Ungafakaza Ngokwethukela!
1. (a) Kuyini ukufakaza ngokwethukela? (b) Bangaki abakhona kulo mhlangano abaqala ukuzwa iqiniso ngokufakaza ngokwethukela?
1 Bangaki ebandleni lakini abaqala ukuzwa iqiniso ngokufakaza ngokwethukela? Ingase ikumangaze impendulo. Ukufakaza ngokwethukela kuhilela ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabantu esihlangana nabo lapho senza izinto zansuku zonke—sisendleleni, sivakashela izihlobo noma omakhelwane, siyothenga, nalapho sisesikoleni, emsebenzini nakwezinye izindawo. Kwelinye iqembu loFakazi abangaphezu kuka-200 ababhapathiziwe, abangamaphesenti angu-40 batholakala ngokushumayela ngokwethukela! Ngakho-ke, le ndlela yokushumayela iyaphumelela kakhulu.
2. Yiziphi izibonelo zokufakaza ngokwethukela esizithola emiBhalweni?
2 Abashumayeli ekhulwini lokuqala babevame ukufakaza ngokwethukela. Ngokwesibonelo, lapho eseSamariya, uJesu wafakaza kowesifazane owayekha amanzi emthonjeni kaJakobe. (Joh. 4:6-26) UFiliphu waqala ingxoxo nesikhulu esingumTopiya esasifunda incwadi ka-Isaya ngokusibuza ukuthi: “Empeleni, ingabe uyakwazi lokho okufundayo?” (IzE. 8:26-38) Lapho eboshiwe eFilipi, umphostoli uPawulu wafakaza kumgcini wejele. (IzE. 16:23-34) Kamuva, lapho eboshwe endlini, uPawulu “wayebamukela ngomusa bonke ababengena beze kuye, eshumayela kubo umbuso kaNkulunkulu futhi efundisa izinto ngeNkosi uJesu Kristu.” (IzE. 28:30, 31) Nawe ungafakaza ngokwethukela, ngisho noma unamahloni. Kanjani?
3. Yini engasisiza ukuba sinqobe amahloni?
3 Indlela Ongaqala Ngayo: Abaningi bethu bakuthola kunzima ukuqala ingxoxo nabantu abangabazi. Ngisho nakubantu esibajwayele, kungaba inselele ukwethula iqiniso. Nokho, sizoba nesibindi sokukhuluma uma sizindla ngobuhle bukaJehova, amagugu angokomoya awanike izinceku zakhe nangesimo esidabukisayo abantu abakuso ezweni. (Jona 4:11; IHu. 40:5; Math. 13:52) Ngaphezu kwalokho, singacela uJehova ukuba asisize ‘siqunge isibindi.’ (1 Thes. 2:2) Umfundi othile waseGileyadi wathi: “Ngiye ngathola ukuthi ngokuvamile umthandazo uyasiza uma kunzima kimi ukuxoxa nabantu.” Uma unqikaza ukukhuluma, yisho umthandazo omfushane enhliziyweni.—Neh. 2:4.
4. Yimuphi umgomo esingaqala ngokuzibekela wona, futhi ngani?
4 Njengoba igama libonisa, ukufakaza ngokwethukela akudingi ukuba siqale ingxoxo ngesethulo esihleliwe noma ngomBhalo othile. Singase sikuthole kuwusizo ukuba nomgomo wokumane siqale ingxoxo ngaphandle kokuba nomuzwa wokuthi kufanele sishumayele ngaleso sikhathi. Abamemezeli abaningi babika ukuthi ukuthatha lesi sinyathelo kubenza babe nokuzethemba okudingekayo ukuze bagcine bethule izindaba ezinhle. Uma umuntu engafuni ukuxoxa, asikho isidingo sokumphoqa. Mane ugoqe ingxoxo udlule.
5. Yini esiza udade othile onamahloni ukuba afakaze ngokwethukela?
5 Lapho ethenga emakethe, udade othile onamahloni uqala ngokumbuka umuntu abese emomotheka ngobungane. Uma umuntu naye emomotheka, ube esebeka amazwi kafushane. Uma umuntu esabela kahle, lokhu kunika lo dade isibindi sokuqhubeka nengxoxo. Uyalalelisisa azame ukuqonda ukuthi yini engathakazelisa lowo muntu ngezindaba ezinhle. Ngokusebenzisa le ndlela, uhambise izincwadi eziningi futhi waze waqala nesifundo seBhayibheli.
