Kufanele Sibuyele Nini Kwabanesithakazelo?
1. Yini ehilelekile ekwenzeni abafundi?
1 Ukwenza abafundi kuhilela ukubuyela kunoma ubani obonisa isithakazelo sokwazi ngelungiselelo likaJehova loMbuso. (Math. 28:19, 20) Ngokuvamile isikhathi esingcono sokwenza impindelo sixhomeke esimisweni sethu nesalowo onesithakazelo. Kungani kufanele sibuyele ngokushesha nje ngemva kokuhambela kokuqala?
2, 3. Kungani kufanele sizame ukubuyela ngokushesha kubantu?
2 Kungani Kufanele Sibuyele Ngokushesha? Umsebenzi wokushumayela ‘izindaba ezinhle zombuso’ usuzophela, futhi ukuphela kwalesi simiso sezinto sekusondele kakhulu. (Math. 24:14; 1 Pet. 4:7) Ngakho-ke, nakuba lusekhona ‘usuku lwensindiso’ kwabanesithakazelo, kufanele silalele umyalo ‘wokushumayela izwi ngokuphuthuma,’ okuhlanganisa ukubuyela ngokushesha ngangokunokwenzeka ukuyohlakulela isithakazelo esibonisiwe.—2 Kor. 6:1, 2; 2 Thim. 4:2.
3 USathane umagange ukubulala noma iyiphi imbewu yoMbuso esingase siyihlwanyele enhliziyweni yomuntu onesithakazelo. (Marku 4:14, 15) Ngokuvamile labo ababonisa isithakazelo bavame ukuhlekwa amalungu omkhaya, abantu abasebenza nabo nabanye. Ukubuyela ngokushesha kwenza sikwazi ukwakhela engxoxweni yangaphambili ngaphambi kokuba abanye bayicime inhlansi yesithakazelo.
4. Singasibeka kanjani isisekelo sempindelo ekuhambeleni kokuqala?
4 Beka Isikhathi Ozobuya Ngaso: Kungcono kakhulu ukubeka isikhathi esiqondile sokubuya ngaphambi ngokuba uhambe. Phakamisa umbuzo ozowuphendula lapho ubuya. Ukubhala kahle imininingwane kubalulekile kule ndaba. Uma isimiso sakho sikuvumela, ungacela ukubuya ngosuku olulandelayo noma ngokushesha ngemva kwalokho. Uma ukuhambela kwakho kokuqala kube ngempelasonto futhi nomuntu othakazelayo esebenza phakathi nesonto, mhlawumbe angase avume ukuba umvakashele ngempelasonto elandelayo. Uma ubeke usuku noma isikhathi, qiniseka ukuthi uyaligcina izwi lakho.—Math. 5:37.
5. Ukubuyela kwethu ngokushesha kuyosisiza kanjani ukuba sifeze umyalo kaJesu wokwenza abafundi?
5 Sinezizathu ezinhle zokubuyela ngokushesha ngangokunokwenzeka kulabo ababonisa isithakazelo. Ngakho, beka isikhathi nosuku bese ubuyela ngokushesha, ngoba “isikhathi esisele sinciphile.” (1 Kor. 7:29) Lapho sibavakashela ngokushesha labo abanesithakazelo esigijimini soMbuso, imizamo yethu iyophumelela ngokwengeziwe.