Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/07 kk. 4-5
  • Umgomo Ofanelekayo Wonyaka Omusha Wenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umgomo Ofanelekayo Wonyaka Omusha Wenkonzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kufuneka Amaphayona Asizayo Angu-10000
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Memezela Kabanzi Ubuhle BukaJehova
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Ingabe Ungakwazi Ukuba Iphayona Elisizayo?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Ingabe Singaphinda Sikwenze?—Kunesinye Isimemo Samaphayona Asizayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
km 8/07 kk. 4-5

Umgomo Ofanelekayo Wonyaka Omusha Wenkonzo

1. Imuphi umgomo esingawucabangela onyakeni omusha wenkonzo?

1 Kumelwe sibe nemigomo ukuze sithuthuke ngokomoya. Yimiphi imigomo osuzibekele yona yonyaka omusha wenkonzo? Umgomo omuhle ukuba iphayona elisizayo inyanga eyodwa noma ngaphezulu. Njengoba lo msebenzi ojabulisayo ngokuvamile udinga ukuhlelelwa kusengaphambili, manje ithuba elihle lokuqala ukuwuhlelela. Kungani kufanele uzibekele umgomo wokuba iphayona elisizayo?

2. Kungani kufanele sizibekele umgomo wokuba amaphayona asizayo?

2 Izizathu Zokuba Amaphayona Asizayo: Ukuba amaphayona asizayo kusenza sithokozise uBaba wethu wasezulwini “ngokugcwele” ngokuchitha isikhathi esithe xaxa enkonzweni. (1 Thes. 4:1) Njengoba sicabanga ngakho konke uJehova asenzele kona, izinhliziyo zethu zisishukumisela ukuba sitshele abanye ngaye. (IHu. 34:1, 2) UJehova uyakubona futhi uyakwaziswa ukuzidela kwethu ukuze senze okwengeziwe enkonzweni. (Heb. 6:10) Ukwazi ukuthi sithokozisa uJehova ngokuzikhandla kwethu kusilethela injabulo enkulu.—1 IziKr. 29:9.

3, 4. Sizuza kanjani ngokuba amaphayona asizayo?

3 Ngokuvamile, lapho uqhubeka wenza okuthile, kulapho kuba lula futhi kujabulisa khona ukukwenza. Ukuchitha isikhathi esengeziwe enkonzweni kuyokwenza ukhululeke kakhudlwana ukukhuluma endlini ngendlu. Uyoba nekhono elingcono lokuqala izingxoxo nokusebenzisa iBhayibheli. Uma uqhubeka utshela abanye ngokholo lwakho, luyoqina kakhulu. Abaningi abebengasiqhubi isifundo seBhayibheli baye bakwazi ukusiqala lapho bengamaphayona asizayo.

4 Ukuba iphayona elisizayo kungase futhi kube isikhuthazo osidingayo ukuze ungami ndawonye ngokomoya. Othile owake waba iphayona elivamile owayenomuzwa wokuthi wayegxile kakhulu emsebenzini wokuziphilisa wanquma ukuba iphayona elisizayo inyanga eyodwa. Wathi: “Yangimangaza indlela leyo nyanga eyodwa eyangivuselela ngayo ngokomoya! Ngenza amalungiselelo okuba ngiqhubeke ngiyiphayona elisizayo, okwangiholela ekubeni iphayona elivamile futhi.”

5. Singawunqoba kanjani umuzwa wokungafaneleki?

5 Nqoba Izithiyo: Abanye bangase banqikaze ukufaka isicelo ngoba benomuzwa wokuthi abanalo ikhono njengabafundisi. Uma lokhu kukwenza uzigodle, uJehova angakusiza njengoba asiza uJeremiya. (Jer. 1:6-10) Nakuba uMose ‘ayenomlomo onensayo nolimi olunensayo,’ uJehova wamsebenzisa ekufezeni intando yaKhe. (Eks. 4:10-12) Uma uzizwa ungafaneleki, cela isibindi kuJehova.

6. Umuntu angakwazi kanjani ukuba iphayona elisizayo nakuba enezinkinga zempilo noma ematasa?

6 Ingabe uyanqikaza ukufaka isicelo ngenxa yezinkinga zempilo noma ukuba matasa? Uma unenkinga yempilo, ukusebenza ngejubane lakho kungakuvulela ithuba lokuba iphayona elisizayo. Uma umatasa, ungase ukwazi ukugudluza ezinye izinto ezingabalulekile uzenze ngenye inyanga. Abanye abasebenza isikhathi esigcwele emsebenzini wokuziphilisa baye bakwazi ukuthengisisa ithuba lokuba amaphayona asizayo ngokuthatha iholidi losuku olulodwa noma ezimbili.—Kol. 4:5.

