‘Nikeza Ubufakazi Obuphelele Ngezindaba Ezinhle’
1. Yiziphi izindaba ezinhle okufanele sizihlanganyele nabanye?
1 Ezweni lapho izindaba ezinhle zingavamile khona, sinelungelo ‘lokunikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle zomusa ongafanelwe kaNkulunkulu.’ (IzE. 20:24) Lokhu kuhlanganisa nokwazisa abantu ukuthi “izinsuku zokugcina” zizophela zithathelwe indawo umhlaba omusha kaJehova ogcwele ukulunga, lapho ‘izinto zangaphambili sezidlulile.’ (2 Thim. 3:1-5; IsAm. 21:4) Ngaleso sikhathi kuyobe kungasekho ukugula. (Isaya 33:24) Abathandekayo abafile bayovuswa emathuneni baphinde bahlangane nemindeni nabangane. (Joh. 5:28, 29) Umhlaba wonke uyokwenziwa ipharadesi elihle. (Isaya 65:21-23) Lokhu kumane nje kungamazwibela ezindaba ezinhle okufanele sizihlanganyele nabanye!
2. Kungani inkathi yeSikhumbuzo iyithuba elihle lokunikeza ubufakazi bezindaba ezinhle?
2 Inyanga ka-March, April no-May ziyonikeza amathuba amahle okushumayela lezi zindaba ezinhle. Phakathi nalezi zinyanga isimo sezulu nokuphuza kokushona kwelanga emazweni amaningi kuyokwenza ukuba kube lula ukuchitha isikhathi esengeziwe enkonzweni. Ngaphezu kwalokho, isenzakalo esibaluleke kakhulu sonyaka, iSikhumbuzo, siyokhunjulwa emhlabeni wonke ngemva kokushona kwelanga ngoMgqibelo ngo-March 22. Manje yisikhathi sokuqala ukwenza amalungiselelo okwandisa inkonzo yethu.
3. Yini eyosisiza ukuba sandise inkonzo yethu njengemikhaya?
3 Ukuba Amaphayona Asizayo: Ungahlela yini ukuba yiphayona elisizayo inyanga eyodwa, ezimbili noma ezintathu? Kungani ningasebenzisi isikhathi esithile ngemva kwesifundo somkhaya ukuze nicabangele le ndaba? Thandazani ngale ndaba, futhi nibone ukuthi uJehova uyibusisa kangakanani imizamo yenu. (IzAga 16:3) Ngisho noma engekho ongaphayona emkhayeni, wonke amalungu omkhaya angazibekela imigomo ethile yokwandisa ingxenye yawo enkonzweni njengoba esebenza ndawonye nalabo abayobe bephayona.
4. Singazihlela kanjani izinto esizenzayo ukuze sibe amaphayona asizayo uma sisebenza?
4 Uma usebenza, ukuba nesimiso esihlelwe kahle kungakusiza ukuba ube yiphayona elisizayo. Mhlawumbe ungasebenzisa ingxenye yesikhathi sekhefu ukuze ushumayele. Noma ungazitholela insimu yakho eseduze nalapho uhlala khona noma eduze nendawo osebenza kuyo, ushumayele kule nsimu isikhathi esingangehora noma ngaphezulu ngaphambi nangemva komsebenzi. Ungase ukwazi ukwenza isikhathi esengeziwe esimisweni sakho ngokuyeka izinto ezingabalulekile kakhulu uzishiyele enye inyanga nangokuchitha usuku lonke enkonzweni ngezimpelasonto. Abanye baye bakwazi ukuthatha usuku olulodwa noma ezimbili ezinsukwini zekhefu ukuze bashumayele.
5. Ungabasiza kanjani asebekhulile noma abagulayo ukuba babe amaphayona asizayo?
5 Uma usukhulile noma ugula noma unamandla alinganiselwe, ungakwazi ukuba yiphayona elisizayo ngokuchitha isikhathi esincane usuku ngalunye enkonzweni. Cela uJehova ukuba akunikeze “amandla angaphezu kwavamile.” (2 Kor. 4:7) Omunye udade wakwazi ukuba yiphayona elisizayo eneminyaka engu-106! Ngosizo lwezihlobo zakhe ezingamaKristu kanye nabanye ebandleni, washumayela endlini ngendlu, wenza izimpindelo, waqhuba nezifundo zeBhayibheli futhi wahlanganyela nakwezinye izici zenkonzo. Wasiza ekuqaleni izifundo zeBhayibheli nabantu abayishumi. Uthi: “Njengoba ngicabanga ngelungelo eliyingqayizivele lokukhonza njengephayona elisizayo, inhliziyo yami igcwele uthando nokwazisa ngoJehova, iNdodana yakhe kanye nangenhlangano yaKhe. Ngifuna ngempela ukuthi ‘ngiyakubonga Jehova!’”
