Ingabe Uyisebenzisa Ngokugcwele?
1 “Sengilangazelela ukuyisebenzisa enkonzweni!” Yilokho okwabhalwa udade othile ngemva kokufunda INqabayokulinda ka-January 1, 2008. Ingabe wake wazicabangela ezinye zezihloko eziphuma njalo kulo magazini womphakathi, futhi ingabe usuzitholile izindlela zokuzisebenzisa enkonzweni yakho yasensimini?
2 “Lokho Esikufunda KuJesu”: Mhlawumbe usithole siwusizo lesi sihloko ekuqaleni izifundo zeBhayibheli. Uma ungakakwenzi lokho kakade, zama ukufundela umninikhaya isihloko esikhulu bese umbonisa lokho uJesu akusho ngale ndaba, njengoba kulandiswa esigabeni sokuqala. Uma ebonisa isithakazelo ekuhambeleni kokuqala, zama ukuqhubeka nengxoxo ngokusebenzisa izihlokwana eziyimibuzo eshukumisa ingqondo. Cela umninikhaya ukuba aphawule ngalowo mbuzo. Chaza kafushane izithombe ezihambelana nendaba, bese udlulela esigabeni esilandelayo. Ungase ukwazi ukuhlanganisa ingxenye yokuqala yesihloko ekuhambeleni kokuqala bese uxoxa ngengxenye yesibili lapho wenza impindelo. Kulungele ukuqhuba isifundo ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli.
3 “Izihluthulelo Zenjabulo Yomkhaya”: Lolu chungechunge lwezihloko, oluvela njalo ngemva kwezinyanga ezintathu, luhloselwe ukusiza amadoda, abesifazane nabazali ukuba babone indlela yokusebenzisa izimiso zeBhayibheli lapho besingatha izinkinga ezisongela ukuthula komkhaya. Nawe ungazisebenzisa lezi zihloko ekusizeni abangebona oFakazi ukuba babone ukuhlakanipha okutholakala eBhayibhelini.—2 Thim. 3:16, 17.
4 Izihloko Zentsha: Lolu chungechunge lwezihloko ezithi “Ezentsha Yethu” lunikeza uhlaka oluwusizo olungasetshenziselwa ukuhlaziya ukulandisa okuthile kweBhayibheli. Ungasebenzisa lezi zihloko ukuze usize intsha ohlangana nayo enkonzweni ukuba ibone usizo olungokoqobo lokutadisha iZwi likaNkulunkulu. (IHu. 119:9, 105) Lapho uxoxa nabazali, ungase uqokomise isihloko esithi “Fundisa Izingane Zakho,” esivela njalo ngemva kwezinyanga ezimbili. Lesi sihloko sisiza abantwana ukuba bafunde izifundo ezibalulekile kubantu baseBhayibhelini. Ingabe uyazinika ithuba lokufunda lesi sihloko nezingane zakho?
5 Ezinye Izihloko: Inyanga ngayinye, isihloko esithi “Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini” siphendula umbuzo okungenzeka ubuzwe abangebona oFakazi. Ungase uqokomise lesi sihloko lapho uhambisa omagazini endlini ngendlu. Isihloko esithi “Incwadi Evela . . . ” siwumbiko womuntu siqu ovusa amadlingozi obonisa izinselele izithunywa zevangeli nabanye ababhekana nazo lapho befeza inkonzo yabo. Lesi sihloko singasiza abathakazelayo ukuba babone ukuthi izindaba ezinhle zishunyayelwa emhlabeni wonke, okugcwalisa isibonakaliso sokuba khona kukaKristu.—Math. 24:3, 14.
6 Isihloko sanyanga zonke esithi “Sondela KuNkulunkulu,” esisekelwe ekufundweni kweBhayibheli kweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, singase sishukumise abaqotho ukuba bafune ukufunda okwengeziwe ngoJehova. Uchungechunge oluthi “Lingisa Ukholo Lwabo,” oluvela kane ngonyaka, luklanyelwe ukusiza abantu bazibone ngeso lengqondo izenzakalo zeBhayibheli, okwenza abantu baseBhayibhelini—izinqumo zabo, izinselele nokholo lwabo—baphile kubafundi banamuhla.
7 Yeka indlela esijabula ngayo nyanga zonke ngokuthola INqabayokulinda ephelele ehloselwe ukusetshenziswa ensimini! Kwangathi singenza wonke umzamo wokujwayelana kahle nalokho ekuqukethe futhi siyisebenzise ngokugcwele enkonzweni.