7. Kungani kubalulekile ukuthandaza ngendaba yokuba iphayona elisizayo?

7 Indlela Yokukwenza: Thandaza ngesifiso sakho. Cela uJehova ukuba abusise imizamo yakho yokwandisa inkonzo. (Roma 12:11, 12) Angakusiza ukuba wenze izinqumo ezihlakaniphile mayelana nendlela ongasilungisa ngayo isimiso sakho. (Jak. 1:5) Uma ungenaso isifiso sokuphayona, cela uJehova ukuba akusize ujabulele umsebenzi wokushumayela.—Luka 10:1, 17.

8. Ukusebenzisa izAga 15:22 kungakusiza kanjani ukuba ube iphayona elisizayo?

8 Xoxani ngomgomo wokuba amaphayona asizayo njengomkhaya. (IzAga 15:22) Mhlawumbe ilungu elilodwa lomkhaya lingakwazi ukuba iphayona elisizayo uma lisekelwa amanye amalungu omkhaya. Xoxa nabanye ebandleni ngesifiso sakho sokuphayona, ikakhulukazi nalabo ababhekene nezimo ezifanayo. Lokhu kungase kuvuse intshiseko yokuba iphayona elisizayo.

9. Iziphi izinyanga ongakhetha ukuba iphayona elisizayo ngazo?

9 Njengoba uhlaziya isimiso sakho semisebenzi engokomoya sonyaka omusha wenkonzo, ungakwazi yini ukuba iphayona elisizayo? Uma usebenza isikhathi esigcwele noma usafunda isikole, ungase ucabangele izinyanga ezineholidi noma ezineMigqibelo emihlanu noma amaSonto amahlanu. Ngokwesibonelo, ngo-September, December, March nango-August kunezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele. Inyanga ka-May ineMigqibelo emihlanu, kanti u-June unamaSonto amahlanu. Uma unezinkinga zempilo, cabangela izinyanga ezivame ukuba nesimo esihle sezulu. Ungase ucabangele nokuba iphayona elisizayo ngenyanga umbonisi wesifunda ahlele ukuhambela ngayo ibandla lakini. Lapho enihambele, uyoba nelungelo elengeziwe lokuba khona engxenyeni yokuqala yomhlangano awuqhuba namaphayona avamile. Njengoba iSikhumbuzo siyoba ngo-March 22 ngonyaka ozayo, u-March, April no-May kuyoba isikhathi esihle kakhulu. Lapho usuyikhethile inyanga noma izinyanga ofuna ukuphayona ngazo, qala ukubhala isimiso esiyokusiza ukuba ufinyelele amahora afunekayo.

10. Yini ongayenza uma ungeke ukwazi ukuba iphayona elisizayo?

10 Ngisho nalapho unomuzwa wokuthi ngeke ukwazi ukuba iphayona elisizayo kulo nyaka ozayo wenkonzo, ungawulondoloza umoya wobuphayona. Qhubeka wenza konke okusemandleni enkonzweni, uqiniseka ngokuthi uJehova uyajabula ngomzamo wakho womphefumulo wonke wokumnika okungcono kakhulu. (Gal. 6:4) Basekele futhi ubakhuthaze labo abakwaziyo ukuba amaphayona asizayo. Mhlawumbe ungahlela isimiso sakho ukuze uhlanganyele enkonzweni usuku olulodwa phakathi nesonto nalabo abaphayonayo.

11. Kungani kufanele sibe nomuzwa wokuphuthuma?

11 Abantu bakaJehova banomuzwa wokuphuthuma. Kunomsebenzi okumelwe wenziwe—ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle. Ukuphila kusengozini, futhi isikhathi esisele sesinciphile. (1 Kor. 7:29-31) Ukuthanda uNkulunkulu nomakhelwane kuyosishukumisela ukuba senze konke okusemandleni enkonzweni. Ngokwenza umzamo nangokuhlela kahle, singase sikwazi ukuba amaphayona asizayo okungenani inyanga eyodwa phakathi nonyaka omusha wenkonzo—okuwumgomo oncomekayo ngempela!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela