“Ukudla Ngesikhathi Esifanele”
1. Isimiso samanje somhlangano okhethekile wosuku olulodwa sikusize kanjani wena nabanye?
1 Ngemva kokuya emhlanganweni wethu okhethekile wosuku olulodwa, siye sithi, “Yilokho kanye ebesikudinga!” Umbonisi wesifunda othile wabika ukuthi ngemva kokulalela isimiso salo nyaka, abanye esifundeni akuso bazwakalisa isifiso sabo sokwandisa inkonzo yabo. Omunye umbonisi ojikelezayo wathi, “Sasisiza ukuba sicabangisise ukuthi sikuphi ohlelweni lwezikhathi njengoba sihlaziya izinqumo esizenze ekuphileni kwethu.” Kanti omunye yena wathi, “Abamemezeli abaningi baveze ukuthi lokhu kubaphaphamisile ukuze baqiniseke ukuthi bagxila kulokho okubaluleke kakhulu, inkonzo.” Umhlangano okhethekile wosuku olulodwa wakusiza kanjani wena?
2. Yini eyocatshangelwa esimisweni sonyaka wenkonzo ozayo?
2 Isimiso sonyaka ozayo wenkonzo naso siyoba ilokho kanye esikudingayo. Isihloko sawo sithi “Phephela KuJehova,” futhi sisekelwe kumaHubo 118:8, 9. Nazi ezinye zezihloko okuyoxoxwa ngazo: “Indlela UJehova Ayinqaba Ngayo Ezikhathini Zokucindezeleka,” “Siza Abanye Baphephele Ngaphansi Kwamaphiko KaJehova,” “Lingisa UJehova Ngokunika Abanye Isiphephelo,” “Basha, Yenzani UJehova Abe Ithemba Lenu!” nesithi “Ipharadesi Lethu Elingokomoya—Ilungiselelo LikaJehova Lesiphephelo.”
3. Singazuza kanjani ngokugcwele ngokuba khona?
3 Ukuze Sizuze: Uma usuku selumenyezelwe, yenza amalungiselelo aqinisekile okuba khona, futhi umeme obafundela iBhayibheli ukuba babe khona. Ukuze sikwazi ‘ukuthela izithelo ngokukhuthazela,’ kumelwe sikulondoloze lokho esikuzwayo. (Luka 8:15) Ngakho lalelisisa isimiso, futhi ubhale amaphuzu ayinhloko kafushane kanye nezifundo ohlela ukuzisebenzisa ekuphileni nasenkonzweni yakho. Ngemva komhlangano zinikeni isikhathi sokuxoxa ngesimiso njengomkhaya, futhi nicabangele izindlela eziqondile wena nomkhaya wakho eningakusebenzisa ngazo lokhu kwaziswa.
4. Kungani kufanele sibheke phambili emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa ozayo?
4 Njengokudla okunomsoco okwehl’ esiphundu, umhlangano okhethekile wosuku olulodwa wonyaka wenkonzo ozayo ulungiselelwe ngothando nangokucabangela okukhulu. Kwangathi uJehova angabusisa imizamo yakho yokuba khona nokuzuza kulokhu ‘kudla okufike ngesikhathi esifanele’ okondla izikhonzi ezingamaKristu ngokomoya.—Math. 24:45.