6. Singayiqala kanjani ingxoxo esimweni esingahleliwe?
6 Ukuqala Izingxoxo: Yini esingayisho ukuze siqale ingxoxo? Lapho uJesu exoxa nowesifazane emthonjeni, waqala ngokumane nje acele ukuba amphuzise. (Joh. 4:7) Ngakho mhlawumbe singaqala ingxoxo ngokubingelela ngobungane noma ngokubuza umbuzo. Njengoba nixoxa ungase uthole ithuba lokusho okuthile okusekelwe emiBhalweni futhi mhlawumbe utshale imbewu yeqiniso. (UmSh. 11:6) Abanye baye baphumelela ngokusho amazwi athakazelisayo enza umuntu abe nelukuluku, afune ukuphendula. Ngokwesibonelo, lapho usalinde ukubona udokotela, ungase uqale ingxoxo ngokusho okulandelayo, “Ngiyojabula uma ngingasaguli.”
7. Ukunaka izinto kungasisiza kanjani ekufakazeni ngokwethukela?
7 Ukunaka izinto nakho kuyosisiza ukuba siqale ingxoxo. Uma sibona umzali onezingane eziziphethe kahle, singase simncome bese sibuza, “Yini ekusize ukuba uphumelele njengomzali?” Udade othile unaka lokho abanye asebenza nabo abaxoxa ngakho, abese ebatshela okuthile okuhambisana nalokho abanesithakazelo kukho. Lapho ezwa ukuthi owesifazane othile emsebenzini wayehlela ukushada, wamnika i-Phaphama! eyayikhuluma ngokuhlela umkhosi womshado. Lokhu kwaholela kwezinye izingxoxo zeBhayibheli.
8. Singazisebenzisa kanjani izincwadi zethu ekuqaleni izingxoxo?
8 Enye indlela yokuqala izingxoxo ingokufunda izincwadi zethu obala. Umzalwane othile uvula isihloko esithakazelisayo kuyi-Nqabayokulinda noma i-Phaphama! abese eqala ukusifunda buthule. Uma eqaphela ukuthi othile eduze ubheke umagazini wakhe, ubuza umbuzo noma asho amazwi ambalwa ngesihloko. Ngokuvamile lokhu kuholela engxoxweni nasekufakazeni. Ukumane ushiye enye yezincwadi zethu obala kungase kuvuse ilukuluku lezinye izisebenzi noma abafundi futhi babuze ngayo.
9, 10. (a) Singawavula kanjani amathuba okufakaza ngokwethukela? (b) Wena ukwenze kanjani lokhu?
9 Ukuvula Amathuba: Ngenxa yokuthi umsebenzi wokushumayela uyaphuthuma, akufanele sibheke ukufakaza ngokwethukela njengokuthile okufanele kwenzeke ngengozi. Kunalokho, kufanele sifune ukuvula amathuba ngokunikeza ubufakazi njengoba senza imisebenzi yethu yansuku zonke. Cabanga kusengaphambili ngabantu ongase uhlangane nabo, bese ucabangela ukuthi ungayiqala kanjani ingxoxo enobungane. Gcina iBhayibheli eduze kanye nezincwadi ongazinika labo ababonisa isithakazelo.—1 Pet. 3:15.
10 Ngokusebenzisa ubuhlakani, abamemezeli abaningi baye bathola izindlela zokuvula amathuba okufakaza ngokwethukela. Udade ohlala esakhiweni okungangeneki kalula kuso usebenzisa indawo yokuzijabulisa kulesi sakhiwo ukuze ahlanganise ama-puzzle anezithombe zemvelo ezinhle. Uma abantu bema baphawule ngesithombe esihle abasibonayo, usebenzisa lelo thuba ukuze aqale ingxoxo, abatshele ngesithembiso seBhayibheli ‘sezulu elisha nomhlaba omusha.’ (IsAm. 21:1-4) Zikhona yini izindlela ozicabangayo ongavula ngazo amathuba okufakaza ngokwethukela?
