Duduza Abanhliziyo Zaphukileyo
1 Akukaze emlandweni wesintu kube nesidingo esikhulu kangaka sokunikeza induduzo. Njengoba silandela ukuhola kweNkosi yethu, uKristu Jesu, nathi sisebenzela ‘ukubopha abanhliziyo zaphukileyo.’—Isaya 61:1.
2 Indlela Yokukwenza: Ukuze siduduze abantu, kufanele silinganisele enkonzweni yethu futhi sikhuthaze. Uma singagxili ezintweni ezimbi ezenziwa emhlabeni nasezimfundisweni zamanga, iqiniso elingokomBhalo nethemba eliqhakazile lezithembiso zikaNkulunkulu eziduduzayo kuhamba phambili engxoxweni. Lokhu akusho ukuthi akufanele kukhulunywe nge-Armagedoni. Umyalo esiwunikiwe uwukuba simemezele kokubili “unyaka wokuthakazelelwa nguJehova nosuku lwempindiselo kaNkulunkulu wethu,” futhi ‘sixwayise omubi endleleni yakhe.’ Kodwa, isixwayiso nge-Armagedoni nangemiphumela yembubhiso yayo akufanele kwemboze isihloko somyalezo wezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.— Isaya 61:2; Hez. 3:18; Math. 24:14.
3 Endlini Ngendlu: Akuyona into engavamile ukuthola abantu abacindezelekile ngenxa yokugula, ukufa kothandekayo, ukungabi khona kobulungisa noma izinkinga ezingokomnotho. Njengabalingisi bakaKristu, siba ‘nesihawu’ futhi sibonise uzwela kulabo esibathola enkonzweni. (Luka 7:13; Roma 12:15) Nakuba sibafundela umbhalo owodwa noma emibili ephathelene nenkinga yabo, kufanele sizibonakalise ‘singabasheshayo ukuzwa,’ ngaleyo ndlela sivumele umuntu ukuba aveze imizwa yakhe. (Jak. 1:19) Ngemva kokuqala ngokulalela, siba sesimweni esihle sokunikeza induduzo.
4 Ngesikhathi esifanele phakathi nengxoxo, singase sithi, “Ngingathanda ukuhlanganyela nawe amazwi akhuthazayo eBhayibheli.” Kufanele sisebenzise ukwahlulela okuhle ukuze silwele ukungavezi yonke imibono eyiphutha engase ivezwe yilowo muntu. Kodwa kufanele sigxile ekunikezeni isikhuthazo nenduduzo ngokusebenzisa imiBhalo ukuze siqinise inhliziyo. Kulokhu, ungase ubheke incwadi ethi Ukubonisana NgemiBhalo amakhasi 146-149 ngaphansi kwesihloko esithi “Isikhuthazo.” Noma ungase unikeze umninikhaya ipheshana elinesihloko esithi Induduzo Ngabacindezelekile bese ukhuluma ngezikhuthazo ezikulo.
5 Funa Amathuba Okududuza Abanye: Ukhona yini umakhelwane omaziyo, umuntu osebenza naye, ofunda naye isikole noma ilungu lomkhaya elidinga induduzo? Kungani ungazami ukumvakashela ekhaya unomgomo wokuhlanganyela naye induduzo evela emiBhalweni? Njengoba wazi ukuthi kungani bedinga induduzo, ungase ulungiselele leso simo ngokukhethekile. Ukuze benze lokhu, abanye baye babhala izincwadi noma bashaya ucingo. Uthando lweqiniso ngomakhelwane luyosishukumisela ukuba sibonise uzwela futhi sinikeze induduzo edingekayo evela emiBhalweni.—Luka 10:25-37.
6 Yebo, sinikwe umyalo wokuba siduduze abasosizini, sikhuthaze abanhliziyo zaphukileyo futhi sibanikeze ithemba lekusasa eliqhakazile. Yile nduduzo edingwa abantu emhlabeni wonke. Ukukhuluma ngenjabulo ngezinto eziningi ezinhle uNkulunkulu azithembisile kuyoletha induduzo nethemba kwabanhliziyo ziqotho. Kwangathi singasikhumbula njalo isidingo sokubopha abanhliziyo zaphukileyo.