Usuku Olukhethekile Lokucela Izifundo ZeBhayibheli
1 Kusukela ngo-January, ibandla ngalinye lizobeka impelasonto eyodwa njalo ngenyanga, mhlawumbe eyokuqala, ukuze ligxile ekuceleni izifundo zeBhayibheli. Kungaba ngoMgqibelo noma ngeSonto, kuye ngokuthi yikuphi okungcono endaweni yakini. Uma umninikhaya engasemukeli isifundo seBhayibheli, abamemezeli bangamhambisela incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma bamnike omagazini bamuva. Bonke abadala nezinceku ezikhonzayo kufanele bahlele ukuba bahlanganyele ngokugcwele kulo mkhankaso futhi basize abamemezeli ukuba baqale izifundo zeBhayibheli.
2 IKomiti Yenkonzo Yebandla iyonquma ukuthi yiluphi usuku lwempelasonto oluyobekwa eceleni ukuze kucelwe izifundo zeBhayibheli. Ngezikhathi ezithile abamemezeli kufanele bakhunjuzwe ukuze balungiselele futhi bazame ukucela izifundo zeBhayibheli endlini ngendlu nalapho bebuyela kulabo abake babonisa isithakazelo.
3 Indlela Yokulungiselela: Singathola ukusikisela kwendlela yokuqala izifundo zeBhayibheli esenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 2006 nasekhasini 12 lencwadi ethi Ukubonisana. Abanye bangase basebenzise ipheshana, njengaleli elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? Ikhasi 3 le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-August 2007 linokusikisela kwezindlela zokuqala izifundo zeBhayibheli lapho sihambele labo abamukela omagazini. Abadala nezinceku ezikhonzayo bayokwabelwa ukuba baqhube umhlangano wenkonzo omfushane oyimizuzu eyishumi kuya kwengu-15, phakathi nawo kuyoxoxwa futhi kube nomboniso wokusikisela okukodwa noma okubili kokuqala izifundo zeBhayibheli.
4 Kuyiqiniso ukuthi akubona bonke abantu abayosamukela isifundo seBhayibheli noma baqhubeke befunda isikhathi eside. Lokhu akufanele kusidikibalise, njengoba kunguJehova odonsa abanjengezimvu enhlanganweni yakhe. (Joh. 6:44) Umthwalo wethu awukhona nje ukutshala imbewu yeqiniso kodwa uhlanganisa ukuhlakula nokunisela leyo esinezimpande, futhi lokho kuhlanganisa ukufunda iBhayibheli nabanenhliziyo efanele. Ngokwenza kanjalo, sisebenzisa ilungelo lokuba yizikhonzi zikaNkulunkulu.—1 Kor. 3:9.