11. Singasilandelela kanjani isithakazelo esisithola lapho sifakaza ngokwethukela?
11 Ukulandelela Isithakazelo: Uma uthola abantu abalalelayo, zama ukulandelela isithakazelo. Uma kufaneleka, ungase uthi kulowo muntu: “Ngikujabulele ngempela ukuxoxa nawe. Ngingakutholaphi ukuze siphinde sixoxe?” Abanye abamemezeli bamane banike umuntu ikheli nenombolo yabo yocingo, bese bethi: “Ngiyijabulele ingxoxo yethu. Uma ungathanda ukwazi okwengeziwe ngalokhu ebesikuxoxa, nansi indlela ongangithinta ngayo.” Uma ungenakukwazi ukusilandelela mathupha isithakazelo, hlela ukuba ibandla elifanele lenze kanjalo ngokunika unobhala webandla lakini ifomu elithi Siza Ulandelele (S-43) ngokushesha.
12. (a) Kungani kufanele sisibhale phansi futhi sisibike isikhathi esisichitha sifakaza ngokwethukela? (b) Imiphi imiphumela eye yatholakala ngokufakaza ngokwethukela? (Bheka ibhokisi elithi “Ukufakaza Ngokwethukela Kunemiphumela!”)
12 Isikhathi esisichitha sifakaza ngokwethukela kufanele sisibike. Ngakho-ke, qiniseka ukuthi usibhala phansi, ngisho noma kuyimizuzu nje embalwa ngosuku. Cabanga ngalokhu: Ukube bonke abamemezeli bebeshumayela ngokwethukela imizuzu emihlanu usuku ngalunye, lokho bekuyoba amahora ayizigidi ezingu-17 inyanga ngayinye!
13. Yini okufanele isishukumisele ukufakaza ngokwethukela?
13 Sinezizathu ezinhle kakhulu zokufakaza ngokwethukela—uthando ngoNkulunkulu nomakhelwane. (Math. 22:37-39) Izinhliziyo ezigcwele ukwazisa ngezimfanelo ezinhle zikaJehova nezinjongo zakhe zisishukumisela ukuba sikhulume ‘ngenkazimulo yobukhosi bakhe.’ (IHu. 145:7, 10-12) Ukubakhathalela ngobuqotho omakhelwane bethu kusishukumisela ukuba sisebenzise wonke amathuba afanele ukuze sihlanganyele nabo izindaba ezinhle isikhathi sisekhona. (Roma 10:13, 14) Ngokucabanga kusengaphambili nokulungiselela, sonke singakwazi ukufakaza ngokwethukela futhi mhlawumbe sithole injabulo yokwethula iqiniso kothile onenhliziyo eqotho.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
Ungase ukuthole kuwusizo ukuba nomgomo wokumane ubingelele abantu uqale ingxoxo
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
Ngokusebenzisa ubuhlakani, abamemezeli abaningi baye bathola izindlela zokuvula amathuba okufakaza ngokwethukela
[Ibhokisi ekhasini 5]
Ukusikisela Kokuqala Izingxoxo
◼ Thandazela usizo lokuqala ingxoxo
◼ Khetha abantu ababonakala benobungane futhi bengajahile
◼ Buka umuntu emehlweni, umomotheke bese usho okuthile okunganithakazelisa nobabili
◼ Yiba isilaleli esihle
[Ibhokisi ekhasini 6]
Ukufakaza Ngokwethukela Kunemiphumela!
• Lapho esegalaji elinde imoto yakhe eyayilungiswa, umzalwane othile wafakaza kwabanye abantu futhi wabanika izimemo zenkulumo yeningi. Ngemva konyaka emhlanganweni wesigodi, wahlangana nomzalwane ayengamazi owambingelela ngobungane. Kwakungenye yamadoda ayewanike izimemo egalaji ngonyaka odlule! Le ndoda yahamba yayolalela inkulumo yeningi yabe isibhalisela isifundo seBhayibheli. Yona nomkayo base bebhapathiziwe.
