IBhokisi Lemibuzo
◼ Iziphi izindlela ezingokoqobo esingasiza ngazo amaphayona?
Emhlabeni wonke phakathi nonyaka wenkonzo ka-2009, cishe abazalwane nodade abangaba ngu-800 000 bakhonza njengamaphayona avamile nakhethekile. Lezi zikhonzi zesikhathi esigcwele zidela ulibo lwesikhathi sazo, amandla nezinto zazo ezibonakalayo ukuze zishumayele izindaba ezinhle zoMbuso. (IzAga 3:9) Yeka ukuthi uJehova uzizwa kanjani ngemizamo yazo! Iziphi izindlela esingabonisa ngazo ukuba nombono kaJehova, sinikele enjabulweni yazo nasekukhuthazeleni kule ngxenye yenkonzo?
Ngokuqinisekile amazwi ethu akhethwe kahle angase azikhuthaze ukuba ziqhubeke zikhonza njengamaphayona. (IzAga 25:11) Singasihlela yini isimiso sethu samasonto onke ukuze sikwazi ukusebenza namaphayona enkonzweni? Lapho sisebenza nawo, singase sisikisele ukusebenzisa ezethu izimoto kunezawo. Uma sisebenzisa izimoto zawo, mhlawumbe singanikela ukuze siwasize abhekane nezindleko. (1 Kor. 13:5; Fil. 2:4) Sibonisa nokuwasekela ngothando nangokuwamemela emakhaya ethu ngezinye izikhathi sidle nawo.—1 Pet. 4:8, 9.
ImiBhalo isiqinisekisa ngokuthi uJehova uyozinakekela izidingo zalabo abafuna uMbuso kuqala. (IHu. 37:25; Math. 6:33) Enye indlela akwenza ngayo lokhu ukusebenzisa ubuzalwane bobuKristu obunothando. (1 Joh. 3:16-18) Yiqiniso, amaphayona awanakulindela ukunakekelwa abanye abantu ngokwezimali. Kanti futhi angase angasho lapho edinga okuthile. Kodwa ngokuba abanakayo, singawasiza ngezindlela ezingokoqobo amaphayona athembekile ukuze ‘angantuli.’—2 Kor. 8:14, 15.
Lapho uFibhi, umshumayeli wezindaba ezinhle oshisekayo waseBandleni LaseKenikreya lekhulu lokuqala, eye eRoma, uPawulu wakhuthaza abazalwane baseRoma: ‘Mamukeleni eNkosini ngendlela efanele abangcwele, nokuba nimsize kunoma iyiphi indaba angase anidinge kuyo.’ (Roma 16:1, 2) Ngendlela efanayo, sinethuba lokubasekela ngothando labo abasebandleni lethu abashumayela izindaba ezinhle ngokungayekethisi njengamaphayona avamile nakhethekile.—IzE. 5:42.