Umkhankaso Okhethekile Ozoqala Ngo-October 16 Uphele Ngo-November 12!
1 “Ukuphela Kwenkolo Yamanga Kuseduze!” Leso yisihloko sepheshana i-Kingdom News No. 37, elizosakazwa emhlabeni wonke kusukela ngenyanga ezayo. Phakathi nengxenye yokuqala ka-October, sizohambisa omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Kusukela ngoMsombuluko, ngo-October 16, kuze kube ngeSonto, ngo-November 12, sizohlanganyela emkhankasweni omkhulu wokuhambisa ipheshana i-Kingdom News No. 37. Ngezimpelasonto zaphakathi nomkhankaso, sizolihambisa nomagazini.
2 Labo Abangahlanganyela: Bonke abamemezeli abahlanganyela njalo ekushumayeleni izindaba ezinhle bayothanda ukuba nengxenye egcwele kulo mkhankaso. Abanye bayokwazi ukuba amaphayona asizayo. Ingabe unezingane noma izifundo zeBhayibheli ezithuthukayo ngokomoya? Basize babonane nabadala ukuze bathole ukuthi bayakufanelekela yini ukuba abamemezeli abangabhapathiziwe. Abadala kufanele bathathe isinyathelo kuqala sokukhuluma nabamemezeli abapholile ukuze babakhuthaze ukuba bahlanganyele kulo mkhankaso, mhlawumbe ngokusebenza nabamemezeli abanokuhlangenwe nakho.
3 Wonke amabandla azothunyelelwa isitokwe esanele saleli pheshana i-Kingdom News No. 37 ukuze abamemezeli namaphayona bathole okungenani amakhophi angu-50. Abantu abathakazelayo abangakabi abamemezeli bangase banikezwe amakhophi amahlanu ukuba bawahambisele amalungu omkhaya nabangane. Abamemezeli namaphayona kufanele babhale inani lamapheshana abawahambisile ngemuva kwemibiko yabo yenkonzo yasensimini yenyanga ka-October neka-November. Unobhala uyohlanganisa ingqikithi yebandla futhi ayibike ehhovisi legatsha ekupheleni kwenyanga ngayinye. Amakhophi aleli pheshana asele ngemva komkhankaso angase asetshenziswe kunoma isiphi isici senkonzo yethu.
4 Lokho Ongase Ukusho: Gcina intshumayelo yakho imfushane, ngoba lokhu kuyokusiza ukuba ukwazi ukuyisa lesi sigijimi kubantu abaningi. Ungase uthi: “Ngisenkonzweni yomphakathi yomhlaba wonke. Ngikuphathele lesi sigijimi esibalulekile. Nansi eyakho ikhophi yamahhala. Ngicela uyifunde.” Kungase kube yinzuzo ukungaziphathi izikhwama zethu zasensimini lapho silihambisa endlini ngendlu. Qiniseka ukuthi ubabhala phansi bonke ababonise isithakazelo.
5 Indlela Yokuhlanganisa Insimu Yenu: Kunokuba leli pheshana lihanjiswe emsebenzini wasemgwaqweni, gxilani ekuhlanganiseni ingxenye enkulu ngangokunokwenzeka yensimu yenu yendlu ngendlu neyamabhizinisi. Amabandla akhuthazwa ukuba agcine ukusebenza insimu engabelwe ngo-October 15 ukuze akwazi ukuhlanganyela ngokugcwele ensimini yebandla kusukela ngo-October 16. Leli pheshana akumelwe lihanjiswe ensimini engabelwe. Bhalani phansi izindlu okungatholakalanga bantu kuzo, bese nizama ukuphindela ngesinye isikhathi noma ngosuku oluhlukile. Kusukela ngoMsombuluko, ngo-November 6, ningayishiya ikhophi yalo ezindlini ezingenabantu. Nokho, uma ibandla linensimu enkulu engenakuhlanganiswa phakathi nesikhathi esinqunyiwe, abadala bangase banqume ukuba le Kingdom News ishiywe emakhaya angenabantu phakathi nawo wonke umkhankaso.
6 Ukubhujiswa ‘kweBhabhiloni Elikhulu’ kusondela ngokushesha. Kudingeka abantu baphume kulo ngaphambi kokuba libhujiswe ngokuphelele. (IsA. 14:8; 18:8) Hlela manje ukuba nengxenye egcwele kulo mkhankaso womhlaba wonke wokwazisa bonke abantu ukuthi ukuphela kwenkolo yamanga kuseduze!