Ingabe Unensimu Yakho Siqu?
1. Iyini insimu yomuntu siqu?
1 Insimu yakho siqu yinsimu owabelwe yona. Ingase ibe seduze endaweni ongafinyelela kuyo kalula futhi ushumayele kuyo wedwa noma nomunye ummemezeli. Nakuba kuzuzisa ukusekela amalungiselelo ebandla okushumayela njengeqembu lapho kungenzeka, ukuba nensimu yakho ongayisebanza ngezikhathi ezithile kungakusiza ukuba unikeze ubufakazi obuphelele, ikakhulukazi emabandleni anensimu enkulu.—IzE. 10:42.
2. Yiziphi ezinye zezinzuzo zokuba nensimu yomuntu siqu?
2 Izinzuzo: Abanye baye bathola izinzuzo ezengeziwe ngokushumayela ensimini yabo eseduze nendawo abasebenza kuyo phakathi nezikhathi zekhefu noma ngokushesha ngemva komsebenzi. Abanye baye bajabulela ukusebenza ndawonye njengomkhaya komakhelwane babo okungenani ihora ngaphambi kokuba baye eSifundweni Sencwadi Sebandla. Ngenxa yalokho, baye bathola izimpindelo nezifundo zeBhayibheli eduze, okwenza ukuba kongiwe amandla, isikhathi kanye nezindleko. Ngenxa yokuthi kuningi okungase kufezwe ngesikhathi esincane, ukuba nensimu yomuntu siqu kungasiza abanye ukuba babe amaphayona asizayo ngezikhathi ezithile noma baze babe amaphayona avamile. Ngaphezu kwalokho, ukusebenza insimu yomuntu siqu nokujwayelana nabaninikhaya kungasisiza ukuba basethembe futhi sikwazi ukuvumelanisa intshumayelo yethu nezinto ezibakhathazayo, kwenze inkonzo yethu iphumelele nakakhulu.
3. Yikuphi okuhlangenwe nakho kwelinye iphayona elazicelela insimu yalo?
3 Elinye iphayona elakhuthazwa umbonisi wesifunda ukuba libe nensimu yalo lithi: “Ngasemukela lesi seluleko futhi ngokushesha ngabazi futhi ngabajwayela abaninikhaya ensimini yami. Ngahlela izikhathi engibavakashela ngazo ngokuvumelana nezimo zabo. Ngenxa yalokho, izimpindelo zami zanda kusukela kwezingu-35 zaya ngaphezu kwezingu-80 ngenyanga, futhi nginezifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-7.”
4. Ungayithola futhi uyisebenze kanjani insimu yomuntu siqu?
4 Indlela Yokukwenza: Uma ufuna ukucela eyakho insimu, khuluma nombonisi wenkonzo. Zizwe ukhululekile ukumema omunye ummemezeli ukuba asebenze nawe, ugcine nerekhodi labangekho emakhaya. Kufanele uzame ukuqeda le nsimu zingakapheli izinyanga ezine. Uma kunzima ukwenza kanjalo, ungase ucele usizo kumbonisi weSifundo Sencwadi Sebandla noma kwabanye. Ekupheleni kwezinyanga ezine, ungayibuyisela insimu osuyiqedile noma ucele ukuyisebenza futhi. Nokho, akufanele usebenze insimu efanayo isikhathi eside kodwa yibuyisele ukuze nabanye bakwazi ukuyicela. Uma usebandleni elinensimu encane futhi kunzima ukuzicelela eyakho insimu, mhlawumbe ungase ucele ingxenye ethile yensimu kumbonisi wesifundo senu sencwadi.
5. Yini edingekayo ukuze sifeze umyalo wokuba sishumayele?
5 Umyalo esinikwe wona wokushumayela “emhlabeni wonke owakhiwe” uyisabelo esinzima kakhulu. (Math. 24:14) Umsebenzi wethu udinga umzamo wokubambisana okuhle. Ukwengeza insimu yomuntu siqu phezu kokushumayela njengamaqembu kungasisiza ukuba sifinyelele abantu abaningi ngangokunokwenzeka ngezindaba ezinhle.