemezeli BoMbuso Abathandekayo:
NgeSonto, ngo-April 23, 2006, kwaba nomhlangano okhethekile wosuku olulodwa wolimi lwezandla wokuqala ngqa eHholo LoMbuso laseBethel. Kwakukhona abamemezeli abayizithulu, abantu abathakazelayo nalabo asebazi ulimi lwezandla, bevela ezingxenyeni ezihlukahlukene zeNingizimu Afrika, eMozambique, eNamibia naseSwazini bezosekela lesi senzakalo esingasoze salibaleka. Bonke babujabulela kakhulu ubudlelwane babazalwane abavela ezindaweni eziningi kangaka.
Esimisweni sasekuseni kwakukhona abangu-626. Kunentuthuko enhle ensimini yolimi lwezandla futhi sekunamabandla amathathu namaqembu angaphezu kuka-40 alolu limi aqondiswa igatsha laseNingizimu Afrika.
Sathola imibiko emihle mayelana nokusekelwa ngothando kwezinkulungwane zabazalwane nodade abahlukunyezwa iziphepho ezahlasela iGulf Coast yeMelika ngo-2005.—Joh. 13:35.
Abazalwane nodade abangaphezu kuka-8 000 abasebenza namaKomiti Okwakha Ezifunda angu-60 baye banikela ngesikhathi, amakhono nempahla yabo emsebenzini wokusiza. Baye basiza ekulungiseni noma ekwakheni kabusha amaHholo OMbuso angu-86 nemizi engu-4 178. Kusasele amanye amaHholo OMbuso angu-5 nemizi engu-722. Kwafika izisebenzi zokuzithandela zivela kuyo yonke i-United States zizosiza. Yeka indlela esiwazisa ngayo sonke umsebenzi wazo wothando!—1 Thes. 5:18.
Sicela niqhubeke nibathandazela laba bazalwane abathandekayo—labo abahlukumezeka nalabo ababasizayo.—2 Kor. 1:11.
Abafowenu,
Hhovisi Legatsha LaseNingizimu Afrika