IBhokisi Lemibuzo
◼ Kufanele sifunde isikhathi eside kangakanani nomfundi othuthukayo?
Kungcono ukuqhubeka sifunda nomfundi weBhayibheli othuthukayo kuze kube yilapho eseqede izincwadi ezimbili—Lifundisani Ngempela IBhayibheli? nethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu.” Kufanele kube njalo ngisho noma umfundi ebhapathizwa ngaphambi kokuqeda zombili izincwadi. Ngemva kokuba esebhapathiziwe singaqhubeka nokubika isikhathi, izimpindelo nesifundo. Uma sihamba nomunye ummemezeli futhi naye ehlanganyela esifundweni, angasibala isikhathi.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso, ka-March 2009 ikhasi 2.
Kubalulekile ukuba abafundi abasha babe nesisekelo esihle eqinisweni ngaphambi kokuba siyeke ukubafundela. Kudingeka ‘bagxile’ kuKristu futhi ‘basimamiswe okholweni’ ukuze bakwazi ukumelana novivinyo abayobhekana nalo. (Kol. 2:6, 7; 2 Thim. 3:12; 1 Pet. 5:8, 9) Ngaphezu kwalokho, ukuze ufundise abanye ngokuphumelelayo, kufanele ube ‘nolwazi olunembile lweqiniso.’ (1 Thim. 2:4) Ngokufunda izincwadi ezimbili siziqede nesibafundelayo, sibasiza ukuba babe nesisekelo esiqinile ‘endleleni eholela ekuphileni.’—Math. 7:14.
Ngaphambi kokuba abadala bavume ukuba umuntu abhapathizwe, kufanele baqiniseke ukuthi uziqonda ngokucacile izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo nokuthi uphila ngokuvumelana nazo. Abadala kufanele bacophelele ngokukhethekile uma behlola umfundi ongakayiqedi incwadi yokuqala. Uma othile engakulungele ukubhapathizwa, abazalwane bayoqiniseka ukuthi uthola usizo oludingekayo ukuze afanelekele ukubhapathizwa ngokuhamba kwesikhathi.—Bheka ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova, amakhasi 217-218.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 2]
Kubalulekile ukuba abasanda kuhlanganyela babe nesisekelo esihle seqiniso