Memezela Kabanzi Ubuhle BukaJehova
1. Yini esishukumisela ukuba simemezele ubuhle bukaJehova?
1 “Ngobakho, Jehova, ubukhulu namandla nobuhle nokuhlonipheka nesithunzi; ngoba konke okusemazulwini nokusemhlabeni kungokwakho.” (1 IziKr. 29:11) Uthando lwethu nokwazisa ngoJehova kusithinta kanjani? Kusishukumisela ukuba ‘simemezele kabanzi ubuhle balowo owasibiza ukuba siphume ebumnyameni singene ekukhanyeni kwakhe.’ (1 Pet. 2:9) Asinakuyeka ukutshela abanye ngoNkulunkulu wethu omangalisayo! Siyoba namathuba ayingqayizivele okumemezela ubuhle bukaJehova ngenyanga ka-March, April no-May.
2. Imuphi umkhankaso okhethekile ohleliwe ukuze kumenyezelwe iSikhumbuzo, futhi obani abangase bahlanganyele kuwo?
2 Umkhankaso Okhethekile Wokumemezela ISikhumbuzo: NgoMsombuluko, April 2, siyoqokomisa ubuhle bukaJehova ngokukhumbula iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Kuyosakazwa isimemo esikhethekile salesi senzakalo esibalulekile emhlabeni wonke kusukela ngo-March 17 kuya ku-April 2. Sonke sikhuthazwa ukuba sihlanganyele ngokugcwele kuwo. Kuyoba isikhathi esihle sokuba abasanda kuhlanganyela baqale ukumemezela izindaba ezinhle uma befaneleka. Uma unezifundo zeBhayibheli noma izingane ezingase zifaneleke, khuluma nabadala.
3. Yini esingayisho ukuze simemele abantu eSikhumbuzweni?
3 Lo mkhankaso uyofana nalokho okwenziwa mayelana neMihlangano Yesigodi ethi “Ukukhululwa Kuseduze!” Amabandla ayothunyelelwa izimemo ezanele ukuze ummemezeli ngamunye athole amakhophi angu-30, futhi kuyoba namakhophi engeziwe ayonikezwa amaphayona. Fushanisa intshumayelo yakho, mhlawumbe ngokuthi: “Ngikuphathele isimemo sesenzakalo esikhethekile saminyaka yonke esiseduze. Uyokwamukelwa ngemfudumalo. Imininingwane ikuso isimemo.” Kodwa-ke uma umninikhaya enemibuzo, zinike isikhathi sokuyiphendula. Kungaba usizo ukusebenzisa isihloko sesithasiselo esikhuluma ngeSidlo SeNkosi Sakusihlwa esiqala ekhasini 206 lencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Ngezimpelasonto, siyohambisa omagazini bamuva kanye nalesi simemo esikhethekile. Bhala phansi bonke abanesithakazelo bese uhlela ukubuyela kubo.
4. Izimemo zeSikhumbuzo ezikhethekile ziyohanjiswa kanjani?
4 Uma kungenzeka, lesi simemo esikhethekile kufanele sinikwe umninikhaya ngamunye ngokuqondile. Ngakho-ke bhala phansi imizi okungekho muntu kuyo bese uhlela ukubuyela ngesinye isikhathi. Amabandla anezimemo eziningi ezisalayo angase azishiye emizini okungekho muntu kuyo phakathi nesonto lokugcina ngaphambi kweSikhumbuzo, hhayi ngaphambi kwalokho. Qiniseka ukuthi izimpindelo zakho, izifundo zeBhayibheli, izihlobo, osebenza nabo, omakhelwane nabanye obajwayele nabo bayasithola isimemo.
5. Kungani kufanele siqale manje ukuhlela ukuze sibe amaphayona asizayo?
5 Ukuba Amaphayona Asizayo: Ungabumemezela yini ngokugcwele ubuhle bukaJehova ngokuba iphayona elisizayo ngo-March, April nango-May? Ukuze wenze kanjalo cishe kuyodingeka wenze ushintsho oluthile esimisweni sakho. (Efe. 5:15-17) Ungaqiniseka ukuthi ukwenza umzamo wokwenza okwengeziwe enkonzweni kaJehova kuyoletha injabulo nesibusiso sikaJehova. (IzAga 10:22) Njengoba inkathi yeSikhumbuzo isondela, manje isikhathi sokuqala ukuhlela.—IzAga 21:5.