6. Kungenzeka kanjani ukuba intsha ebhapathiziwe esafunda isikole ibe amaphayona asizayo?
6 Uma ungosemusha obhapathiziwe osafunda isikole, nawe ungakwazi ukubhalisela ukuba yiphayona elisizayo. Njengalabo abasebenzayo, uyosebenzisa kakhulu izimpelasonto esimisweni sakho senkonzo. Mhlawumbe ungashumayela ihora elilodwa noma ngaphezulu ngaphambi nangemva kwesikole ngezinsuku ezithile. Ingabe likhona iholidi ongalisebenzisela ukuhlanganyela enkonzweni? Uma ungathanda ukuba yiphayona elisizayo, xoxa nabazali bakho ngakho.
7. Yini abadala abangayenza ukuze bakhe intshiseko ngenkonzo phakathi nenkathi yeSikhumbuzo?
7 Yakha Intshiseko: Abadala bangenza okwengeziwe ekwakheni intshiseko yebandla ngokuba yisibonelo. (1 Pet. 5:2, 3) Bangase banqume ukuba kuhlelwe imihlangano yenkonzo yasensimini yalabo abayobe behlanganyela enkonzweni ekuseni, ngemva kwesikole nangemva komsebenzi. Umbonisi wenkonzo kufanele aqiniseke ukuthi abamemezeli abafanelekayo babelwa ukuba bahole nokuthi kunensimu eyanele, kuhlanganise nomagazini nezincwadi okuyosetshenziswa ngalezo zinyanga ezikhethekile.
8. Yini esiyifundayo kokuhlangenwe nakho kwebandla elithile?
8 Kwelinye ibandla, abadala baqala ukukhuthaza ukuba kube namaphayona asizayo kusasele izinyanga ngaphambi komkhankaso. Babelokhu belazisa ibandla isonto ngalinye ukuthi sekunabamemezeli abangaki abazoba amaphayona asizayo. Lokhu kwaqinisekisa labo ababenesifiso sokwandisa ingxenye yabo enkonzweni ukuthi babezokuthola ukusekelwa. Kwahlelwa imihlangano yenkonzo yasensimini eyengeziwe ekuseni nakusihlwa. Umphumela waba ukuthi abamemezeli abangu-53 baba amaphayona asizayo ngo-April, okucishe kube yingxenye yebandla!
9. Kungani inkathi yeSikhumbuzo iyisikhathi esihle kakhulu sokuba labo abafanelekayo baqale ukumemezela izindaba ezinhle?
9 Siza Abanye Bashumayele: Uma intsha nabasanda kuhlanganyela bekufanelekela ukuba abamemezeli, bangase bacelwe ukuba basebenze nabamemezeli abanokuhlangenwe nakho. Ithuba elinjalo lingavela ngenkathi yeSikhumbuzo lapho abaningi ebandleni beyobe bandisa inkonzo yabo. Ingabe kunothile ofunda naye iBhayibheli osevumelanise ukuphila kwakhe nezindinganiso zikaJehova ezilungile? Ingabe wena unezingane eziziphethe kahle ezithuthuka kahle futhi ezingakabi abamemezeli? Uma abanjalo bebonisa isifiso sokuba abamemezeli abangabhapathiziwe futhi unomuzwa wokuthi bayafaneleka, yazisa omunye wabadala. Umbonisi owengamele uyohlela ukuba abadala ababili baxoxe nawe nengane yakho noma nalowo ofunda naye.
10. Yini abadala abangayenza ukuze basize asebepholile?
10 Izinyanga ezizayo zingaba yisikhathi esihle salabo asebepholile ukuba baqale ukushumayela nebandla. Ababonisi beSifundo Sencwadi Sebandla nabanye abadala kufanele benze umzamo oqotho wokuvakashela abanjalo futhi babameme ukuba basebenze enkonzweni. Uma sebephole isikhathi eside, abadala ababili kufanele bakhulume nabo kuqala ukuze banqume ukuthi bayafaneleka yini.—km-ZU 11/00 k. 3.
11. Yikuphi ukubonakaliswa okukhulu kunakho konke ‘komusa ongafanelwe kaNkulunkulu’?
11 Lungiselelani ISikhumbuzo: Isihlengo siwukubonakaliswa okukhulu kunakho konke ‘komusa ongafanelwe kaNkulunkulu.’ (IzE. 20:24) Izigidi zabantu abanokwazisa emhlabeni wonke ziyobuthana ndawonye ngo-Mgqibelo, ngo-March 22, ngemva kokushona kwelanga, ukuze zibe khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu. Sifuna ukumema bonke abanhliziyo ziqotho ukuba babe khona kulesi senzakalo esibalulekile esinikeza ubufakazi ngomusa ongafanelwe kaJehova awenzela isintu.
12. Obani okufanele sibamemele eSikhumbuzweni?
12 Bhala uhlu lwalabo ofuna ukubamema. Ngokungangabazeki uhlu lwakho luyohlanganisa izihlobo, omakhelwane, abantu osebenza nabo, ofunda nabo, owake wafunda nabo iBhayibheli kanye nofunda nabo njengamanje nabo bonke abanye ovame ukubavakashela. Uma abathile obamemile benemibuzo ephathelene neSikhumbuzo, ungase ukuthole kuwusizo ukusebenzisa isithasiselo esiphathelene neSidlo SeNkosi Sakusihlwa emakhasini 206-8 encwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli. Lokhu kungase kuvule indlela yokuqala isifundo seBhayibheli, njengoba kuyokunika ithuba lokuhambisa le ncwadi esiyisebenzisela ukuqhuba izifundo zeBhayibheli.
