Bayokuzwa Kanjani?
1. Kungani umsebenzi wokushumayela ungase ube yinselele, kodwa kungani siphikelela?
1 Njengoba usuku lukaJehova lusondela ngokushesha, kunesidingo esiphuthumayo sokusiza abantu abaningi ukuba bazuze ulwazi olunembile ngoNkulunkulu nenjongo yakhe ngesintu. (Joh. 17:3; 2 Pet. 3:9, 10) Lokhu kungaba inselele ngezinye izikhathi, ngoba abaningi abanaki noma bangase basihleke usulu ngenxa yomsebenzi wethu wokushumayela. (2 Pet. 3:3, 4) Noma kunjalo, sinezizathu ezinhle zokukholelwa ukuthi basekhona ensimini yethu abayozamukela izindaba ezinhle uma bezizwa. Abanjalo bayokuzwa kanjani uma engekho oshumayelayo?—Roma 10:14, 15.
2. Isibonelo somphostoli uPawulu sisikhuthaza kanjani?
2 Ukubhekana Nokuphikiswa: Ukuze sisize labo abazimisele ukulalela isigijimi soMbuso, akumelwe siphazamiseke. Umuzi waseFilipi waba ngowokuqala eYurophu ukuzwa umphostoli uPawulu eshumayela izindaba ezinhle. Lapho yena noSila bemangalelwa ngamanga, bashaywa ngezinduku futhi baphonswa ejele. (IzE. 16:16-24) Nokho, leso senzakalo esibuhlungu asimenzanga uPawulu ukuba ahlehle ngenxa yokwesaba. Lapho evakashela eThesalonika, umuzi olandelayo aya kuwo njengesithunywa sevangeli, ‘waqunga isibindi ngoNkulunkulu.’ (1 Thes. 2:2) Ingabe isibonelo sikaPawulu asisibonisi yini isizathu sokuba ‘singakhathali’?—Gal. 6:9.
3. Yini engenza ukuba abathile bashintshe nakuba babengenasithakazelo ngaphambili?
3 Abaningi osekuyiminyaka bengafuni ukulalela baye bashintsha. Izinkinga zezomnotho, ukugula, ukushonelwa emkhayeni, noma imibiko ephazamisayo yezenzakalo zomhlaba ingase ibangele lolo shintsho. (1 Kor. 7:31) Abanye abanabazali ababephikisa sebekhulile futhi bazimisele ukulalela. Ukuqhubeka kwethu sishumayela kunikeza abanjalo ithuba ‘lokubiza igama likaJehova’ kungakephuzi kakhulu.—Roma 10:13.
4. Yini esishukumisela ukuba siqhubeke enkonzweni “ngaphandle kokuyekethisa”?
4 “Ngaphandle Kokuyekethisa”: Uthando lwethu ngoNkulunkulu nomakhelwane luyosishukumisela ukuba siqhubeke “ngaphandle kokuyekethisa” emsebenzini wokushumayela nokwenza abafundi, njengoba nje nabaphostoli benza ekhulwini lokuqala. (IzE. 5:42) Abaningi namuhla ‘bayabubula futhi bayaquma ngenxa yazo zonke izinto ezinengekayo’ ezenzekayo. (Hez. 9:4) Yeka ithemba nempumuzo abanjalo abayitholayo lapho bezwa izindaba ezinhle! Ngisho nalapho abantu abaningi bengafuni ukulalela, sinesiqinisekiso esingokomBhalo sokuthi uJehova uyathokoza ngemizamo yethu.—Heb. 13:15, 16.