6. Yini esingayifunda kokuhlangenwe nakho kukadade oneminyaka engu-90 owaba iphayona elisizayo nyakenye?
6 Udade othile oneminyaka engu-90 ubudala wajabulela ukuba iphayona elisizayo nyakenye. Wathi: “Nakuba ngikuthanda ngempela ukunakekela isivande sami futhi ngangifuna ukutshala, ngaqaphela ukuthi kufanele ngihlele izinto eziza kuqala. Njengoba ngangifisa ukubeka izinto eziphathelene noMbuso kuqala, nganquma ukuba iphayona elisizayo ngo-March.” Ingabe wabusiswa ngemizamo yakhe? Uthi: “Ngizizwa ngiyingxenye yebandla kakhudlwana, futhi lokhu kuye kwangisondeza kuJehova.” Singazibukeza yini izinto eziza kuqala bese senza ushintsho olufanayo uma kudingeka?
7. Ingabe kunzima ukuba iphayona elisizayo?
7 Ukufinyelela imfuneko yamaphayona asizayo yamahora angu-50 kungase kungabi nzima ngendlela ocabanga ngayo. Cabangela imisebenzi yakho yansuku zonke bese uthandaza ngalokho, wenze uhlelo, bese ulubhala esimisweni sakho semisebenzi engokomoya. Nguwe ozazi kangcono izimo zakho. Uma unempilo ebuthaka futhi ungenawo amandla, mhlawumbe ungahlanganyela enkonzweni amahora ambalwa usuku ngalunye. Uma usebenza isikhathi esigcwele noma ufunda isikole, ungakwazi ukuba iphayona elisizayo ngokuhlanganyela enkonzweni kusihlwa noma ngezimpelasonto.
8. Yini eyasiza umbhangqwana othile oshadile ukuba ukwazi ukuphayona?
8 Abaningi baye bakwazi ukuba amaphayona asizayo njengomkhaya. Eminyakeni edlule umbhangqwana othile wawungabaza ukubhalisa ngoba unomuzwa wokuthi izimo zawo aziwuvumeli ukuba ube amaphayona asizayo. Wenzani ngale ndaba? “Sathandaza kuJehova ukuba asisize sifeze lokho esasikade sifuna ukukwenza ndawonye.” Ngokuhlela kahle wakwazi ukufinyelela umgomo wawo. Wanezela: “Kwaba mnandi kakhulu. Sajabulela izibusiso eziningi ndawonye. Sisikisela ukuba nikuzame. Uma thina saphumelela, nani ningase niphumelele.”
9. Yini eningase niyenze esifundweni senu somkhaya esilandelayo ukuze nilungiselele izinyanga ezizayo zenkonzo ekhethekile?
9 Kungani ningabekeli eceleni isikhathi esifundweni senu somkhaya ukuze nibone ukuthi ningakwazi kanjani nonke ukwandisa inkonzo yenu kulezi zinyanga ezizayo? Ngisho noma umkhaya wenu ungeke ukwazi ukuba amaphayona asizayo uwonke, mhlawumbe ilungu elilodwa lingakwazi uma lisizwa amanye amalungu omkhaya futhi ebambisana nalo. Uma kungenjalo, mhlawumbe umkhaya wakho ungazibekela imigomo yokuchitha isikhathi esengeziwe enkonzweni phakathi nalezi zinyanga zenkonzo ekhethekile.
10. Kungani kufanele sixoxe nabanye ngesifiso sethu sokwenza okwengeziwe phakathi nale nkathi yeSikhumbuzo?
10 Sizanani: Intshiseko iyathelelwana. Khuluma ngesifiso sakho sokuba iphayona elisizayo. Lokhu kungase kusize abanye ukuba bafake isicelo. Ngaphezu kwalokho, labo abaye baphayona ngokudlule bangase basikisele okungakusiza ukuba uhlele izimo nesimiso sakho ukuze ufinyelele umgomo wakho. (IzAga 15:22) Uma ukwazi ukuba iphayona elisizayo, kungani ungamemi omunye ummemezeli, mhlawumbe onezimo ezinjengezakho, ukuba ahlanganyele nawe kulo msebenzi ojabulisayo?
11. Abadala bangayifaka kanjani intshiseko yokuba amaphayona asizayo kulezi zinyanga ezizayo?
11 Abadala abaningi baye benza ushintsho oludingekayo ukuze bahlanganyele kulo mkhakha wenkonzo okhethekile. (Heb. 13:7) Lokhu kuyawakhuthaza ngempela amabandla! Abadala bafaka nentshiseko ngalokho abaxoxa ngakho nabanye. Amazwi ambalwa esikhuthazo noma ukusikisela okuwusizo kungenzeka yilokho nje okudingekayo ukuze ushukumise abanye babe amaphayona asizayo. Cishe umbonisi wenkonzo uyohlela imihlangano eyengeziwe yenkonzo yasensimini ukuze bonke bakwazi ukushumayela njengeqembu, ngisho nangemva komsebenzi noma ngemva kwesikole. La malungiselelo kufanele amenyezelwe njalo. Uyoqiniseka nangokuthi bonke banensimu nezincwadi ezanele.