13. UJehova wayibusisa kanjani imizamo yabamemezeli ababili abakwenza umgomo ukumemela abathile eSikhumbuzweni?
13 Omunye udade wenza uhlu lwemikhaya engu-48 ayezoyimema. Njengoba ayeyimema, wayewafaka uqhwishi amagama ayo abhale nosuku ayimeme ngalo. Yeka ukuthi wajabula kanjani lapho abangu-26 ayebamemile befika eSikhumbuzweni! Umzalwane ongumnini-sitolo wamema isisebenzi sakhe esasikade singumfundisi. Le ndoda yafika futhi ngemva kwalokho yathi, “Ngifunde okwengeziwe ngeBhayibheli ngehora elilodwa ukwedlula engakufunda iminyaka engu-30 ngiyilungu leSonto LamaKatolika.” Ngokushesha ngemva kweSikhumbuzo, yamukela isifundo ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli.
14. Yimuphi umkhankaso womhlaba wonke oyoqala ngo-March 1?
14 Umkhankaso: Kusukela ngoMgqibelo ngo-March 1, kuqhubeke kuze kube ngo-March 22, kuyohanjiswa isimemo esikhethekile seSikhumbuzo emhlabeni wonke. Bonke abamemezeli bayothanda ukuba nengxenye egcwele kulo mkhankaso okhethekile. Kungcono ukunika umninikhaya isimemo ngokoqobo kunokusishiya emnyango. Kodwa, uma ninensimu enkulu, abadala banganquma ukuba izimemo zishiywe endaweni esithekile emizini engenamuntu. Ngezimpelasonto siyohambisa nomagazini bangaleyo nyanga.
15. Singasihambisa kanjani isimemo seSikhumbuzo?
15 Njengoba sinesikhathi esifushane sokusakaza lezi zimemo, kungcono kakhulu ukubeka isigijimi esifushane. Yiba nobungane nentshiseko. Ungase usho into enjengokuthi: “Sifuna ukuqiniseka ukuthi umenyiwe wena nomkhaya wakho kanye nabangane esenzakalweni esibalulekile esizokuba ngo-March 22. Nasi isimemo sakho. Imininingwane ibhalwe esimemweni.” Umninikhaya angase abe nemibuzo. Noma angase asamukele isimemo athi uzokuba khona. Bhala abanesithakazelo futhi uhlele ukuphindela kubo.
16. Ikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa ukuphumelela komkhankaso wokumemela abantu abasensimini eSikhumbuzweni?
16 Ngonyaka odlule isosha elithile lathola isimemo seSikhumbuzo emnyango walo. Lanquma ukuba khona kodwa kwadingeka lithole imvume kumphathi walo. Lapho libonisa umphathi isimemo, wathula wabe esethi abazali bakhe bangoFakazi futhi wayevame ukuya nabo emihlanganweni. Umphathi akazange nje anike leli sosha imvume yokuya eSikhumbuzweni kuphela kodwa wahamba nalo!
17. Sibonisa kanjani ukuthi ayisilahlekalanga injongo yomusa kaNkulunkulu ongafanelwe?
17 Bonisa Ukwazisa: Njengoba inkathi yeSikhumbuzo sika-2008 isondela, kwangathi ngamunye wethu angazindla ngomusa ongafanelwe uJehova asibonise wona. Umphostoli uPawulu wabhala: “Siyanincenga futhi ukuba ningawamukeli umusa ongafanelwe kaNkulunkulu bese nilahlekelwa injongo yawo.” (2 Kor. 6:1) Sibonisa kanjani ukuthi asilahlekelwanga injongo yomusa kaNkulunkulu ongafanelwe? UPawulu wabhala: “Kodwa ngazo zonke izindlela sizitusa njengezikhonzi zikaNkulunkulu.” (2 Kor. 6:4) Ngakho-ke, sibonisa ukwazisa kwethu isipho sikaJehova ngokuziphatha okuhle nangokushumayela izindaba ezinhle ngentshiseko. Kule nkathi yeSikhumbuzo sizokuba nethuba elihle lokwandisa umsebenzi wethu, sifakazele izindaba ezinhle ngokugcwele.
[Ibhokisi ekhasini 3]
Obani Abangase Bakwazi Ukuba Amaphayona Asizayo?
◼ Imikhaya
◼ Labo abasebenzayo
◼ Asebekhulile nabagulayo
◼ Abasafunda isikole
[Ibhokisi ekhasini 4]
Lapho Uhambisa Izimemo ZeSikhumbuzo:
◼ Fushanisa; khuluma ngentshiseko
◼ Bhala abanesithakazelo futhi ubuyele
◼ Hambisa omagazini ngezimpelasonto