• Udade owafunda iqiniso ngokufakaza ngokwethukela ubabheka njengensimu yakhe ekhethekile abantu agcina esebazi ngenxa yezingane zakhe ezintathu. Insimu yakhe ihlanganisa omakhelwane nabazali ahlangana nabo esikoleni nasemihlanganweni yabazali. Njalo uma ezethula kubantu, usho amazwi alula kodwa asuka enhliziyweni abonisa ukuthi iBhayibheli liwusizo olukhulu ekukhuliseni izingane zakhe, abese edlulela kwesinye isihloko. Kodwa njengoba eseyiqalile kakade ingxoxo, ukuthola kulula kakhulu ukufaka iBhayibheli ezingxoxweni ezilandelayo. Ngokusebenzisa le ndlela, usesize abantu abangu-12 baze babhapathizwa.
• Lapho udade othile evakashelwe yisisebenzi somshuwalense, wasebenzisa lelo thuba wafakaza. Wasibuza ukuthi singathanda yini ukuthola isiqinisekiso sempilo enhle, injabulo nokuphila okuphakade. Savuma futhi sabuza ukuthi ukhuluma ngamuphi umshuwalense. Wasibonisa izithembiso zeBhayibheli futhi wasihambisela enye yezincwadi zethu, esayifunda sayiqeda ngobusuku obubodwa. Kwahlelwa isifundo seBhayibheli. Saqala ukuya emihlanganweni futhi kamuva sabhapathizwa.
• Lapho esendizeni, omunye udade waqala ukuxoxa nowesifazane owayeseceleni kwakhe futhi wakwazi ukunikeza ubufakazi. Ekupheleni kohambo, lo dade wanika lona wesifazane ikheli nenombolo yakhe yocingo futhi wamkhuthaza ukuba acele isifundo seBhayibheli ngokuzayo lapho evakashelwa oFakazi BakaJehova. Ngakusasa, lona wesifazane wavakashelwa oFakazi ababili. Waqala ukufunda iBhayibheli, wathuthuka ngokushesha, wabhapathizwa futhi ngemva nje kwalokho wayeseqhuba izifundo zeBhayibheli ezintathu.
• Umzalwane oyimpumputhe oneminyaka eyikhulu ohlala ekhaya lasebekhulile uvame ukuthi, “Siyawudinga uMbuso.” Lokhu kuye kwenza abahlengikazi neziguli babuza imibuzo, okumvulela ithuba lokuchaza ukuthi uyini lo Mbuso. Omunye wabesifazane abasebenza lapho wambuza ukuthi uzokwenzani ePharadesi. Waphendula, “Ngiyobe sengibona futhi ngikwazi nokuhamba, bese ngishisa isihlalo sami sabakhubazekile.” Njengoba eyimpumputhe, ucela lona wesifazane ukuba amfundele omagazini. Lapho lo mzalwane evakashelwe yindodakazi yakhe, lesi sisebenzi sacela imvume yokuya nalab’ omagazini ekhaya. Umhlengikazi watshela le ndodakazi ukuthi, “Isiqubulo sethu esisha kuleli khaya lasebekhulile sithi: ‘Siyawudinga uMbuso.’”
• Udade owayesemgqeni endaweni yokudla wezwa amakhehla athile ayeseduze ekhuluma ngezombusazwe. Indoda ethile yathi uhulumeni akanakuzixazulula izinkinga zethu. Lo dade wacabanga, ‘Nanti ithuba.’ Wenza umthandazo omfushane wayesesondela kuwo. Ngemva kokuzethula, wawatshela ngohulumeni oyoxazulula izinkinga zesintu, uMbuso kaNkulunkulu, futhi wawanika incwajana ayeyiphethe. Ngaso leso sikhathi kwafika umphathisitolo. Udade wayezitshela ukuthi uzomxosha. Kunalokho, wamtshela ukuthi ubelalele futhi naye angayithanda le ncwajana. Esinye isisebenzi esasilalele naso sasondela sikhala izinyembezi. Sasike safundelwa futhi manje sasifuna ukuqhubeka nesifundo.