12. Yini esingase siyenze uma singenakukwazi ukuba amaphayona asizayo?
12 Ngisho noma izimo zingasivumeli ukuba sibe amaphayona asizayo, singabakhuthaza labo ababhalisayo, futhi singabathandazela. (IzAga 25:11; Kol. 4:12) Mhlawumbe singase sikwazi ukwenza amalungiselelo okuhlanganyela nabo enkonzweni usuku olulodwa phakathi nesonto noma sichithe isikhathi esengeziwe enkonzweni kunokuvamile.
13. Yimuphi umgomo obekelwe amazwe angaphansi kwegatsha laseNingizimu Afrika, futhi ibandla lenu lingaba nayiphi ingxenye ekuwufinyeleleni?
13 Umgomo Wamaphayona Asizayo Angu-14 000 Ngo-April: Inani eliphakeme eliyingqopha-mlando lamaphayona asizayo emazweni angaphansi kwegatsha laseNingizimu Afrika lalingu-11 214. (Abangu-270 eBotswana, abangu-326 eLesotho, abangu-183 eNamibia, abangu-10 126 eNingizimu Afrika, abangu-18 eSt. Helena nabangu-291 eSwazini) Ngakho-ke, umgomo esingawufinyelela ngo-April nonyaka owamaphayona asizayo angu-14 000. (Angu-275 eBotswana, angu-550 eLesotho, angu-250 eNamibia, angu-12-480 eNingizimu Afrika, angu-20 eSt. Helena nangu-425 eSwazini) Singawufinyelela uma ummemezeli nje oyedwa kwabayisithupha ebandleni ngalinye engenela umsebenzi wamaphayona asizayo. Kuyiqiniso, kwamanye amabandla kuyoba nabamemezeli abengeziwe abazimo zabo ziyobavumela ukuba amaphayona asizayo. Iqiniso liwukuthi amabandla amaningi angawufinyelela kalula lo mgomo. Ake ucabange ngesasasa lokhu okuyoba nalo ebandleni lenu nethonya elihle okuyoba nalo emsebenzini wokushumayela ensimini yenu!
14. Kungani u-April eyinyanga ekahle kakhulu yokuba amaphayona asizayo?
14 Kungani u-April eyinyanga ekahle yokuba amaphayona asizayo? ISikhumbuzo siyoba sekuqaleni kwenyanga, okuyosinika ithuba elanele lokulandelela ngokwenza izimpindelo kulabo abayoba khona. Siyobe sihambisa omagazini, sinomgomo wokuhambisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ezimpindelweni bese siqala izifundo zeBhayibheli. Ngo-April 14 siyoba noSuku Olukhethekile Lukamagazini eNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane. Ngakho-ke, ukuba amaphayona asizayo ngo-April kuyosinika amathuba amaningi okuqala izifundo zeBhayibheli. Ngokuvamile isimo sezulu sithokomele ngo-April. Ngaphezu kwalokho, inyanga ka-April inamaSonto amahlanu neholidi lezwe, okwenza kube lula ukuba abasebenzayo nabafunda isikole babhalise.
15. Kungani kufanele sibe nomuzwa wokuphuthuma njengoba kusondela inkathi yeSikhumbuzo?
15 Unyaka ngamunye lapho kufika inkathi yeSikhumbuzo, sisuke sesisondele ngonyaka ekupheleni kwalesi simiso sezinto. Isikhathi esisele sokutshela abanye ngoNkulunkulu wethu omangalisayo sesinciphile. (1 Kor. 7:29) Lapho le nkathi yeSikhumbuzo isidlulile, amathuba ayigugu ebesinawo okudumisa uBaba wethu wasezulwini ayobe esedlule unomphela. Ngakho-ke, kwangathi singenza amalungiselelo manje okwenza konke okusemandleni ethu ngo-March, April nango-May ukuze simemezele ubuhle bukaJehova!
[Ibhokisi ekhasini 4]
Singakwazi Yini Ukuba Namaphayona Asizayo Angu-14 000 Ngo-April?
◼ Bukeza izinto eziza kuqala
◼ Xoxani ngemigomo njengomkhaya
◼ Xoxa nabanye ngalokho okuhlelayo