Indlela Yokulungiselela Ukuhambisa Omagazini
1. Kungani kukuhle ukulungiselela ukuhambisa omagazini kunokumane nje sibambe ngekhanda izibonelo ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso?
1 Ungase uzibuze: ‘Kungani kufanele sikulungiselele ukuhambisa omagazini ngoba kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ngayinye kuba nezindlela eziyizibonelo zokubahambisa?’ Nakuba lezi zindlela zokuhambisa omagazini ziye zabasiza abaningi, kusadingeka ukuba umuntu alungiselele. Indlela esebenza kwenye insimu ingase ingasebenzi kwenye. Ngakho, akufanele sizizwe siphoqelekile ukukhulumela umagazini ngendlela okhulunyelwe ngayo kulezo zibonelo. Ngisho nalapho sikhetha ukusebenzisa lezo zibonelo, kungcono kakhulu ukubakhulumela ngamazwi ethu.
2. Yini ehilelekile lapho unquma ukuthi yisiphi isihloko ozosikhulumela?
2 Khetha Isihloko: Ngemva kokuwufunda wonke umagazini, khetha isihloko esizofaneleka ensimini yenu nosijabulele ngokukhethekile. Umdlandla nokuzimisela kwakho lapho ubonisa umninikhaya leso sihloko kuyomshukumisa ukuba afune ukusifunda naye. Nakuba uyokhulumela isihloko esikhanga abantu abaningi ensimini yenu, kumelwe uzazi kahle nezinye izihloko ezikumagazini. Lokhu kuyokusiza ukuba ukwazi ukushintsha intshumayelo yakho uma kwenzeka uhlangana nomuntu ongase abe nesithakazelo kwenye indaba.
3. Uhlobo olunjani lwesethulo olusebenzisayo ukuze uthole imiphumela emihle?
3 Buza Umbuzo: Ngemva kwalokho lungiselela kahle isethulo sakho. Sibaluleke kakhulu. Kungase kusize ukubuza umninikhaya umbuzo ozomenza acabange, ngaleyo ndlela abe nesithakazelo esihlokweni okhethe ukusikhulumela. Ngokuvamile imibuzo eyenza umuntu aveze umbono wakhe iyaphumelela. Kugweme ukubuza imibuzo engase ibangele umninikhaya amahloni noma imenze afune ukuzivikela.
4. Kusiza ngani ukufundela umninikhaya umBhalo uma izimo zivuma?
4 Funda UmBhalo: Okokugcina, khetha umBhalo ozowufunda uma izimo zomninikhaya zivuma, mhlawumbe okuleso sihloko ozosikhulumela. Ukuwufunda kuzosiza umninikhaya abone ukuthi umyalezo wethu uvela eZwini likaNkulunkulu. (1 Thes. 2:13) UmBhalo uzomshumayeza ngisho noma engawuthathi umagazini. Abanye baye bavusa isithakazelo somninikhaya ngokumfundela umBhalo ngaphambi kokumbuza umbuzo. Ungase uwendlalele kanje: “Ngingathanda ukuzwa umbono wakho ngalokho okushiwo yilo mBhalo.” Yibe usumbonisa iphuzu elikumagazini elihlobene nawo bese ulikhulumela kafushane ukuze umenze abe nesithakazelo ngokwengeziwe ngaphambi kokuwuhambisa.
5. Yiziphi iziqondiso eziyisisekelo okufanele uzikhumbule lapho ulungiselela indlela yokuhambisa omagazini?
5 Akunamithetho eqinile ngokuqondene nokuthi yini okufanele uyisho lapho uhambisa omagazini. Ngokuvamile kuhle ukugcina intshumayelo yakho ilula futhi imfushane. Sebenzisa indlela oyithandayo neba nemiphumela emihle. Bonisa abaninikhaya ukuthi babaluleke kangakanani omagazini bethu futhi ube nomdlandla. Uma ulungiselele kahle, uyophumelela kakhudlwana lapho uhambisa INqabayokulinda ne-Phaphama! kubantu ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.’—IzE. 13:48.