Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/09 k. 1
  • Ungayandisa Yini Inkonzo Yakho?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungayandisa Yini Inkonzo Yakho?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkonzo Yamaphayona—Ingabe Ingakulungela?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Ingabe Ungamkhonza UJehova Njengephayona?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Ingabe Ungaba Yiphayona Elisizayo Ngo-April?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Yandisa Ingcebo Yakho Yenkonzo YoMbuso
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
km 7/09 k. 1

Ungayandisa Yini Inkonzo Yakho?

1. Ikuphi ukuphuthuma okukhona enkonzweni yokushumayela futhi kungani?

1 Ebona isithakazelo abantu abaningi ababenaso ezindabeni ezinhle zoMbuso, uJesu wayala abafundi bakhe ukuba ‘bancenge iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.’ (Math. 9:37, 38) Njengoba sisemahoreni okugcina esikhathi sokuvuna, umsebenzi wethu usuphuthuma kakhulu kunakuqala. Lokhu kusho ukuthi kufanele siyicabangele ngomthandazo indlela esingaba ngayo nengxenye enkudlwana emsebenzini wokushumayela.—Joh. 14:13, 14.

2. Abanye basabele kanjani esimemweni sezisebenzi ezengeziwe ensimini?

2 Inkonzo Eyandisiwe: Ngesiqondiso nangosizo lukaJehova, abaningi bakwazile ukuthatha inkonzo yokuphayona. (IHu. 26:2, 3; Fil. 4:6) Abanye benze imizamo ekhethekile yokuba amaphayona asizayo inyanga eyodwa noma ngaphezulu phakathi nonyaka. Lokhu kube yindlela enhle kakhulu yokwandisa inkonzo yabo. Injabulo etholakala ngokuhlanganyela kuleli lungelo yenze abaningi babo bacabangela ukuba amaphayona avamile.—IzE. 20:35.

3. Uma uke waphayona ngaphambili, yini manje ongathanda ukuyicabangela?

3 Ingabe Ungaphinde Uphayone?: Uma uke wakhonza njengephayona ngaphambili, akungabazeki ukuthi unezinkumbulo eziyigugu zangaleso sikhathi. Ingabe uke wakucabangela ngomthandazo ukubuyela ezinhlwini zamaphayona? Izimo ezakubangela ukuba uyeke ukuphayona kungenzeka azisekho. Mhlawumbe sekuyisikhathi sokuphinde ujabulele leli lungelo eliyingqayizivele.—1 Joh. 5:14, 15.

4. Iliphi ilungelo eliyingqayizivele elisivulekele sonke?

4 Umsebenzi wokuvuna uyaqhubeka njengamanje futhi uzophothulwa ngokushesha. (Joh. 4:35, 36) Sengathi sonke singahlola izimo zethu zamanje, sibone ukuthi singakwazi yini ukwenza izinguquko ekuphileni kwethu ukuze sandise inkonzo yethu ensimini. Noma, uma ngobuqotho sithola ukuthi asikwazi ukwandisa inkonzo yethu, singazithola yini ezinye izindlela zokwenza okwengeziwe? (Marku 12:41-44) Yeka ilungelo elibekwe phambi kwabo bonke abavunyelwa yizimo zabo manje ukuba basetshenziswe uJehova kulo msebenzi oyingqayizivele!—IHu. 110:3.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela