IMihlangano Yesigodi—Isikhathi Sokukhulekela Ngenjabulo
1. Imikhosi yakwa-Israyeli yayifana kanjani nemihlangano yesigodi yanamuhla?
1 UJosefa, uMariya, izingane zabo nabanye babeya njalo eJerusalema emikhosini yaminyaka yonke. Ngalezi zikhathi, bona nabanye abakhulekeli babeshiya imisebenzi yabo yansuku zonke bagxile ezintweni ezingokomoya ezibaluleke kakhulu ekuphileni kwabo. Le mikhosi yayibanika ithuba lokucabanga nokukhuluma ngobuhle bukaJehova futhi bafunde noMthetho wakhe. Imihlangano yethu yesigodi ezayo izosinika amathuba afanayo okukhulekela uJehova ngenjabulo.
2. Yini okufanele siyenze ukuze silungiselele umhlangano wesigodi ozayo?
2 Kufanele Silungiselele: Uhambo olusuka eNazaretha lwaluhilela ukuba uJesu nomkhaya wakubo bahambe amakhilomitha angaba ngu-200 ukuya nokubuya. Nakuba singazi ukuthi zazingaki izingane zakubo kaJesu, singase sicabange ukuthi kwakudingeka ukuba uJosefa noMariya bahlele futhi benze umzamo ongakanani. Ingabe usuwenzile amalungiselelo okuba khona ngazo zontathu izinsuku zomhlangano wesigodi ozayo? Lokhu kungase kuhilele ukuthatha iholidi emsebenzini noma ukucela kumqashi noma kuthisha wengane yakho isikhathi sokuya emhlanganweni. Ingabe usuyitholile indawo yokulala uma kudingeka? Ungasithatha yini isinyathelo sokusiza othile ebandleni onezidingo ezikhethekile ukuba abe khona emhlanganweni?—1 Joh. 3:17, 18.
3. Imikhosi yakwa-Israyeli yayiba kanjani yithuba lobudlelwano obakhayo?
3 Ubudlelwano Obakhayo: Yeka ithuba elaliba khona emikhosini yamaJuda lokuba nobudlelwano obakhayo nabanye abakhulekeli! Akungabazeki ukuthi umkhaya wakubo kaJesu wawukulangazelela ukubona abangane abadala. Wawujabulela namathuba okuthola abangane abasha ezinkumbini zamaJuda namaproselithe ababesuke beya noma bebuya eJerusalema.
4. Singabonisa kanjani ukuthi asibuthathi kalula ubuzalwane bethu bobuKristu obunobunye?
4 Esinye isizathu esenza inceku ethembekileyo neqondayo ihlele ukuba sibuthane ndawonye ukuze silalele izinkulumo emihlanganweni yesigodi kunokuba inyathelise ukwaziswa okufanayo ezincwadini, ukuthi ifuna sikhuthazane. (Heb. 10:24, 25) Ngakho-ke, yenza amalungiselelo okufika kusenesikhathi emhlanganweni usuku ngalunye ukuze ujabulele ubudlelwano nabanye ngaphambi kokuba usihlalo ethule umculo owandulela isimiso, obonisa ukuthi sekuyisikhathi sokuhlala phansi. Esikhundleni sokuphuma enkundleni yomhlangano ngesikhathi sekhefu ukuze siyothenga ukudla, sikhuthazwa ukuba siphathe ukudla okulula futhi sihlale enkundleni yomhlangano ukuze sikwazi ukwazana nokuxoxa nabanye abakhona. Ubuzalwane bethu bobuKristu obunobunye buyisipho esivela kuJehova okungafanele nakancane sithathwe kalula.—Mika 2:12.
5. Yini eyosisiza ukuba sizuze ngokugcwele esimisweni?
5 Isikhathi Sokufunda: Kusukela ebuntwaneni, uJesu wasebenzisa le mikhosi ukuze afunde ngoYise wasezulwini. (Luka 2:41-49) Yini eyosisiza thina nemikhaya yethu ukuze sizuze ngokugcwele ezinkulumweni eziyokwethulwa? Phakathi nesimiso, hlala phansi futhi ugweme ukukhuluma ngokungadingekile. Ungavumeli ukuba umakhalekhukhwini, i-pager noma eminye imishini enjalo ikuphazamise noma iphazamise abanye. Gxilisa amehlo akho esikhulumini futhi ubhale amaphuzu kafushane. Hlalani ndawonye njengomkhaya ukuze niqiniseke ukuthi izingane zenu nazo ziyalalela. Kusihlwa, zinikeni isikhathi esithile sokuxoxa ngamaphuzu eniwajabulele.
6. Yini okufanele siyikhumbule ngokugqoka kwethu nokuzilungisa?
6 Ukugqoka Nokuzilungisa: Abahwebi bangaphandle ababesendleleni babengawubona kalula umkhaya wakubo kaJesu nabanye abakhulekeli abangamaJuda beya noma bebuya emikhosini ngenxa yezingubo zabo ezinezinsephe kanye nomucu oluhlaza okwesibhakabhaka emiphethweni. (Num. 15:37-41) Nakuba amaKristu engagqoki ngendlela ekhethekile, saziwa ngokugqoka ngesizotha, ngokucoceka nangenhlanzeko. Kufanele sikunake ngokukhethekile ukubukeka kwethu lapho siya noma sibuya emhlanganweni nalapho sisedolobheni lomhlangano. Ngisho nalapho sishintsha izingubo ngemva kwesimiso, kufanele sigqoke ngendlela enesizotha futhi sifake ibheji lomhlangano. Ngaleyo ndlela siyahluka kubantu abangebona oFakazi futhi sishiye abasibonayo benesithombe esihle.
7. Kungani kufanele sikucabangele ukuvolontiya emhlanganweni?
7 Kudingeka Amavolontiya: Kudingeka izisebenzi eziningi ukuze umhlangano uhambe kahle. Ungavolontiya yini ukuze usize? (IHu. 110:3) Umsebenzi owenziwa emihlanganweni yesigodi uyingxenye yenkonzo yethu engcwele futhi unikeza ubufakazi obuhle. Umphathi wenkundla ethile yomhlangano wahlabeka umxhwele ngamavolontiya ahlanza isakhiwo kangangokuba wabhala: “Ngifisa ukunibonga ngalesi senzakalo esimangalisa kakhulu kwesengike ngazibona ekuphileni kwami. Bengihlale ngizwa ukuthi oFakazi BakaJehova bangabantu abakhethekile abanomlando omude wedumela elihle lokushiya indawo ihlanzeke kakhulu kunalokho abayithole iyikho. Nina nenhlangano yenu nenze le ndawo yaba indawo engcono emphakathini futhi nikwenze lokhu ngeqembu labantu abajabulayo esiye sakujabulela ukubazi.”
8. Yimaphi amathuba okufakaza esiyoba nawo lapho sisedolobheni lomhlangano?
8 Amathuba Okufakaza: Abantu abaningi edolobheni lomhlangano bayozibona izivakashi ezigqoke kahle nezihlanzekile, ezifake amabheji omhlangano futhi lokhu kungase kuvuse ilukuluku, kusivulele amathuba okuba sibatshele ngomhlangano. Omunye umntwana oneminyaka emine waphatha ikhophi yakhe yencwadi eyayisanda kukhululwa emhlanganweni lapho beya endaweni yokudla ngemva kwesimiso wayibonisa uweta. Lokhu kwavulela abazali balo mfana ithuba lokumemela lona wesifazane emhlanganweni.
9. Singakulingisa kanjani ukwazisa umkhaya wakubo kaJesu owawunakho ngamalungiselelo kaJehova angokomoya?
9 Imikhosi yasendulo yayiyisikhathi esijabulisayo esasithandwa amaJuda akhonze izinto ezingokomoya. (Dut. 16:15) Umkhaya wakubo kaJesu wawukujabulela ukuzidela ukuze ube khona futhi uzuze ngokugcwele. Nathi siyazisa ngendlela efanayo imihlangano yethu yesigodi, siyibheka njengesipho esivela kuBaba wethu wasezulwini onothando. (Jak. 1:17) Manje yisikhathi sokulungiselela leli thuba laminyaka yonke lokukhulekela uJehova ngenjabulo!
[Ibhokisi ekhasini 5, 6]
Esikukhunjuzwa NgoMhlangano Wesigodi
◼ Izikhathi Zesimiso: Isimiso siyoqala ngo-9:00 zontathu izinsuku. Lapho kuqala umculo owandulela isimiso, kufanele sonke sihlale phansi ukuze isimiso siqale ngendlela ehloniphekile. Isimiso siyophela ngo-4:15 ntambama ngoLwesihlanu, ngo-4:30 ntambama ngoMgqibelo kanti ngeSonto siyophela ngo-3:20 ntambama.
◼ Indawo Yokupaka: Kuzo zonke izindawo zomhlangano esinelungelo lokupaka kuzo, indawo yokupaka iyotholakala mahhala kwabafike kuqala. Ngenxa yokuthi ngokuvamile indawo yokupaka ilinganiselwe, kufanele sizame ukugcwalisa izimoto.
◼ Indawo Yokulala: Amafomu e-Sicelo Sendawo Yokulala Sezidingo Ezikhethekile (CO-5) ayatholakala uma kunabamemezeli abawadingayo ukuze bafake isicelo sendawo yokulala. IKomiti Yenkonzo Yebandla kufanele icabangele izimfanelo zommemezeli, isebenzisa iziqondiso ezisefomini nasencwadini yomhla ka-July 15, 2009, eyabhalelwa zonke izindikimba zabadala. Leli lungiselelo elabamemezeli abanokuma okuhle ebandleni kuphela, kanye nezingane zabo eziziphatha kahle.
◼ Ukugcina Izihlalo: Izihlalo zingagcinelwa kuphela labo ohamba nabo emotweni noma ohlala nabo ekhaya, kanye nalabo ofunda nabo iBhayibheli njengamanje.—1 Kor. 13:5.
◼ Ukudla Kwasemini: Sicela niziphathele ukudla kwasemini kunokuba niphume ngesikhathi sekhefu niyokuthenga ngaphandle kwendawo yomhlangano. Ningawaphatha ama-cooler bag amancane angangena ngaphansi kwezihlalo. Ama-cooler bag amakhulu anjengawamapikiniki kufanele agcinwe ngokuvumelana neziqondiso zabalindi. Izitsha ezifayo nophuzo oludakayo akuvunyelwe enkundleni yomhlangano.
◼ Iminikelo: Singabonisa ukwazisa ngamalungiselelo omhlangano ngokunikela ngokuzithandela emsebenzini womhlaba wonke eHholo LoMbuso lethu noma emhlanganweni. Uma ufuna ukunikela ngesheke, siza ubuze igama le-akhawunti eKomitini Yomhlangano. Emihlanganweni ethile kuyoba nemishini yasebhange engase isetshenziselwe ukwenza umnikelo ngamakhadi asebhange. Nicelwa ukuba nithintane neKomiti Yomhlangano ukuze nithole ukuthi ikuphi le mishini.
◼ Izingozi Nezimo Eziphuthumayo: Uma kuphakama isimo sempilo esiphuthumayo endaweni yomhlangano, sizani nithinte umlindi oseduze, oyokwazisa uMnyango Wosizo Lokuqala ngokushesha ukuze izisebenzi eziqeqeshiwe zosizo lokuqala zikwazi ukuhlola isimo bese zinikeza usizo.
◼ Izicathulo: Unyaka ngamunye abantu abaningi bayalimala ngenxa yezicathulo. Kuhle ukukhetha izicathulo ezifanelekayo nezikulingana kahle oyokwazi ukuhamba ngazo ngokuphephile ezitebhisini, ezinsimbini ezinezikhala nakwezinye izindawo.
◼ Ukuqopha: Imishini yokuqopha akufanele ixhunywe kugesi wenkundla yomhlangano noma esimisweni se-sound futhi le mishini kumelwe isetshenziswe kuphela ngendlela engeke ibathikameze abanye.
◼ Izinqola Zabantwana: Izinqola zabantwana akufanele zingeniswe endaweni yomhlangano. Nokho, izihlalo zabantwana zokuphepha ezilingana esihlalweni futhi ezingaboshelwa eceleni komzali zamukelekile.
◼ Amakha: Imihlangano eminingi yesigodi iqhutshelwa ezindaweni ezivalekile ezinemishini yeziphephetha-moya. Ngakho-ke, siyobe sibonisa umusa uma silinganisela ekusebenziseni amakha anamandla angase abaphathe kabi labo abanezinkinga zokuphefumula noma ezihlobene nakho.—1 Kor. 10:24.
◼ Amafomu Okulandelela: Ifomu elithi Siza Ulandelele (S-43) kufanele lisetshenziselwe ukubhala ukwaziswa nganoma ubani obonisa isithakazelo lapho sishumayela ngokwethukela phakathi nomhlangano. Abamemezeli kufanele baphathe ifomu elilodwa noma amabili emhlanganweni. Amafomu agcwalisiwe ningawayisa eNdaweni Yezincwadi noma niwanikeze unobhala webandla lakini lapho senibuyele emakhaya.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-November 2009, k. 4.
◼ Izitolo Zokudlela: Dumisa igama likaJehova ngokuziphatha okuhle ezitolo zokudlela. Kuyinkambiso ukukhipha ithiphu engamaphesenti ayishumi kuya kwangu-15.
◼ Inkonzo Yokuzithandela: Injabulo esiyithola ngokuba khona emhlanganweni iyoba nkulu nakakhulu uma sivolontiya ekusizeni ngomsebenzi ohilelekile. (IzE. 20:35) Bonke abafisa ukusiza kufanele baye eMnyango Wenkonzo Yokuzithandela emhlanganweni. Izingane ezineminyaka engaphansi kuka-16 nazo zingaba nengxenye ngokusebenza nabazali noma abanye abantu abadala abagunyazwe abazali.
◼ Izingoma: Amabandla angase athande ukuprakthiza lezi zingoma zomhlangano wesigodi kusenesikhathi. Izingoma zangoLwesihlanu: 118, 18, 113, 91, 88 no-75. Izingoma zangoMgqibelo: 92, 85, 60, 65, 69 no-48. Izingoma zangeSonto: 51, 63, 106, 16, 49 no-2.