Kwenze Umgomo Wakho Ukuba Nesifundo SeBhayibheli
1 “Phakamisani amehlo enu nibuke amasimu ukuthi asemhlophe alungele ukuvunwa.” (Joh. 4:35) Ngokuqinisekile, la mazwi akhulunywa uJesu asasebenza esimweni izikhonzi ezingamaKristu ezikuso namuhla.
2 Basatholakala namuhla abantu abanhliziyo ziqotho abafuna ukufundiswa izindlela zikaJehova. Lokhu kubonakala ngesibalo sabafundi abasha ababhapathizwa minyaka yonke. Uma unesifiso esiqotho sokuba nesifundo seBhayibheli, yini ongase uyenze?
3 Zibekele Umgomo: Okukuqala, zibekele umgomo wokuqala nokuqhuba isifundo seBhayibheli esiqhutshwa njalo. Ugcine usengqondweni umgomo wakho lapho usenkonzweni yasensimini. Njengoba umyalo esiwunikiwe njengamaKristu uhilela ukufundisa, kuhlanganise nokushumayela, sonke kufanele sifune ukuba nengxenye eyengeziwe emsebenzini wezifundo zeBhayibheli.—Math. 24:14; 28:19, 20.
4 Amanye Amaphuzu Okucatshangelwa: Umthandazo osuka enhliziyweni uyadingeka ngempela kubamemezeli boMbuso. Ngezinye izikhathi sithola abantu abaye bathandaza becela usizo olungokomoya. Yeka ukuthi kuyisibusiso kangakanani ukusetshenziswa uJehova ukuze sibafundise abanjalo!—Hag. 2:7; IzE. 10:1, 2.
5 Udade othile wathandaza ecela isifundo seBhayibheli futhi wabe esebeka obala ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Okwengeziwe NgeBhayibheli? emsebenzini. Lapho owesifazane othile ethatha leli pheshana elifunda futhi eseqala ukugcwalisa isigqebhezana esikulo, lo dade wakhuluma naye futhi wakwazi ukuqala isifundo seBhayibheli.
6 Abamemezeli onabo ebandleni abaphumelelayo ekuqaleni nasekuqhubeni izifundo zeBhayibheli bangakusiza ukuba ufinyelele umgomo wakho wokuqala isifundo seBhayibheli. Sithandazele njengoba usifuna, futhi usebenzise lonke usizo olukhona ukuze uwufinyelele lo mgomo. Mhlawumbe maduze nje uyojabulela ukuba nesifundo seBhayibheli.